Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kunendaba Ukuthi Yini Oyikholelwayo?

Ingabe Kunendaba Ukuthi Yini Oyikholelwayo?

Ingabe Kunendaba Ukuthi Yini Oyikholelwayo?

INGABE ucabanga ukuthi ukuphila kunenjongo? Ukube ukuziphendukela kwemvelo bekuyiqiniso, abengaba yiqiniso amazwi acashunwe ephephabhukwini i-Scientific American athi: “Indlela esiqonda ngayo ukuziphendukela kwemvelo namuhla isikisela ukuthi . . . ayikho nhlobo injongo yokuphila.”

Cabanga ukuthi lawo mazwi asho ukuthini. Ukube ukuphila bekungenayo ngempela injongo, ubungeke ube namgomo ekuphileni ngaphandle nje kokuzama ukwenza okuhle, mhlawumbe udlulisele nofuzo esizukulwaneni esilandelayo. Lapho ufa, ubungeke uphinde ube khona. Bekungasho ukuthi ingqondo yakho, namandla ayo okucabanga nokuzindla ngenjongo yokuphila kwaba khona ngenhlanhla nje.

Akukhona nje lokho kuphela. Abaningi abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo bagomela ngokuthi uNkulunkulu akekho noma ngeke azifake ezindabeni zesintu. Kunoma yikuphi, ikusasa lethu beliyoba sezandleni zabaholi bezombusazwe, abezemfundo noma benkolo. Ngokwalokho abaye bakufeza ngaphambili, izinto ezichitha umphakathi njengeziyaluyalu, ingxabano nenkohlakalo beziyoqhubeka. Ukube ukuziphendukela kwemvelo bekuyiqiniso ngempela, bekuyoba nezizathu ezanele zokuba siphile ngesiqubulo esingenangqondo esithi: “Masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.”—1 Korinte 15:32.

Ungaphazami. OFakazi BakaJehova abahambisani nhlobo namazwi ashiwo ngenhla. Abawamukeli ngisho nombono asekelwe kuwo—owukuziphendukela kwemvelo. Ngokuphambene, oFakazi bakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiqiniso. (Johane 17:17) Ngakho-ke, bayakukholelwa elikushoyo mayelana nokuthi saba khona kanjani: “Ngoba ukuwe [Nkulunkulu] umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) La mazwi anencazelo ejulile.

Ukuphila kunayo injongo. UMdali wethu unenjongo yothando efinyelela bonke abakhetha ukuphila ngokuvumelana nentando yakhe. (UmShumayeli 12:13) Leyo njongo ihlanganisa nesithembiso sokuphila emhlabeni ongenazo iziyaluyalu, ingxabano, nenkohlakalo—ongenakho ngisho nokufa. (Isaya 2:4; 25:6-8) Izigidi zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke zingakufakazela ukuthi ukufunda ngoNkulunkulu nokwenza intando yakhe kwenza ukuphila kube nenjongo engenakuqhathaniswa!—Johane 17:3.

Kunendaba ngempela okukholelwayo, ngoba kungaba nomthelela enjabulweni yakho yamanje nasekusaseni lakho. Nguwena ongazikhethela. Ingabe uzokholwa imfundiso eye yahluleka ukunikeza izizathu ezizwakalayo zokuthi kungani kungafanele sibunake ubufakazi obandayo bokuthi umhlaba unomklami? Noma uzokwamukela okushiwo yiBhayibheli, ukuthi umhlaba nokuphila okukuwo kuwumkhiqizo woMklami omangalisayo—uJehova, uNkulunkulu ‘owadala zonke izinto’?—IsAmbulo 4:11.