Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihloko Esidala Sithinta Izinhliziyo

Isihloko Esidala Sithinta Izinhliziyo

Isihloko Esidala Sithinta Izinhliziyo

ESIKOLENI esithile eSuwałki, enyakatho-mpumalanga yePoland, uthisha watshela abafundi ukuba balungiselele ingxoxo ephathelene nokukhishwa kwezisu. UJustyna oneminyaka engu-16 waqoqa ukwaziswa ezincwadini zoFakazi BakaJehova. Ngosuku lwengxoxo, uthisha wanika abafundi ithuba lokuba baveze imibono yabo.

UJustyna uthi: “Ngaya kuthisha ngambonisa isihloko esithi ‘Izenzakalo Zezinsuku Zomntwana Ongakazalwa,’ esikuyi-Phaphama! ka-November 8, 1980.” UJustyna watshela uthisha wakhe: “Ngicela uqaphele ukuthi iveza umbono wengane, esewumbungu, ezobulawa ingakazalwa. Ngicabanga ukuthi ithakazelisa kakhulu.” Uthisha waqala ukusifunda ngokuzwakalayo lesi sihloko. Abafundi babethule cwaka, bonke belalele ngokucophelela.

Engakafundi ngisho nengxenye yalesi sihloko, uthisha akabange esakwazi ukuqhubeka, wacela umfundi ukuba aqhubeke nokufunda. Uthisha wahlala phansi waqala ukukhala. Ngemva kokuba sesifundiwe, kwalandela ingxoxo ethakazelisayo, futhi abanye abafundi bacela ikhophi yalesi sihloko. “Bonke abafundi bashintsha isimo sabo sengqondo ngokuphathelene nezincwadi ezishicilelwa oFakazi BakaJehova,” kusho uJustyna. “Ngaphambi kwalokho babenombono ongemuhle, kodwa manje lokho kwase kushintshile. Omunye umfana waqala ukufunda i-Phaphama! njalo.”

Njengoba uJustyna asebenzisa ngempumelelo isihloko se-Phaphama! esasesineminyaka engu-20 sabhalwa, nawe ungathola “isikhwama esigcwele ukuhlakanipha” komagazini abadala. (Jobe 28:18) Lapho uye eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, ungase uhlole inqwaba yemiqulu ye-Phaphama! etholakala emashalofini okugcina izincwadi. Uyokuthokozela ukufunda izihloko ezizuzisayo ezingaphelelwa yisikhathi. Ungazitholela ikhophi esanda kuphuma ye-Phaphama! koFakazi BakaJehova endaweni yakini.

[Isithombe ekhasini 18]

UJustyna ngesikhathi esafunda esikoleni