Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ungakhululeka Ekwesabeni?

Ingabe Ungakhululeka Ekwesabeni?

Ingabe Ungakhululeka Ekwesabeni?

INGABE ukhona umuntu ophila ezweni lanamuhla eliyingozi ongakhululeka ngokuphelele ekwesabeni? Lutho neze. Ngisho nabantu abanokholo kuNkulunkulu babhekana nezingozi ezibangela ukukhathazeka. Ngokwesibonelo, ekhulwini lokuqala C.E., umphostoli uPawulu owayehambela izindawo ezihlukahlukene wachaza ukuthi waphukelwa umkhumbi, wabhekana nezingozi emifuleni, ezinswelaboyeni nasemzini. (2 Korinte 11:25-28) Ngokufanayo nanamuhla, iningi lethu libhekana nezimo eziyingozi.

Nokho, singathatha izinyathelo ezihlakaniphile zokuphepha, futhi ngokunciphisa izingozi esichayeka kuzo, singadambisa nokukhathazeka. IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Iziphi ezinye zezinyathelo eziwusizo umuntu angazithatha?

Ukuthatha Izinyathelo Zokuphepha

Kuyathakazelisa ukuthi nakuba iBhayibheli labhalwa endulo, liqukethe izimiso eziningi ezisasebenziseka ekugwemeni izingozi namuhla. Ngokwesibonelo, lithi: “Ngokuqondene nanoma ubani ohlakaniphile, amehlo akhe asekhanda lakhe; kodwa oyisiphukuphuku uqhubeka ehamba ebumnyameni bodwa.” (UmShumayeli 2:14) Kunengqondo ukuqaphela ukuthi obani abakuzungezile futhi ugweme izindawo ezimnyama uma kungenzeka. Mhlawumbe ungasebenzisa imigwaqo enezibani lapho uya ekhaya, ngisho noma kungase kusho ukuhamba ibanga elijana. IBhayibheli libuye lithi: “Ababili bangcono kunoyedwa . . . Uma othile engase akwazi ukuhlula umuntu oyedwa kuphela, ababili ndawonye bangase bakwazi ukumelana naye.” (UmShumayeli 4:9, 12) Uma uhlala endaweni eyingozi, ungakwazi yini ukuhlela ukuba othile akuphelezele lapho uya ekhaya?

Uma ubanjwa yisigebengu, kuwukuhlakanipha ukukhumbula ukuthi ukuphila kuyigugu ngaphezu kwezimpahla onazo. (Mathewu 16:26) Kubalulekile nokukhumbula ukuthi lapho isixuku sibuthana ngoba sifuna ukuveza intukuthelo yaso, siba yingozi futhi singenza noma yini noma nini.—Eksodusi 23:2.

Uma uhlushwa othile okhuluma amazwi asikisela ukuziphatha okubi, okutshela amahlaya angcolile, noma ozama ukukuthinta, kungcono kakhulu ukuba umvimbe ngokuqinile. Kungase kudingeke ukuba ubaleke, njengoba kwenza uJosefa lapho ebanjwa owesifazane owayeziphethe kabi. “Wabalekela ngaphandle.” (Genesise 39:12) Uma ingekho indlela yokubaleka, ungase uthi: “Awungiyeke!” noma “Ungangithinti!” noma “Angiyithandi indlela okhuluma ngayo.” Uma kungenzeka, gwema izindawo lapho abantu bevame ukuhlukunyezwa khona.

Ukunqoba Ukwesaba Lapho Usekhaya

Yini ongayenza uma wesaba umyeni onobudlova? Kungase kube ukuhlakanipha ukuba nesu lokubaleka uma kwenzeka ukuziphatha komyeni wakho kusongela impilo noma ukuphila kwakho noma okwabantwana bakho kungazelelwe. * IBhayibheli lilandisa indlela uJakobe azilungiselela ngayo ngokucophelela isu lokubaleka uma kwenzeka umfowabo u-Esawu eba nobudlova. Nokho, akudingekanga ukuba lelo lisu lisetshenziswe, kodwa laliyisinyathelo sokuhlakanipha. (Genesise 32:6-8) Isu lokubaleka lingase lihlanganise ukuthola othile ongakukhoselisa uma kunesimo esiphuthumayo. Ungase uxoxe kusengaphambili nalowo muntu ukuthi yini ongase uyidinge. Kutuswa ukuba ubeke izincwadi ezibalulekile nezinye izinto ezisemqoka eduze.

Ungase ukhethe nokubikela abomthetho ukuthi umyeni wakho uyakuxhaphaza futhi ufune isivikelo kubo. * IBhayibheli lifundisa ukuthi bonke abantu kumelwe babhekane nemiphumela yezenzo zabo. (Galathiya 6:7) Lapho likhuluma ngegunya likahulumeni, iBhayibheli lithi: “Liyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe ukuze uzuze. Kodwa uma wenza okubi, yesaba.” (Roma 13:4) Ukuhlaselwa ekhaya nokuhlaselwa emgwaqweni kuyefana, kuwubugebengu obungathí sina. Emazweni amaningi ngisho nokulandelela umuntu kuwubugebengu.

