Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubuhle Beqiniso Bangiholela KuMdali

Ubuhle Beqiniso Bangiholela KuMdali

Ubuhle Beqiniso Bangiholela KuMdali

NJENGOBA ILANDISWA NGUTSUYOSHI FUJII

EMINYAKENI eminingi edlule, nganikezwa ithuba eliyivelakancane. Ngangizolungisa izimbali zekamelo elihle kakhulu leSigodlo Sobukhosi eTokyo, eJapane, njengomsizi kaSenei Ikenobo, umphathi wesikole i-Ikenobo sokulungisa izimbali. Sasebenza siqashwe ngeso elibukhali. Kulesi simo esishubile, ngaqikelela ukuba ngingachithi ngisho iconsi lamanzi. Lesi esinye sezenzakalo ezivelele emsebenzini wami wokulungisa izimbali. Ake ngichaze ukuthi ngangena kanjani kulo msebenzi.

Ngazalwa ngo-1948 eNishiwaki City, esenyakatho-ntshonalanga yeKobe, eJapane. Kusukela ebuntwaneni ngangihlatshwa umxhwele ubuhle obushintshashintshayo bezinkathi ezine zonyaka obabubonakala ezimbalini. Nokho, ngakhuliswa ugogo owayengumBuddha ozinikele, ngakho-ke umcabango wokuthi kukhona uMdali awuzange ufike engqondweni yami.

Umama wayefundisa futhi namanje usafundisa i-ikebana, noma ukulungiswa kwezimbali edolobheni lakithi. EJapane, i-ikebana, eyaziwa nangokuthi i-kado (indlela yokulungisa izimbali), umkhakha ohlonishwa kakhulu. Nakuba umama engazange angifundise lo msebenzi, kodwa waba nethonya elikhulu kimi. Lapho sekufike isikhathi sokuba nginqume ukuthi yini engifuna ukuyenza ngekusasa lami, ngafuna ukufundela i-ikebana. Uthisha wami kanye nomama basikisela umkhakha waseyunivesithi ejwayelekile, kodwa ngokungananazi ngakhetha i-Ikenobo College. I-Ikenobo uhlobo oludala kunazo zonke izinhlobo zemfundo ye-ikebana eJapane. Ngemva kokwamukelwa khona, ngayifunda ngokukhulu ukuzimisela indlela yokulungisa izimbali.

Ukungenela Umkhakha We-ikebana

I-ikebana isiko lobuciko laseJapane, umongo wayo yizinto eziphilayo. Ake ngichaze. Izimbali ezifakwe ebhakedeni esitolo sezimbali zingase zibukeke zizinhle, kodwa zibukeka kanjani uma ziqhathaniswa nezincane eziqhakaza ngaphandle ensimini noma izihlahla eziqhakaza ezintabeni? Esimweni esingokwemvelo, lezi zitshalo ezincane nezihlahla eziqhakazayo zinikeza umbono wokuphila, nezinkathi zonyaka. Yilapho-ke inhliziyo yakho ingase ithinteke khona. I-ikebana iyindlela yokubonisa lobo buhle bendalo ngokusebenzisa izimbali nezitshalo, wenze umklamo walokho okukuthinta ngokujulile.

Ake sithi ufuna abantu babe nomuzwa wokuthi inkathi yasekwindla. Ungakwenza lokho ngokusebenzisa izimbali zasekwindla, njenge-gentian ne-patrinia kanye namaqabunga asekwindla. Ingabe ufuna ukunezela umuzwa womoya ohelezayo noqabulayo? Iziqu ezimbalwa ze-eulalia eziyendezelayo kancane zingayifeza leyo njongo, zenze ababukele bacabange ngomoya ohelezayo wasekwindla. Ngathambekela ngokunamandla kuyi-ikebana, ngithola injabulo ekuvezeni imizwa yami ngokuhlanganisa izimbali nezitshalo esitsheni sezimbali.

“Umkhaya” Omkhulu

Umlando we-ikebana njengendlela yokulungisa izimbali uhlehlela emuva ngeminyaka engu-500. Izikole ze-ikebana zilawulwa umphathi omkhulu. Isikhundla somphathi omkhulu sitholwa njengefa. Njengendlalifa yamasiko obuciko, unegunya njengenzalamizi “yomkhaya” omkhulu wabalandeli. Njengoba edlulisela amasiko esizukulwaneni esilandelayo, kumelwe asifundise ulwazi nezindlela ezintsha zobuciko asezenzile yena ngokwakhe ngokuvumelana nenkathi yokuphila aphila ngayo.

