Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Isayensi Iyaphikisana Nomlando KaGenesise?

Ingabe Isayensi Iyaphikisana Nomlando KaGenesise?

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Isayensi Iyaphikisana Nomlando KaGenesise?

ABANTU abaningi bathi isayensi iyawuphikisa umlando weBhayibheli wendalo. Kodwa ukuphikisana kwangempela kuphakathi kwesayensi nemibono yabathi bangamaKristu athatha iBhayibheli njengoba linjalo, hhayi phakathi kwesayensi neBhayibheli. Amanye ala maqembu agomela ngokungafanele ukuthi, ngokweBhayibheli, yonke indalo yadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezingamahora angu-24 eminyakeni engaba ngu-10 000 edlule.

Nokho, iBhayibheli alisisekeli isiphetho esinjalo. Ukube belisisekela, izinto eziningi ezitholakale ngokwesayensi eminyakeni eyikhulu edlule beziyokwenza ukuba iBhayibheli lingathembeki. Ukuhlolisiswa kahle kweBhayibheli akwembuli lutho oluphikisana namaqiniso angokwesayensi aye atholakala. Ngaleso sizathu, oFakazi BakaJehova abavumelani nabantu abathi “bangamaKristu” abathatha iBhayibheli njengoba linjalo nabakholelwa ukuthi indalo yadalwa ngezinsuku ezimbalwa nje. Okulandelayo kubonisa ukuthi lifundisani ngempela iBhayibheli.

Saba Nini “Isiqalo”?

Umlando kaGenesise uvula ngamazwi alula kodwa anamandla: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Izazi zeBhayibheli ziyavuma ukuthi leli vesi lichaza isenzo esihlukene nezinsuku zokudala okukhulunywa ngazo kusukela evesini lesithathu kuqhubeke. Incazelo ijulile. Ngokwamazwi okuvula eBhayibheli, indawo yonke, kuhlanganise noMhlaba wethu, kwase kunesikhathi eside kukhona ngaphambi kokuqala kwezinsuku zokudala.

Izazi zesayensi yokwakheka komhlaba zicabangela ukuthi umhlaba uneminyaka ecishe ibe izigidi eziyizinkulungwane ezine, kanti izazi zezinkanyezi zilinganisela ukuthi indawo yonke ingase ibe yiminyaka eyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-15 ikhona. Ingabe lokho okutholakele—noma ukuthuthukiswa kwako kwesikhathi esizayo—kuyaphikisana noGenesise 1:1? Cha. IBhayibheli aliyisho ngokuqondile iminyaka “yamazulu nomhlaba.” Isayensi ayiwuphikisi umbhalo weBhayibheli.

Zazizinde Kangakanani Izinsuku Zokudala?

Kuthiwani ngobude bezinsuku zokudala? Ingabe babungamahora angu-24? Abanye bathi ngenxa yokuthi uMose—umlobi kaGenesise—kamuva wabhekisela osukwini olulandela izinsuku eziyisithupha zokudala njengesibonelo sesabatha lamasonto onke, ngakho ngalunye lwezinsuku zokudala kumelwe lube amahora angu-24. (Eksodusi 20:11) Ingabe amazwi kaGenesise ayasisekela lesi siphetho?

Lutho neze. Iqiniso liwukuthi igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “usuku” lingasho ubude besikhathi obuhlukahlukene, hhayi nje inkathi yamahora angu-24. Ngokwesibonelo, lapho efingqa umsebenzi kaNkulunkulu wokudala, uMose ubhekisela kuzo zonke izinsuku eziyisithupha zokudala njengosuku olulodwa. (Genesise 2:4) Ngaphezu kwalokho, ngosuku lokuqala lokudala, “uNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi iMini, kodwa ubumnyama wabubiza ngokuthi uBusuku.” (Genesise 1:5) Lapha, ingxenye nje kuphela yenkathi yamahora angu-24 ebizwa ngokuthi “iMini [“usuku,” ngokwegama lesiHebheru].” Ngokuqinisekile, asikho isizathu esingokomBhalo sombono wokuthi usuku ngalunye ezinsukwini zokudala lwalungamahora angu-24.

Zazizinde kangakanani-ke izinsuku zokudala? Amazwi ezahluko 1 no-2 zikaGenesise abonisa ukuthi kwakuhileleke izinkathi ezinde.

Indalo Ivela Ngokushiyana

UMose wawubhala ngesiHebheru umlando wakhe, futhi wawubhala ngokungathi wayemi ebusweni bomhlaba. Ukuhlanganiswa kwala maqiniso amabili nolwazi lokuthi indawo yonke yayikhona ngaphambi kokuqala kwezinkathi zokudala, noma “izinsuku,” kusiza ekuxazululeni impikiswano enkulu ephathelene nomlando wendalo. Kanjani?

