Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Wasebenzisa Ukuziphendukela Kwemvelo Ukuze Adale Izinto Eziphilayo?

Ingabe UNkulunkulu Wasebenzisa Ukuziphendukela Kwemvelo Ukuze Adale Izinto Eziphilayo?

Ingabe UNkulunkulu Wasebenzisa Ukuziphendukela Kwemvelo Ukuze Adale Izinto Eziphilayo?

“Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”—ISAMBULO 4:11.

NGEMVA nje kokuba uCharles Darwin eseyisakaze kuyo yonke indawo inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo, amasonto amaningi okuthiwa awamaKristu aqala ukufuna izindlela zokuhlobanisa ukukholelwa kwawo kuNkulunkulu nale nkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo.

Namuhla, amaqembu enkolo avelele kakhulu “amaKristu” abonakala ekulungele ukwamukela umbono wokuthi kumelwe ukuba uNkulunkulu wasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ngandlela-thile ukuze adale izinto eziphilayo. Abanye bafundisa ukuthi uNkulunkulu wahlela ukuba indawo yonke ivele ngendlela yokuba amakhemikhali angaphili aveze izinto eziphilayo, futhi ekugcineni aveze abantu. Labo abakholelwa kule mfundiso, okuthiwa ukuziphendukela kwemvelo okwahlelwa uNkulunkulu, abacabangi ukuthi uNkulunkulu wangenela kule nqubo ngemva kokuba isiqalile. Abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu wavumela inqubo yokuziphendukela kwemvelo ukuba iveze izinhlobo eziningi zezitshalo nezilwane kodwa ngezikhathi ezithile wayengenela ukuze ayisize iqhubekele phambili.

Ukuhlanganiswa Kwezimfundiso—Ingabe Kuyasebenza?

Ingabe inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo iyavumelana ngempela nezimfundiso zeBhayibheli? Ukube ukuziphendukela kwemvelo bekuyiqiniso, khona-ke umlando weBhayibheli ngokudalwa komuntu wokuqala, u-Adamu, ubuyoba indaba ehloselwe ukufundisa ngokuziphatha, kodwa okungamelwe ithathwe njengoba injalo. (Genesise 1:26, 27; 2:18-24) Ingabe uJesu wayewubheka kanjalo lo mlando weBhayibheli? Wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:4-6.

UJesu lapha wayecaphuna umlando ophathelene nendalo olotshwe kuGenesise isahluko 2. Ukube uJesu wayekholelwa ukuthi indaba yomshado wokuqala yayiyinganekwane, ingabe wayengabhekisela kuyo ukuze asekele imfundiso yakhe ngobungcwele bomshado? Cha. UJesu wabhekisela kule ndaba kaGenesise ngoba wayeyazi ukuthi iyiqiniso.—Johane 17:17.

Abafundi bakaJesu nabo babekholelwa ekulandiseni kukaGenesise ngendalo. Ngokwesibonelo, iVangeli likaLuka lilandisa ngohlu lozalo lukaJesu kuze kuyofika lé emuva ku-Adamu. (Luka 3:23-38) Ukube u-Adamu wayengumlingiswa nje wasenganekwaneni, lwaluyobe lushintshe nini lolu hlu lozalo lwangabe lusaba umlando oyiqiniso lwaba inganekwane? Ukube indaba yohlu lozalo lwalo mkhaya yayiyinganekwane, yayiyowasekela kanjani ngokuqinile amazwi kaJesu okuthi unguMesiya, owazalwa ohlwini lukaDavide? (Mathewu 1:1) ULuka umlobi weVangeli wathi ‘wazilandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni.’ Kusobala ukuthi naye wayewukholelwa umlando kaGenesise wendalo.—Luka 1:3.

Ukukholelwa komphostoli uPawulu kuJesu kwakuhlangene nokuthembela kwakhe endabeni kaGenesise. Wabhala: “Njengoba ukufa kweza ngomuntu, novuko lwabafileyo luza ngomuntu. Ngoba njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.” (1 Korinte 15:21, 22) Ukube u-Adamu wayengeyena ukhokho ongokoqobo waso sonke isintu, lowo ‘isono esangena ngaye ezweni nokufa kwangena ngesono,’ kungani-ke kwakudingeka ukuba uJesu afe ukuze aqede imiphumela yesono esasizuza njengefa?—Roma 5:12; 6:23.