Ngemva kokuthola iziqu nokuqeda iminyaka emibili yokuqeqeshelwa ubuciko be-kado e-Ikenobo College, ngaqala ukusebenza e-Ikenobo Foundation ngo-January 1971. Ngahlela “IMibukiso Ye-Ikebana Eyenziwa Yi-Ikenobo” kulo lonke elaseJapane. Ngahamba izwe lonke nomphathi omkhulu njengomunye wabasizi bakhe ekwenzeni imisebenzi yakhe yobuciko.

Ngisakhumbula ngimi esiteji okokuqala ngqa eFukuoka Sports Center njengomsizi womphathi omkhulu njengoba ayebonisa ukuthi zilungiswa kanjani izimbali. Ngangiphelile uvalo njengoba ngangibheke izinkulungwane zabantu. Ngagoba iziqu zezimbali nganqamula namagatsha, konke lokhu kwakungafanele ngikwenze. Kodwa umphathi omkhulu wakwenza ihlaya lokhu njengoba ayeqhubeka echazela izilaleli ukuthi wenzani. Lokho kwangisiza ngayeka ukwesaba.

Lapho kubanjwe imicimbi kazwelonke ehanjelwe izihlabani zakwamanye amazwe, ngangihamba nomphathi omkhulu lapho eyolungisa izimbali zaleyo micimbi. Njengoba ngishilo ekuqaleni, elinye lamathuba anjalo laba ukulungisa izimbali ekamelweni elihle kakhulu leSigodlo Sobukhosi.

Kamuva, lapho kumiswa i-Ikenobo Central Training School ngenjongo yokuqeqesha kabusha othisha ezweni lonke, nganikezwa umsebenzi ohlobene nokufundisa, ukuhlela izifundo nokwengamela ukukhiqizwa kwezincwadi namafilimu azosetshenziselwa ukufundisa othisha abangaba ngu-200 000 emagatsheni angu-300 kulo lonke elaseJapane. Ngalihamba lonke elaseJapane ngiqondisa izifundo. I-Ikenobo inamagatsha nakwamanye amazwe, futhi ngangiya eTaiwan izikhathi ezimbalwa ngonyaka. Ngaleyo ndlela ngazuza ukwethenjwa umphathi omkhulu futhi ngaba nesikhundla esiphakeme.

Ngangiwujabulela umsebenzi wami, kodwa nganginganelisekile ekuphileni. Yize umsebenzi wami wawuhilela izinto zobuhle, kwakunezinto ezazingidida. Umhawu nomona kulabo abaqeqeshwayo wakhula waba inhlebo elimazayo, abaqondisi bakulezo zindawo engangizihambela ngokuvamile babeza kimi bezocela izeluleko. Kodwa enhlanganweni elawulwa amasiko amadala namandla, izinto eziningi zazingaphezu kwamandla ami. Njengoba abaningi babenothando olumsulwa nge-ikebana futhi bewuthatha ngokungathi sina lo mkhakha, ngazama ngobuqotho ukwenza okusemandleni ami ukuba bafunde ngenjabulo.

Mhla Ngiqala Ukuhlangana Nobuhle Beqiniso

Ngangingayithandi inkolo ngoba ngangicabanga ukuthi izongiphuphuthekisa ingqondo. Ngale kwalokho, ngangibone ukuzenzisa okuningi phakathi kwalabo abakhuluma ngokuthula nenjabulo. Ngakolunye uhlangothi, umkami uKeiko, wayelokhu efuna iqiniso kusukela ebuntwaneni. Wayeseke waba nesithakazelo ezinkolweni ezihlukahlukene futhi walalela nezimfundiso zazo, kodwa ayikho kuzo eyanelisa ukulambela kwakhe izinto ezingokomoya.

Ngakho lapho owesifazane onguFakazi KaJehova efika emzini wethu, uKeiko wasamukela isifundo seBhayibheli. Wayengitshela konke akufundile nakho konke okumhlabe umxhwele. Kwakumnandi ayengitshela kona uKeiko, kodwa angibanga nomdlandla ofana nowakhe.

Noma kunjalo, uKeiko waqhubeka engitshela ngokuqiniseka lokho ayekufunda eBhayibhelini. Njalo wayeshutheka omagazini abambalwa abahlobene neBhayibheli esikhwameni sami lapho ngithatha uhambo. Kodwa ngenqaba ukubafunda. Ngangizama ukuvikela umsebenzi wami kanye nempumelelo yami okwakungithathe iminyaka eminingi ukukwakha. Sasisanda kuthenga indlu yethu, futhi ngandlela-thile nganginomuzwa wokuthi uma ngamukela izimfundiso zeBhayibheli, kwakuzomelwe siwudele umuzi wethu. Phakathi nalesi sikhathi, uKeiko wathuthuka ngokushesha futhi waqala ukukwenza lokho akukholelwayo. Ngazizwa ngishiyiwe futhi nginesizungu. Yize ngangazi ukuthi lokhu ayengitshela kona kwakulungile, ngaqala ukumphikisa.

