Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Kuyisihluthulelo Sekusasa Lakho?

Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Kuyisihluthulelo Sekusasa Lakho?

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Kuyisihluthulelo Sekusasa Lakho?

UNGAKUTHUTHUKISA kanjani ukuphila kwakho futhi uphumelele lapho ufuna imali kanye nomuntu ozokuthanda? Abantu abaningi baphendukela ekufundweni kwezinkanyezi ukuze bathole impendulo. Nsuku zonke izigidi zifunda izinkanyezi emaphephandabeni zinethemba lokuthuthukisa amathuba azo empumelelo. Kuyaziwa ukuthi ngisho nabaholi bezwe benza izinqumo zabo ngosizo lwezinkanyezi.

Ingabe singakwethemba ukufundwa kwezinkanyezi? Abafundi bezinkanyezi bazenza kanjani izibikezelo zabo? Ingabe amaKristu kufanele avumele izindikimba zasezulwini zilawule indlela aphila ngayo?

Kuyini Ukufunda Izinkanyezi?

Ngokwe-World Book Encyclopedia, ukufunda izinkanyezi “kusekelwe enkolelweni yokuthi izindikimba zasezulwini zima ngendlela engase yembule ubuntu bomuntu noma ikusasa lakhe.” Abafundi bezinkanyezi bathi ukuma kwamaplanethi nezimpawu zezinkanyezi lapho umuntu ezalwa kungathonya inkambo yakhe yokuphila. * Ukuma kwalezi zindikimba zasezulwini nganoma isiphi isikhathi kuthiwa i-horoscope.

Ukukholelwa ekufundweni kwezinkanyezi kusukela endulo. Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezine edlule, abaseBhabhiloni baqala ukubikezela ikusasa ngokuma kwelanga, inyanga namaplanethi amahlanu agqame kunawo wonke. Babethi lezi zindikimba zasezulwini zinamandla athile athonya indlela abantu abaziphatha ngayo. Kamuva basebenzisa nezimpawu zokuma kwezinkanyezi lapho benza izibikezelo.

Umlando Omude Wokwehluleka

IBhayibheli libonisa ukuthi ukufunda izinkanyezi kwaqala eBhabhiloni, futhi likhuluma kaningana ngabafundi bezinkanyezi baseBhabhiloni. (Daniyeli 4:7; 5:7, 11) Ezinsukwini zomprofethi uDaniyeli, ukufunda izinkanyezi kwakugcwele eKhalediya (eBhabhiloniya) kangangokuba igama elithi “amaKhaledi” lalisetshenziselwa ukuchaza abafundi bezinkanyezi.

UDaniyeli akazange nje agcine ngokubona ukuthi ukufunda izinkanyezi kwakunethonya eBhabhiloni kodwa wabona nokwehluleka kwabafundi bezinkanyezi bakhona ukubikezela ukuwa kwalo muzi. (Daniyeli 2:27) Phawula ukuthi yini umprofethi u-Isaya ayeyibikezele ngokunembile emakhulwini amabili eminyaka ngaphambi kwalokho. Ekhuluma ngokugcona, u-Isaya wabhala: “Abafundi bakho bezinkanyezi mabasondele bakusindise—labo bantu abafunda izinkanyezi, ababheka ukuma kwezindikimba zezulu futhi bakutshele ukuthi uyokwehlelwa yini inyanga nenyanga. Ngeke bakwazi ngisho nokuzisindisa kwabona.”—Isaya 47:13, 14, Today’s English Version.

Kusobala ukuthi abafundi bezinkanyezi baseBhabhiloni abakwazanga ukubikezela ukuwa komuzi wakubo ngisho nalapho sekusele amahora ambalwa nje ukuba kwenzeke. Futhi lapho isahlulelo esibi sikaNkulunkulu sibonakala odongeni esigodlweni seNkosi uBhelishazari, abafundi bezinkanyezi behluleka ukufunda lowo mbhalo oyimfihlo.—Daniyeli 5:7, 8.