Ukugxeka ukukholelwa emlandweni kaGenesise wendalo kuwukululaza zona kanye izisekelo zokholo lwamaKristu. Inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo ayivumelani nezimfundiso zikaKristu. Noma imiphi imizamo yokuvumelanisa lezi zinkolelo ingabangela ukholo olubuthaka ‘olujikijeleka ngapha nangapha sengathi lujikijelwa amagagasi futhi oluyiswa lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso.’—Efesu 4:14.

Ukholo Olwakhelwe Esisekelweni Esiqinile

Sekuphele amakhulu eminyaka iBhayibheli ligxekwa futhi lihlaselwa. Ngokuphindaphindiwe, ubufakazi buye baveza ukuthi iBhayibheli lineqiniso. Lapho iBhayibheli likhuluma ngomlando, impilo nesayensi, umlando walo uye wabonakala unokwethenjelwa ngokuphindaphindiwe. Iseluleko salo ngendlela yokuphathana kwabantu sinokwethenjelwa kanti futhi sesinesikhathi sisebenza. Njengotshani obuluhlaza, amafilosofi nezinkolelo-mbono zabantu kuhluma isikhashana bese kuyabuna ngokuhamba kwesikhathi, kodwa iZwi likaNkulunkulu “liyokuma kuze kube nini nanini.”—Isaya 40:8.

Imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ayiyona nje inkolelo-mbono yesayensi. Iyifilosofi yabantu eyaqala futhi yachuma amashumi amaningi eminyaka. Nokho eminyakeni yamuva nje, yona kanye le mfundiso kaDarwin yokuziphendukela kwemvelo iye yaqhubeka ishintsha kancane kancane—empeleni, iye yashintsha ngokuphawulekayo—njengoba kuye kwenziwa imizamo yokushalazela ubufakazi obandayo bokuthi kukhona umuntu owaklama imvelo. Sikumema ukuba uqhubeke nokuhlola le ndaba. Lokhu ungakwenza ngokuhlaziya ezinye izihloko ezikulo magazini. Ngaphezu kwalokho, ungase ufunde izincwadi eziboniswe kuleli khasi nasekhasini 32.

Ngemva kokucwaninga ngale ndaba, cishe uyothola ukuthi ukuthembela kwakho kulokho iBhayibheli elikushoyo ngesikhathi esidlule kuyoqina. Okubaluleke nakakhulu, ukholo lwakho ezithembisweni zeBhayibheli ngekusasa luyoqiniswa. (Hebheru 11:1) Ungase ushukumiseleke nokuba udumise uJehova, “uMenzi wezulu nomhlaba.”—IHubo 146:6.

EZINYE IZINCWADI ONGAZIFUNDA

Incwadi Yabo Bonke Abantu Kule ncwajana kuxoxwa ngezibonelo ezithile eziqinisekisa ukwethembeka kweBhayibheli

Is There a Creator Who Cares About You? Hlola ubufakazi obengeziwe obungokwesayensi, ukuze uthole ukuthi kungani uNkulu-nkulu okhathalelayo evumela ukuhlu-pheka okungaka

Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Isahluko 3 kule ncwadi siphendula umbuzo othi, Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

UJesu wayekholelwa emlandweni kaGenesise wendalo. Ingabe wayenza iphutha?

[Ibhokisi ekhasini 9]

KUYINI UKUZIPHENDUKELA KWEMVELO?

Enye incazelo “yokuziphendukela kwemvelo” ithi “inqubo yoshintsho elandela indlela ethile.” Nokho, le nkulumo isetshenziswa ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, isetshenziselwa ukuchaza ushintsho olukhulu olwenzeka ezintweni ezingaphili—ukuvela kwendawo yonke. Ngaphezu kwalokho, le nkulumo ibuye isetshenziswe ekuchazeni ushintsho oluncane olwenzeka ezintweni eziphilayo—indlela izitshalo nezilwane ezizivumelanisa ngayo nendawo ezikuyo. Kodwa ngokuvamile isetshenziselwa ukuchaza inkolelo-mbono yokuthi ukuphila kwavela kumakhemikhali angaphili, águquka aba amangqamuzana aziphindaphindayo, futhi kancane kancane aguquka aba izidalwa eziyinkimbinkimbi kakhulu, umuntu awumkhiqizo ohlakaniphe kunazo zonke lezo zidalwa ezaba umphumela wale nqubo. Lo mqondo wesithathu yiwona esibhekisele kuwo ngale nkulumo ethi “ukuziphendukela kwemvelo” njengoba isetshenziswe kulesi sihloko.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]

Space photo: J. Hester and P. Scowen (AZ State Univ.), NASA