Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuba Umngane KaNkulunkulu

Indlela Yokuba Umngane KaNkulunkulu

Indlela Yokuba Umngane KaNkulunkulu

◼ Yilokho incwajana enamakhasi angu-32 ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! esifundisa kona. Izihloko zayo ezikhangayo zihlanganisa esithi “UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe” nesithi “UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo.” Le ncwajana iklanyelwe ukusiza umfundi ukuba afunde izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo.

Esihlokweni esithi “Abangane BakaNkulunkulu Bayophila EPharadesi,” le ncwajana iyichaza ngokucacile injongo kaNkulunkulu ngomhlaba wethu. Kodwa, ukuze sijabulele iPharadesi elithenjiswa iBhayibheli, kumelwe sifunde ukuthi uNkulunkulu ufuna simkhulekele kanjani. Isifundo esinjengesithi “Indlela Yokuthola Inkolo Yeqiniso” nesithi “Shiya Inkolo Yamanga!” ziyokusiza ukuba ube umngane kaNkulunkulu futhi ujabulele ukwamukelwa nguye. Siyaqiniseka ukuthi uyokuthola kuzuzisa ukufunda le ncwajana.

Ukuze uthole ikhophi, mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu!

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.