Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzama Ukondla Abantu Abayizigidi Eziyinkulungwane

Ukuzama Ukondla Abantu Abayizigidi Eziyinkulungwane

Ukuzama Ukondla Abantu Abayizigidi Eziyinkulungwane

USUKU ngalunye, abantu abayizigidi eziyinkulungwane abakutholi ukudla okwanele. Kodwa, ngokweZizwe Ezihlangene, lesi simo esibi kangaka akufanele nhlobo sibe khona.

“Náthi into yokuqala ngqa enizoyenza ukubuqeda ngokuphelele ububha.” Lawo mazwi ashiwo uNobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene uKofi Annan ngo-September 8, 2000, engqungqutheleni yamadoda nabesifazane abangababusi abanamandla kunabo bonke emhlabeni. Babehlangene bonke engqungqutheleni yeZizwe Ezihlangene okuthiwa yi-Millennium Summit, lapho iningi lalabo babusi labeka amaqiniso obala maqondana nezinkinga ezikhungethe abampofu emhlabeni wonke. Iphini likamongameli waseBrazil lathi: “Ububha buyinto eyihlazo kabi kubantu.” Undunankulu waseGreat Britain wanezela ngokuthi: “Amazwe omhlaba asethuthukile aye azakhela idumela elihlazisayo e-Afrika lokuba yizehluleki, okuyinto eshaqisayo futhi ethela amazwe ethu ngehlazo elibi kakhulu.”

Lezo zikhulumi zakubeka obala ukuthi lawo mazwe ayezithele wona ngokwawo ngehlazo ngokungenzi konke okusemandleni awo ukuze ondle isintu esibulawa indlala. Ukuze basiveze obala isifiso sabo sokuthuthukisa isimo sokuphila sabo bonke emhlabeni, bonke ababehlangene kuleyo ngqungquthela bazibopha ngokuthi bazothatha isinyathelo ngokukhipha izwi lesinqumo eliyizingxenye ezingu-8 elalihlanganisa lokhu okulandelayo: “Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuze sikhulule amadoda, abesifazane nezingane kulesi simo esibi ngokwedlulele sobubha futhi esilulaza isintu, leso njengamanje esikhungethe abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane. . . . Ngaphezu kwalokho, sizimisele ukuba: Kuthi kufika unyaka ka-2015, sibe sesisinciphise ngesigamu isilinganiso sabantu abahola imali engaphansi kwe-dollar elilodwa ngosuku kuwo wonke umhlaba nesilinganiso sabantu ababulawa indlala.”

Iyiphi intuthuko eye yenziwa ukuze kufezwe lowo mgomo omuhle kangaka kusukela ngo-September 2000?

Izenzo Zikhuluma Kakhulu Kunamazwi

Ngo-2003 inhlangano ebizwa ngokuthi i-Global Governance Initiative of the World Economic Forum yaqala ukuhlaziya imizamo eye yenziwa ukuze kufezwe imigomo eyashiwo esimemezelweni okuthiwa i-United Nation’s Millennium Declaration. Umbiko ongokomthetho, owakhishwa ngo-January 15, 2004, uthi: “Naphezu kokuthi imigomo eyashiwo kulesi simemezelo ibaluleke kakhulu, izwe lihluleka ngokudabukisayo ukwenza imizamo edingekayo ukuze liyifinyelele.” Maqondana nendlala, lo mbiko uthi: “Inkinga ayikona ukuthi ukudla kuntuleka ngokuphelele emhlabeni—kunokudla okwanele okungabelwa wonke umuntu. Inkinga iwukuthi abantu abantula imali abakwazi ukukuthola loko kudla okutholakalayo futhi okungondla bonke ngokwanele.”

Ngokuphathelene nayo yonke nje inkinga yendlala, lo mbiko uthi: “Njengamanje ohulumeni, abacebile nabampofu, yibona ngokuyinhloko abanecala ngenxa yokungabonisi ntshiseko lapho besingatha lesi simo. Kodwa isimiso sezomnotho somhlaba wonke esiklanywa abantu abacebile ngokuvamile sihlelwa ngendlela yokuba sibacindezele nakakhulu abampofu. Amazwe acebile, naphezu kokulalisa ulimi kangaka, awabonakali nakancane ezimisele ukushintsha leso simiso noma ukufaka umfutho owengeziwe emizamweni yawo yokusiza abampofu ukuze bathuthuke.” Naphezu kwakho konke lokhu kusolwa, abezombangazwe basaqhubeka nokutholana phezulu ngezinkulumo-mpikiswano kunokuthatha isinyathelo, futhi ohulumeni basaqhubeka nokwenza izinto ngobuqili, ngamunye uzenza ngenjongo yokuzizuzisa wona. Phakathi naso sonke leso sikhathi, abampofu emhlabeni wonke bayaqhubeka bebulawa indlala.