Ukuthatha izinyathelo esesikhulume ngazo kungase kudambise ukwesaba ngezinga elithile. Kodwa iBhayibheli aligcini nje ngokunikeza iseluleko esiwusizo. Aliyona nje incwadi yokuzisiza. Liyincwadi yesiprofetho esiyiqiniso esembula lokho uNkulunkulu akwenzayo manje nasazokwenza esikhathini esizayo. IBhayibheli libanika liphi ithemba abantu abaphoqeleka ukuba baphile ngokwesaba?

Lokho Okushiwo Yilesi Simo Sokwesaba

Kuyaphawuleka ukuthi umphostoli uPawulu wabhala: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, . . . abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle.” (2 Thimothewu 3:1-3) Yeka ukuthi lawo magama achaza izikhathi ezisabisa kangakanani!

Lapho uJesu ekhuluma ‘ngesiphelo sesimiso sezinto,’ wathi: “Isizwe siyovukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; futhi kuyoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, futhi ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe nokusweleka kokudla; kuyoba khona imibono eyesabekayo, nasezulwini kube khona izibonakaliso ezinkulu.” (Mathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:10, 11) Ngakho-ke, “imibono eyesabekayo” esiye sayibona futhi enesandla esimweni sokwesaba esikhona manje akufanele isimangaze. Kodwa isho ukuthini?

UJesu wathi: “Lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:31) Esikhathini sethu, singalindela uhulumeni kaNkulunkulu ukuba ubuse sonke isintu usezulwini. (Daniyeli 2:44) Kuyoba njani ukuphila ngaleso sikhathi?

Ukukhululeka Ekwesabeni!

IBhayibheli lichaza isikhathi esizayo esinokuthula lapho kuyophela khona izimpi, abantu ababi beyobe bengasekho nalapho umhlaba uyogcwala abantu abathanda uNkulunkulu. UPetru, umphostoli kaJesu, wabhala ‘ngosuku oluzayo lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ Kuyobe kungenamuntu omubi esiyomesaba ngoba emhlabeni “kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:7, 9, 13) Ake ucabange ngempumuzo yokuphila nabantu abathembekile abathandana ngempela! Leli themba lisisiza ukuba sibe nombono ofanele ngezikhathi eziyingozi esiphila kuzo. Ngeke ziqhubeke unomphela.—IHubo 37:9-11.

Ekhuluma ngalokho okuyozuzwa yilabo abakhathazekile, umprofethi kaJehova watshelwa: “Thanini kulabo abakhathazekile enhliziyweni: ‘Yibani namandla. Ningesabi. Bhekani! UNkulunkulu wenu uyoza enempindiselo, uNkulunkulu uyoza nanembuyiselo. Yena ngokwakhe uyofika anisindise.’” (Isaya 35:4) Ngakho, izinceku zikaNkulunkulu weqiniso zingabheka ikusasa ngokuqiniseka. (Filipi 4:6, 7) Kubantu abaye baphila ngokwesaba, kuyaduduza kakhulu ukwazi ukuthi uJehova akayilahlanga injongo yakhe yasekuqaleni yokuba umhlaba ugcwaliswe abantu abamaziyo nababonakalisa izimfanelo zakhe zothando.—Genesise 1:26-28; Isaya 11:9.

Siyazi ukuthi akukho okuvimbela uJehova ukuba angazigcwalisi izinjongo zakhe zothando ngesintu. (Isaya 55:10, 11; Roma 8:35-39) Uma sikuqonda lokhu, amazwi eHubo 23 elaziwayo aba abaluleke ngokukhethekile. Lapho, siyafunda: “UJehova unguMalusi wami. . . . Uqabula umphefumulo wami. Ungihola emikhondweni yokulunga ngenxa yegama lakhe. Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami.” (IHubo 23:1-4) Nakuba lezi zikhathi ezisabisayo zingase zibe zimbi nakakhulu, izwe elingenakwesaba liseduze futhi lizofika ngokuqinisekile.

[Imibhalo yaphansi]

^ Ukuthi yiziphi izimo okungase kuvumelane nezimiso zeBhayibheli kuzo ukuba umuntu ahlale ngokwahlukana nomngane womshado, bheka i-Phaphama! ka-February 8, 2002, ikhasi 28.

^ Ngokuqondene nezisulu zobudlova basekhaya, bheka i-Phaphama! ka-November 8, 2001, amakhasi 3-12 ne-Phaphama! ka-February 8, 1993, amakhasi 3-14.

[Izithombe ekhasini 8-10]

Maduzane uNkulunkulu uzoletha izwe elingenakho ukwesaba