Ukuhlolisisa umlando kaGenesise kwembula ukuthi izenzakalo ezaqala phakathi “nosuku” olulodwa zadlulela osukwini olulandelayo olulodwa noma ngaphezulu. Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuba kuqale “usuku” lokuqala lokudala, ukukhanya okuvela elangeni elase likhona kakade kwakuvimbelekile ngandlela-thile ukuba kufinyelele emhlabeni, mhlawumbe kuvinjwe ugqinsi lwamafu. (Jobe 38:9) Phakathi “nosuku” lokuqala, la mafu aqala ukusuka, avumela ukukhanya okwakungabonakali ukuba kudlule emkhathini. *

“Ngosuku” lwesibili, umkhathi waqhubeka uphenya, kwakheka isikhala phakathi kwamafu awugqinsi phezulu nolwandle ngaphansi. “Ngosuku” lwesine umkhathi wawusuphenye kangangokuthi ilanga nenyanga kwaqala ukubonakala “emkhathini wamazulu.” (Genesise 1:14-16) Ngamanye amazwi, ngokombono womuntu osemhlabeni, ilanga nenyanga kwaqala ukubonakala. Lezi zenzakalo zenzeka kancane kancane.

Umlando kaGenesise uphinde ulandise ukuthi umkhathi waqhubeka uphenya, izilwane ezindizayo—ezihlanganisa izinambuzane nezinye izilokazane ezindizayo—zaqala ukubonakala “ngosuku” lwesihlanu. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi phakathi “nosuku” lwesithupha, uNkulunkulu “wabumba zonke izilo zasendle nazo zonke izidalwa ezindizayo zamazulu ngomhlabathi.”—Genesise 2:19.

Ngokusobala, ulimi lweBhayibheli lukwenza kucace ukuthi kungenzeka ezinye izenzakalo ezinkulu ezazenzeka phakathi “nosuku” ngalunye, noma inkathi yokudala, zenzeka kancane kancane, hhayi ngokuphazima kweso, mhlawumbe ezinye zaze zadlulela “ezinsukwini” ezilandelayo zokudala.

Ngokwezinhlobo Zazo

Ingabe ukuvela kancane kancane kwezitshalo nezilwane kusho ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze akhiqize izinto eziningi eziphilayo futhi ezihlukahlukene? Cha. Ukulandisa kusho ngokucacile ukuthi uNkulunkulu wadala zonke “izinhlobo” eziyisisekelo zezitshalo nezilwane. (Genesise 1:11, 12, 20-25) Ingabe lezi “zinhlobo” zokuqala zezitshalo nezilwane zahlelwa ukuba zibe nekhono lokuzivumelanisa nezimo zendawo ezishintshashintshayo? Yini enquma ukuthi “uhlobo” oluthile lukhawuka kuphi? IBhayibheli alisho. Nokho, liyasho ukuthi izidalwa eziphilayo ‘zaswebezela ngokwezinhlobo zazo.’ (Genesise 1:21) La mazwi asho ukuthi kunomkhawuko ekwakhekeni kwezinto ezihlukahlukene “zohlobo” oluthile. Imivubukulo etholakele nokucwaninga kwanamuhla kusekela umbono wokuthi izigaba eziyinhloko zezitshalo nezilwane azishintshanga ngokuhamba kwesikhathi.

Ngokuphambene nalokho okushiwo abanye abalithatha njengoba linjalo iBhayibheli, uGenesise akafundisi ukuthi indawo yonke, kuhlanganise nomhlaba nazo zonke izinto eziphilayo ezikuwo, kwadalwa ngesikhathi esincane nje, esikhathini esingeside esidlule. Kunalokho, incazelo kaGenesise yokudalwa kwendawo yonke nokuvela kokuphila emhlabeni ivumelana nezinto eziningi eziye zatholakala ngokwesayensi.

Ngenxa yezinkolelo zabo zefilosofi, ososayensi abaningi bayasenqaba isimemezelo seBhayibheli sokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto. Nokho, ngokuthakazelisayo, encwadini yeBhayibheli yasendulo uGenesise, uMose waloba ukuthi indawo yonke yayinesiqalo nokuthi ukuphila kwavela kancane kancane ngemva kwezinkathi ezithile. Kwakungenzeka kanjani ukuba uMose athole ukwaziswa okunembe kangaka ngokwesayensi eminyakeni engu-3 500 edlule? Kunencazelo eyodwa kuphela enengqondo. Lowo onokuhlakanipha namandla okudala amazulu nomhlaba wayengamnika uMose ulwazi olunembe kanjalo. Lokhu kuwubufakazi balokho okushiwo yiBhayibheli ukuthi ‘liphefumulelwe uNkulunkulu.’—2 Thimothewu 3:16.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Encazelweni yalokho okwenzeka “ngosuku” lokuqala, igama lesiHebheru elisetshenziselwe ukukhanya lithi ʼohr, ukukhanya ngomqondo ovamile; kodwa mayelana “nosuku” lwesine, igama elisetshenzisiwe elithi ma ʼohrʹ, elibhekisela emthonjeni wokukhanya.

WAKE WAZIBUZA?

◼ UNkulunkulu wayidala kudala kangakanani indawo yonke?—Genesise 1:1.

◼ Ingabe umhlaba wadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezingamahora angu-24?—Genesise 2:4.

◼ Kwakungenzeka kanjani ukuba okwabhalwa uMose ngokuphathelene nesiqalo somhlaba kube okunembe kangaka ngokwesayensi?—2 Thimothewu 3:16.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

UGenesise akafundisi ukuthi indawo yonke, yadalwa ngesikhathi esifushane nje, esikhathini esingeside esidlule

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]

“Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1

[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]

Universe: IAC/RGO/David Malin Images

[Umthombo Wesithombe ekhasini 20]

NASA photo