Incwajana yokwaziswa ye-World Economic Forum, enesihloko esithi “Ukusuka Esifisweni Esijulile Kuya Esenzweni,” ixwayisa ngokuthi “uma nje zingashintshwa izimiso zokuhwebelana kwamazwe ngamazwe bese kugxilwa kakhulu ekunciphiseni indlala futhi kwandiswe imizamo ephumelelayo endaweni, abantu ezindaweni eziningi kakhulu bayobhekana nenkinga eyandayo yokubulawa indlala.” Ubani-ke okumelwe enze izimiso ezingcono futhi ‘andise imizamo ephumelelayo endaweni’? Yibo kanye lab’ ohulumeni abakhipha isimemezelo ngo-2000 sokuthi bazimisele ukuthuthukisa isimo sabo bonke abantu.

Ukungagcwaliseki kwesithembiso esisodwa kungaholela ekudumazekeni; kanti ukungagcwaliseki kwezithembiso eziningana kungabangela ukungathembani. Ohulumeni emhlabeni wonke baye bahluleka ukugcwalisa isithembiso sabo sokunakekela abampofu, futhi ngenxa yalokho abantu abasabethembi. Umama othile onezingane ezinhlanu ezweni elimpofu laseCaribbean ukwazi ukupha umkhaya wakhe ukudla kanye nje kuphela ngosuku. Uthi: “Okungikhathazayo nje ukuthi, sizokwazi yini ukuthola ukudla. Anginandaba nokuthi ubani obusayo. Vele nje, akekho noyedwa umbusi owake wasenzela okuthile okusizuzisayo.”

Umlobi weBhayibheli uJeremiya wathi: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Ukwehluleka kohulumeni babantu ukuxazulula izinkinga zabampofu kufakazela lelo qiniso leBhayibheli.

Kodwa ukhona uMbusi onako kokubili, amandla kanye nesifiso esidingekayo sokuxazulula izinkinga zabantu, futhi iBhayibheli liyasitshela ukuthi ubani lowo Mbusi. Lapho eseqala ukubusa, akekho oyophinde abulawe indlala.

Isisekelo Sethemba

“Amehlo abo bonke abheka kuwe ngethemba, ubanika ukudla kwabo ngenkathi yako.” (IHubo 145:15) Ubani Lowo onakekela izidingo zabantu zokudla? UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Nakuba sekuphele izinkulungwane zeminyaka isintu sihlushwa indlala nezinye izinkinga, uJehova ubelokhu ebonisa ukuthi uyabathanda abantu. Uye wakubona ukuhluleka kohulumeni babantu, futhi iZwi lakhe elingageji, iBhayibheli, libonisa ukuthi maduzane nje uzomisa uhulumeni wakhe ozothatha indawo yohulumeni abakhona manje.

UJehova uthi: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami eZiyoni, intaba yami engcwele.” (IHubo 2:6) Lesi simemezelo esivela kumuntu onegunya eliphakeme kunawo wonke embulungeni yonke sisinikeza isizathu esiqinile sokuba nethemba. Nakuba ababusi abangabantu ngokuvamile beye bahluleka ukusiza izikhonzi zabo, uJesu Kristu, njengoba eyiNkosi emiswe uNkulunkulu, uyokwenzela abantu abampofu kunabo bonke emhlabeni izinto eziyobazuzisa ngendlela abangakaze bayibone nanini ngaphambili.

Esebenzisa le Nkosi, uJehova uyokondla bonke abalambile. U-Isaya 25:6 uthi: ‘UJehova wamabutho uyokwenzela zonke izizwe idili lezidlo ezinamafutha akahle.’ Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu osezandleni zikaKristu, abantu ngeke baphinde baswele ukudla okunempilo, kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuphi. Maqondana noJehova, iBhayibheli lithi: “Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.”—IHubo 145:16.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]

“Amazwe omhlaba asethuthukile aye azakhela idumela elihlazisayo e-Afrika lokuba yizehluleki, okuyinto eshaqisayo futhi ethela amazwe ethu ngehlazo elibi kakhulu.”—UNdunankulu WaseBrithani uTony Blair

[Isithombe ekhasini 14]

ETOPIYA: Kuleli zwe abantu abangaba izigidi ezingu-13 bathembele osizweni abalutholayo lokudla. Le ngane eboniswe ngenhla ingomunye wabo

[Isithombe ekhasini 14]

ENDIYA: Laba bafundi bathola ukudla esikoleni

[Umthombo Wesithombe ekhasini 14]

Top: © Sven Torfinn/Panos Pictures; bottom: © Sean Sprague/Panos Pictures