Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhathazeka Ngokweqile Ngobuhle

Ukukhathazeka Ngokweqile Ngobuhle

Ukukhathazeka Ngokweqile Ngobuhle

UMARIA * ungowesifazane osemusha ophumelelayo futhi uyilungu lomkhaya okhangayo. Noma kunjalo, akajabule. Kungani? Akanelisekile yindlela abukeka ngayo. Yize umkhaya wakubo uzama ukumkhuthaza, uMaria unomuzwa wokuthi umane nje akamuhle, futhi lokhu kumenza acindezeleke.

UJosé uvela emkhayeni ohloniphekayo futhi ubonakala enazo zonke izizathu zokujabula. Kodwa unomuzwa wokuthi akasoze amthola umngane womshado. Ngani? UJosé unomuzwa wokuthi akakhangi, futhi nje mubi. Akangabazi ukuthi akekho owesifazane ongumfazi wangempela oyokhangwa nguye.

ULuis oneminyaka engu-8 uyasithanda isikole futhi ungumuntu wabantu. Uyakujabulela ukudlala nezingane afunda nazo, kodwa ngokuvamile umthola ekhala ngoba ziyamgcona ngokubukeka kwakhe. Zithi ukhuluphele.

Lezi akuzona izenzakalo eziyivela kancane. Ukumane nje sithi uMaria, uJosé, noLuis banenkinga yokuzinyeza kungaba ukuyithatha kancane le ndaba. Iqiniso liwukuthi akekho othanda ukuzizwa ekhishwe inyumbazana ngenxa yokubukeka kwakhe.

Nokho, umphakathi ukugcizelela ngokweqile ukubukeka. Eqinisweni, ngokuvamile ukuphumelela kubonakala kuxhomeke ekubukekeni. Ngokwesibonelo, abantu abakhanga kakhulu babonakala benamathuba athé xaxa emkhakheni wezemisebenzi. UPilar Muriedas, ongomunye wabaqondisi be-Latin-American and CaribbeanWomen’s Health Network, uthi kwabesifazane, “ukuba nomzimba omuhle kungenye yezimfuneko eziyinhloko zokuphumelela.” Futhi, ngokukaDkt. Laura Martínez, abesifazane bazi kahle ukuthi sekukonke “ukubukeka kuneqhaza elikhulu uma kuziwa ekuqashweni.”

Yebo, namadoda amaningi asekhathazeka ngokweqile ngokuba nomzimba “omuhle.” Empeleni, abantu abaningi babo bonke ubulili bazikhandla kakhulu ekuphishekeleni ubuhle, baze bazilambise noma basebenzise izindlela zokwelapha ezibuhlungu ukuze babe nobuso noma umzimba omuhle ngangokunokwenzeka. Ingabe ukuzikhandla ngale ndlela kufanele? Zikhona yini izingozi ezihilelekile?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 Amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 19]

Ukubonakala kwangaphandle kungase kube nomthelela emathubeni umuntu awatholayo