Nanamuhla abafundi bezinkanyezi basahluleka ukubikezela izenzakalo ezivelele. Ngemva kokuhlola izibikezelo eziqondile ezingaphezu kuka-3 000 ezenziwa abafundi bezinkanyezi, abacwaningi bezesayensi uR. Culver noPhilip Ianna baphetha ngokuthi amaphesenti ayishumi kuphela kuzo ayenembile. Noma imuphi umhlaziyi onolwazi angenza izibikezelo ezingcono kunalokho.

Kungqubuzana Nezimfundiso ZeBhayibheli

Nokho, abaprofethi abangamaHebheru abazange benqabe ukufunda izinkanyezi ngenxa nje yokuthi kwakusobala ukuthi kuyehluleka ukubikezela ikusasa ngokunembile. UMthetho uNkulunkulu awunika uMose wawuxwayisa ama-Israyeli ngokuqondile ukuba agweme ukufuna amabika. UMthetho wawuthi: “Akufanele kutholakale kuwe . . . noma ubani obhulayo . . . nanoma ubani ofuna amabika. . . . Wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.”—Duteronomi 18:10, 12.

Nakuba lowo mbhalo ungakhulumi ngokuqondile ngokufunda izinkanyezi, kusobala ukuthi umthetho wawumelene nalo mkhuba. I-Encyclopædia Britannica ithi ukufunda izinkanyezi “kuwuhlobo lokubhula olugxile ekubikezeleni izenzakalo zasemhlabeni nezokuphila kwabantu ngokubheka nangokuchaza ukuma kwezinkanyezi, iLanga, iNyanga namaplanethi.” Zonke izinhlobo zokubhula—kungakhathaliseki ukuthi kusetshenziswa izinkanyezi noma ezinye izinto—zingqubuzana neziqondiso zikaNkulunkulu. Ngani? Kunesizathu esizwakalayo salokho.

Esikhundleni sokuba lithi impumelelo noma ukuhluleka kwethu kubangelwa yizinkanyezi, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu ngezenzo zakhe, ngoba siyizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela. (Duteronomi 30:19, 20; Roma 14:12) Kuyiqiniso ukuthi singase sehlelwe ingozi noma sigule ngenxa yezenzakalo ezingaphezu kwamandla ethu. Kodwa imiBhalo ichaza ukuthi izinhlekelele ezinjalo zibangelwa “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile,” hhayi ukuma kwezinkanyezi.—UmShumayeli 9:11.

Uma kuziwa ebuhlotsheni nabanye abantu, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sembathe izimfanelo ezinjengozwela, umusa, ukuthobeka, ubumnene, ukubekezela nothando. (Kolose 3:12-14) Lezi zimfanelo ziyisihluthulelo sokwakha ubuhlobo obuhlala njalo nemishado eqinile. “Ukufanelana kwemibhangqwana okuvezwa yizinkanyezi” akusona isiqondiso esinokwethenjelwa sokukhetha umngane womshado. Isazi sokusebenza kwengqondo uBernard Silverman sahlaziya ukuma kwezinkanyezi ngezinsuku zokuzalwa zemibhangqwana engaba ngu-3 500, engamaphesenti angu-17 kuyo eyase ihlukanisile ngaleso sikhathi. Asizange sithole izinga eliphansi lesehlukaniso kulabo ababeshade nomuntu ‘ofanelana nabo ngokwalokho okuvezwa yizinkanyezi.’

Ngokusobala, asinakuthembela ekufundweni kwezinkanyezi futhi kuyadukisa. Kungasenza simangalele izinkanyezi kunokuba sizithwese icala thina ngokwethu lapho senza amaphutha. Ngaphezu kwakho konke, iZwi likaNkulunkulu likulahla ngokucacile.

[Umbhalo waphansi]

^ Izimpawu zezinkanyezi zingamaqoqo angu-12 ezindikimba zasezulwini asetshenziswa abafundi bezinkanyezi.