Ngangiphikisa Kodwa Nginesithakazelo

Ngangijwayele ukubuya ebusuku emsebenzini, kodwa ngezinsuku uKeiko ayeya ngazo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, ngangibuya ngamabomu sekwephuze kakhulu kunokujwayelekile. Ngisho lapho ngifika ekhaya ngehora lesibili noma lesithathu ekuseni, uKeiko wayesuke engilindile ukuze angitshele ukuthi kwenzekeni phakathi nosuku, ebonisa ukuthi wayekhathazeka ngami. Kodwa ngangingakwazi ukubekezelela umcabango wokuthi umkhaya wami uzoshiya indlu amahora ambalwa ukuze uyohlanganyela imihlangano yobuKristu. Ngaqinisa ukuphikisa kwami futhi ngaqala ukukhuluma ngesehlukaniso. Kodwa uKeiko wahlala eqinile.

Kwakunzima ukuqonda indlela uKeiko ayeziphatha ngayo. Naphezu kobuhlobo bethu obase bulimele nokuhlale ehlaselwa isifuba somoya njalo, wayejabula kuyo yonke into ayenzayo. Yinhliziyo kaKeiko emsulwa nobumnene bakhe obuqotho okwangikhanga kakhulu kuye. Futhi yingakho ngangikhathazeka ngokuthi angase akhohliswe lapho eqala ukufunda iBhayibheli.

Noma kunjalo, uKeiko wakusebenzisa lokho ayekufunda futhi wayezama ukuba inkosikazi nomama omuhle. Nakuba ngangiphikisa, lapho engincenga ukuba ngiye emihlanganweni yobuKristu kanye nasemihlanganweni emikhulu, ngangiya ngezikhathi ezithile, mhlawumbe ngenxa yokuthi ngangiziqhenya ngoKeiko.

Ngesikhathi esifanayo, nganginomona ngoJehova. Lapho ngibona uKeiko ezama ukushintsha, ngangizibuza ukuthi kungani iBhayibheli linethonya elingaka kubantu. Ngacabanga, ‘Kungani umkami ekulungele ukubekezelela bonke ubunzima ngenxa kaJehova?’

Ngokushesha, abanye babazalwane abangamaKristu abakanye noKeiko ebandleni babefuna ukungivakashela ekhaya. Ngangingazimisele ukubonana nabo. Kodwa ngangifuna ukwazi ukuthi kungani uKeiko enokuthula kwengqondo. Ekugcineni, isifiso sami sokufuna ukwazi saba sikhulu kangangokuba ngasamukela isifundo seBhayibheli. Njengoba ngangijwayelana nalabo ababengivakashela, ngaqala ukuzwa okuthile okuqabulayo ngabo. Ngesifundo samasonto onke, iqiniso leBhayibheli langena enhliziyweni yami kancane kancane, futhi ngaqala ukuvuleka amehlo.

Ubuhle Bemvelo Kanye Nobeqiniso

Lapho ngizama ukuveza ubuhle namandla emvelo nge-ikebana, ngangikhathazeka ngokuthi ngizobuveza kanjani lobo buhle. Khona-ke kwaba nengqondo konke lapho ngifunda ukuthi uJehova owadala ubuhle obumangalisayo bemvelo. Umuntu owubala angancintisana kanjani nobuciko boMdali? UJehova uyiCiko Elikhulu! Kodwa ngokuzama ukumlingisa, ngaqala ukulungisa izimbali ngendlela engcono kakhulu. Empeleni, emva kokuba ngiqale ukufunda iBhayibheli, abantu baqala ukungitshela ukuthi umsebenzi wami ushintshile, ubumnene base buxutshwe nempilo ezimbalini.

Amaqiniso eBhayibheli angisiza ukuba ngiqonde izinto eziningi ngokokuqala ngqa. Lapho ngifunda ukuthi njengombusi waleli zwe, uSathane uDeveli nguyena obangela ukuhlupheka kwabantu namuhla nokuthi inhliziyo iyakhohlisa ngenxa yesono esasizuza njengefa ku-Adamu, ekugcineni ngayiqonda incazelo yokuthi yini eyenzekayo emhlabeni. (Jeremiya 17:9; 1 Johane 5:19) Ngafunda ukuthi uJehova unguNkulunkulu onokuthula, uvame uthando, ubulungisa, amandla kanye nokuhlakanipha (Duteronomi 32:4; Roma 11:33; 1 Johane 4:8; IsAmbulo 11:17); ukuthi ngothando uNkulunkulu wathumela uJesu ukuba azosifela (Johane 3:16; 2 Korinte 5:14); nokuthi siyeza isikhathi lapho kuyobe kungasekho ukuhlupheka noma ukufa (IsAmbulo 21:4). Ubuhle bala maqiniso bangikhanga. Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova baphila ngemfundiso kaJesu ethi “thanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Ukuzibonela lokhu ngokoqobo kwangiqinisekisa ukuthi lena yinkolo yeqiniso.—Mathewu 22:39.

