Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Ngithambekele Kubantu Abangalungile?

Kungani Ngithambekele Kubantu Abangalungile?

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Ngithambekele Kubantu Abangalungile?

“Ngangazi ukuthi akumelwe ngijwayelane ngokweqile naye, kodwa ngakuvumela lokhu ukuba kwenzeke. Ngangingakholwa ukuthi umuntu wesilisa angafuna ukuchitha isikhathi nami.”—UNancy. *

“Ngangiziyela ngedwa esikhungweni sokushwibeka, futhi ngaqala ukuba nobudlelwano njalo ‘nabangane’ engangibathole lapho. Ngokushesha, ngase ngiphila ukuphila okungcolile.”—UDan.

BOBABILI uNancy noDan baba nesiqalo esihle kakhulu ngokomoya. UNancy wakhuliswa umkhaya owesaba uNkulunkulu, futhi waqala ukuhlanganyela ukholo lwakhe nabanye eneminyaka engu-9. UDan wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele esemncane. Kodwa bobabili bake baphazamiseka ekuphileni kwabo okungokomoya. Kungani? Bazihlanganisa nabantu abangalungile.

Wake wazithola ngokungazelelwe uthambekela kumuntu owazi kahle enhliziyweni yakho ukuthi uyithonya elibi kuwe? Lo muntu kungenzeka wawufunda naye esikoleni futhi nithanda izinto ezifanayo—noma ungumuntu othile wobulili obuhlukile owawuzizwa unemizwa yothando ngaye.

Kungenzeka wakhumbula iseluleko seBhayibheli: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Kodwa ingabe bonke abantu abangamkhulekeli uJehova babi? Kuthiwani uma benezimfanelo ezithandekayo, mhlawumbe ngisho nezifiselekayo imbala? Kuthiwani-ke ngomuntu esikholwa naye kodwa obeka isibonelo esibi ngokomoya? Ngaphambi kokuba siphendule le mibuzo, ake sihlole ukuthi kungani abantu benokuthambekela okunje nokuthi lokhu kungabangelwa yini.

Yini Ebenza Bakhange?

Njengoba bonke abantu benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, kulindelekile ukuba nabanye abangamazi uJehova babonakalise izimfanelo ezinhle. Ngenxa yalokho, abanye ungase ubabone behlonipheka, bethandeka nokuthandeka, yize bengamkhulekeli uNkulunkulu weqiniso. Ingabe kumelwe ubaxwaye abanjalo ngenxa nje yokuthi abajwayelene namaqiniso eBhayibheli? Cha. Uma iBhayibheli liseluleka ukuba ‘senze okuhle kubo bonke,’ lokhu kuhlanganisa nalabo abangahlanganyeli izinkolelo zakho zobuKristu. (Galathiya 6:10) Ukucophelela ekukhetheni abangane bakho abaseduze akusho ukuthi kumelwe uzenze ongcono kunabanye. (IzAga 8:13; Galathiya 6:3) Ukuziphatha okunjalo kunganikeza isithombe esibi ngezinkolelo zakho zobuKristu.

Nokho, enye intsha engamaKristu iye yenza okungaphezu nje kokuba nobuntu; kodwa iye yakha ubuhlobo obuseduze nabathile abanesithakazelo esincane noma abangenaso nhlobo isithakazelo ezintweni ezingokomoya. UDan, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayesechwepheshile emdlalweni wokushwibeka. Abantu aqala ukuba nobudlelwano nabo njalo esikhungweni salo mdlalo babengewona amaKristu. Ngokuhamba kwesikhathi, uDan wahlanganyela “nabangane” bakhe abasha ekuziphatheni okubi nasekusebenziseni izidakamizwa. Lapho ebona ukuthi indlela yakhe yokuphila yayingasafanelani neyobuKristu, uDan walahla inkonzo yakhe wayeka nokuya emihlanganweni yebandla. Kwaphela iminyaka eminingana ngaphambi kokuba athole amandla okwenza ushintsho olufanele ukuze abuyele ekukhulekeleni kweqiniso.

UMelanie wajwayelana nomKristu owayebuthakathaka ngokomoya. “Ngatshelwa ukuthi wayedinga isikhuthazo, ngakho-ke ngaqala ukuba nobudlelwano naye,” kuchaza uMelanie. Kuyiqiniso, iBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ‘asekele ababuthakathaka.’ (1 Thesalonika 5:14) Kodwa uMelanie waqala ukuya nomngane wakhe ezindaweni zokuphuza utshwala, lapho ubudlelwano babo obuqhubekayo baholela ekuziphatheni okuyihlazo.

Indima Yomkhaya

Isimo somkhaya singaba nomthelela ekutheni abantu abanjani abakukhangayo. UMichelle wayezibuza ukuthi kungani yena njalo ayekhangwa abafana abangenayo impatho. Waphetha ngokuthi babemkhumbuza uyise angazange azizwe esondelene naye futhi ongazange abe nesikhathi sakhe. Ukholelwa ukuthi wayesejwayele ukufuna ukwamukelwa nokunakwa umuntu ongangeneki kangangokuba wayezizwa ekhangwa ubuhlobo obunjalo engahlosile.

Ngokuphambene, osemusha okhuliswe abazali abangamaKristu angaba nelukuluku lokufuna ukwazi ukuthi abanye baphila kanjani, enomuzwa wokuthi abazali bakhe bamvikela ngokweqile. Kungakhathaliseki ukuthi osemusha unaleyo mizwa noma akanayo, ingabe ukuzihlanganisa ‘nabangane bezwe’ kuyisisombululo sale nkinga? (Jakobe 4:4) Cabanga ngokwenzeka kuBill.

