Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlaba Wethu Ohlukunyezwayo

Umhlaba Wethu Ohlukunyezwayo

Umhlaba Wethu Ohlukunyezwayo

NGO-1805, abahloli bamazwe bodumo uMeriwether Lewis noWilliam Clark bafika eMfuleni iColumbia oseSifundazweni sase-U.S.A. namuhla esiyiWashington. * Okwabahlaba umxhwele kakhulu kunomfula ngokwawo kwakuyinala yezinhlanzi zohlobo lwe-salmon ezazikuwo. Encwadini yabo yezenzakalo zosuku nosuku babhala: “Ubuningi balezi zinhlanzi bukushiya ukhexile. Zitshuza ziyizixhobo ezinkulu zehle nomfula, zize zikhukhulekele ogwini kangangokuba amaNdiya avele aziqoqe, azihlinze, abese ezineka ezingodweni.” Yebo, ama-salmon ayemaningi kangangokuba amaNdiya ayewomisa ukuze abase ngawo!

Namuhla isimo sihluke ngokuphelele. Umbiko we-Newsweek uthi: “Sekuyiminyaka engaphezu kweshumi ososayensi beqaphela ukuthi izinhlanzi zidotshwa ngokushesha okukhulu olwandle kunezinga ezizalana ngalo.” Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi eNyakatho Atlantic, amaphesenti angu-90 ezinhlanzi zohlobo lwe-salmon ezitholakala olwandle awasekho.

Kodwa akuzona izinhlanzi kuphela eziphelayo. Izinto ezingokwemvelo, njengezinto zokubasa ezimbiwa phansi, amaminerali, nemikhiqizo yasehlathini, zisetshenziswa ngezinga elishaqisayo. I-World Wildlife Fund ibika ukuthi amaphesenti angu-30 emikhiqizo yomhlaba engokwemvelo aphela phakathi kuka-1970 no-1995. Ukuqongelelwa kabi kwemikhiqizo yomhlaba ngokuvamile kuyinkemba esika nhlangothi zombili, ngoba izinqubo ezisetshenziswayo zingacekela phansi imvelo.

Abanye abantu bathi njengoba kungumuntu obangele lezi zinkinga, angazixazulula. Ngokwesibonelo, eminyakeni yamuva nje ukungcoliswa komoya kuye kwancipha emadolobheni amaningi anezimboni. Ingabe le nhlansi yethemba ibonisa ukuthi isintu sisethubeni lokulawula lesi simo?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 ULewis noClark babethunyelwe ukuba bayohlola bese bedweba ibalazwe lendawo eyayisanda kuthengwa entshonalanga yoMfula iMississippi.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

© Kevin Schafer/CORBIS