Isithiyo Okwakumelwe Ngisinqobe

Njengoba iqiniso laligxila enhliziyweni yami, ngabhekana nenselele. Lapho umphathi omkhulu engakwazi ukuya emingcwabeni, ngokuvamile ngangimmelela emasikweni obuBuddha. Lokhu kwaba uvivinyo kimi lapho ngicabanga ngokuzinikezela kuJehova. Ngazenzela isinqumo sokuthi ngeke ngihlanganyele emasikweni obuBuddha. (1 Korinte 10:21) Ngenhlonipho, ngamchazela umphathi omkhulu ukuthi ngangihlela ukubhapathizwa maduze nokuthi ngase nginqumile ukuthi ngeke ngisahlanganyela kunoma yikuphi okunye ukukhulekela, ngisho noma umsebenzi wami uhilela ukwenza kanjalo. Wangitshela ukuthi akanankinga nokuba kwami umKristu nokuthi ngingazisingatha ngendlela yami izindaba eziphathelene nenkolo. Le mpendulo yangimangaza kodwa yangijabulisa ngoba ngangicabanga ukuthi ngizojeziswa futhi ngilahlekelwe umsebenzi wami.

Njengoba ngase ngazi ukuthi umphathi omkhulu akanankinga nesinqumo sami, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo emhlanganweni wamaKristu ngo-June 1983, ngemva konyaka ngiqale ukufunda iBhayibheli. Lapho ngiphuma emanzini ngamukelwa uKeiko ngokukhulu ukumamatheka nezinyembezi emehlweni akhe. Ngigcwele izinyembezi emehlweni ami, sambonga uJehova sinoKeiko ngenjabulo esasinayo sobabili.

Isinqumo Sokuyeka Umsebenzi Wami

Umphathi omkhulu wayebonise okukhulu ukuqonda mayelana nombono wami njengomKristu ozinikezele. Ngazama ukufeza umsebenzi wami ngokuzinikela okukhulu kunangaphambili. Noma kunjalo, ngazama ukugcina ukulinganisela phakathi komsebenzi wami kanye nempilo yami yobuKristu. Phakathi neminyaka engu-7 ngangilokhu ngandisa inkonzo yami izinyanga ezimbalwa unyaka ngamunye.

Kodwa, kwadingeka ukuba ngicabangisise kabanzi ngengokomoya lendodana yami eyodwa kanye nangempilo ewohlokayo kaKeiko. Ngacabanga, ‘Kumelwe ngichithe isikhathi esengeziwe nomkhaya wami.’ Ngangifuna nokubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwami. Lezi zidingo kanye nezifiso zangishukumisela ukuba ngithandaze kuJehova ngokuphathelene nokuyeka umsebenzi wami we-ikebana. Umphathi omkhulu wabona ukuthi sengisenzile isinqumo, futhi ekugcineni ngasengingathatha umhlalaphansi ngaphandle kwezinkinga ngo-July 1990 ngineminyaka engu-42 ubudala.

Ukusiza Abanye Ukuba Babone Ubuhle Beqiniso

Ngokushesha ngemva kokuthatha umhlalaphansi, ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele ukuze ngisize abanye bathole iqiniso. Njengamanje, ngichitha usuku olulodwa ngesonto ngifundisa ukulungiswa kwezimbali, ngaphandle kokuminyaniswa imicikilisho ye-Ikenobo. Nginelungelo lokukhonza njengomdala ebandleni, futhi uKeiko ujabulela inkonzo yokuphayona futhi sekungcono ukuhlaselwa kwakhe isifuba somoya kunakuqala. Indodana yethu ishadile manje, futhi iyinceku ekhonzayo ebandleni eliseduze. Yeka ukuthi kuyilungelo eliyigugu kangakanani ukuba sonke njengomkhaya sikwazi ukukhonza uJehova!

Ngaphansi kokubusa kukaJesu Kristu eMbusweni, ngibheke phambili ekusebenziseni izimbali engizitshale esivandeni sami ukuba ngilungise izimbali ngendlela enhle. Isifiso sami esiqotho siwukuthi mina nomkhaya wami othandekayo silidumise njalo igama likaJehova eliphakeme, uMdali wazo zonke izinto ezinhle.

[Isithombe ekhasini 31]

Nge-“ikebana,” ungaveza indlela obona ngayo ubuhle bendalo

[Izithombe ekhasini 31]

Nginomkami, nendodana yethu kanye nomkhaya wayo