Nakuba umama wakhe amfundisa imiBhalo kusukela ebuntwaneni, uBill wakhetha ukungazinikezeli kuJehova, enomuzwa wokuthi lokho kwakuzolinganisela inkululeko yakhe. Efuna ukuzitholela ngokwakhe ukuthi kunjani ukuphila ngaphandle kobuKristu beqiniso, waqala ukuzihlanganisa neqembu lezigilamkhuba okwamholela ekuphileni impilo yezidakamizwa, ubudlova kanye nobugebengu. Walimala lapho ehujwa amaphoyisa ngemoto futhi kwaphela izinyanga eziningi equlekile. Odokotela babenomuzwa wokuthi uzokufa. Ngokujabulisayo, uBill walulama. Kodwa useyimpumputhe futhi ukhubazekile. Wafunda kanzima, manje ungumKristu ozinikezele. Kodwa uBill uye wabona ukuthi ukufunda ngale ndlela enzima kungaba nemiphumela ehlala njalo.

Amanye Amathonya

Ngezinye izikhathi imithombo yezokuzijabulisa ithonya imibono yentsha mayelana nokuthi unjani umngane okahle. Ngokwesibonelo, izincwadi, izinhlelo zethelevishini, amabhayisikobho kanye nama-video omculo kuvame ukuveza iqhawe elibonakala linokhahlo ekuqaleni noma ulaka kodwa ngokuhamba kwesikhathi libe nesihawu. Lokhu kunikeza isithombe sokuthi abantu abanonya futhi abazidlayo, empeleni kungenzeka ukuthi banozwela futhi bayanakekela. Ngaphezu kwalokho, imithombo yezokuzijabulisa ingadlulisela umbono wokuthi umngane omuhle, ngokuvamile ongowobulili obuhlukile, uyilokho okudingekayo ukuze kuvele lezi zimfanelo ezinhle. Yiqiniso, injongo yalokhu iwukuthengisa. Ucabanga ukuthi la maphupho othando afezeka kangakanani ekuphileni kwangempela? Ngokudabukisayo, enye intsha iye yakhohliswa yile ndlela engalungile yokucabanga yaba abangane––futhi yaze yashada—nabantu abazifunela okwabo futhi abanobudlova, ngemva kwalokho yalindela ngokuyize ukuba lowo muntu “ashintshe” abe onomusa.

Cabanga ngesinye futhi isizathu esenza abanye bakhangwe abantu abangalungile: Bazibona bengathandeki futhi ngenxa yalokho bamukela noma ngabe ubani obonakala enesithakazelo kubo. UNancy, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayazi ukuthi iBhayibheli lithini ngokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Kodwa, wayelokhu ezibheka njengomuntu ongakhangi futhi ngenxa yalokho wajabula lapho eshelwa othile asebenza naye ongahlanganyeli izinkolelo zakhe. Waqala ukuqomisana naye futhi kwasala kancane ukuba awele ekuziphatheni okubi ngokobulili.

Njengoba okuhlangenwe nakho okungenhla kubonisa, kunezizathu eziningi ezingenza ukuba osemusha ongumKristu athambekele kubantu abayingozi—futhi kubonakala kunezindlela eziningi zokwenza ukwakha ubuhlobo obuseduze nabanjalo kubonakale kungenangozi. Noma kunjalo, ngokuqinisekile ubuhlobo obunjalo buletha imiphumela ecindezelayo neyinhlekelele. Ngani?

Amandla Obungane

Iqiniso liwukuthi, umuntu uba njengabangane bakhe. Ngale ndlela labo esichitha nabo isikhathi banamandla nethonya elikhulu kithi. IzAga 13:20 zibonisa ukuthi la mandla angazuzisa noma alimaze: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Njengabantu abahamba ndawonye emotweni, abangane abaseduze bahamba ngendlela efanayo futhi bafike endaweni efanayo. Ngakho zibuze: ‘Ingabe indlela umngane wami ahamba ngayo iholela lapho ngifuna ukuya khona? Ingabe iyongisondeza emigomweni yami engokomoya?’

Kuyiqiniso, kungaba nzima ukuzihlola ngokwethembeka. Kungenzeka kuhileleké imizwa ejulile. Kodwa ingabe ungathembela emizweni nje kuphela lapho ukhetha abangane? Abantu abaningi namuhla banomuzwa wokuthi kungcono kakhulu ukwenza lokho okusenhliziyweni. Kodwa izAga 28:26 zithi: “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku.” Ngani? Ngoba “inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba.” (Jeremiya 17:9; Numeri 15:39) Ukukhohlisa kusho ukungathembeki noma ukuba namanga noma ukuphamba. Ungamethemba yini umuntu odume ngokuba umkhohlisi futhi oyimbuka? Inhliziyo yethu engokomfanekiso ingaphambuka. Ngakho-ke, ubuhlobo ngeke kuthiwe buyazuzisa ngenxa nje yokuthi imizwa ithi bulungile.

Isiqondiso esinokwethenjelwa ngempela yiZwi likaNkulunkulu. Ngokungafani nenhliziyo yakho engaphelele, izimiso zeBhayibheli ngeke nanini zikukhohlise noma zikudumaze. Izimiso zeBhayibheli zingakusiza kanjani ukuba uthole ukuthi umuntu othile angaba umngane omuhle yini? Futhi ungakugwema kanjani ukukhetha okuyinhlekelele lapho ukhetha umngane wokuphila kwakho konke—umngane womshado? Le mibuzo izocatshangelwa esihlokweni sesikhathi esizayo.

[Umbhalo waphansi]

^ Amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 12]

Imithombo yezokuzijabulisa ingathonya indlela esibheka ngayo umngane wangempela