Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingakuvikela Kanjani Ukukholelwa Kwami Endalweni?

Ngingakuvikela Kanjani Ukukholelwa Kwami Endalweni?

Intsha Iyabuza . . .

Ngingakuvikela Kanjani Ukukholelwa Kwami Endalweni?

“Lapho kuxoxwa ngokuziphendukela kwemvelo ekilasini, kwaphikisana nayo yonke into engangiyifundisiwe. Kwabekwa njengendaba eyiqiniso, futhi lokho kwangethusa.”—URyan, oneminyaka engu-18.

“Lapho ngineminyaka ecishe ibe ngu-12, uthisha wami wayekholelwa kakhulu ekuziphendukeleni kwemvelo. Ngisho nemoto yakhe yayinophawu lukaDarwin! Lokho kwangenza ngangabaza ukukhuluma ngokukholelwa kwami endalweni.”—UTyler, oneminyaka engu-19.

“Ngesaba lapho uthisha wami wesifundo sezokuhlalisana kwabantu ethi ngokulandelayo sizofunda ngokuziphendukela kwemvelo. Ngangazi ukuthi kuzodingeka ngichazele ikilasi lonke ukuma kwami kule ndaba eyimpikiswano.”—URaquel, oneminyaka engu-14.

MHLAWUMBE nawe, njengoRyan, uTyler, noRaquel, uba novalo lapho kuphakama udaba lokuziphendukela kwemvelo ekilasini. Uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu “wadala zonke izinto.” (IsAmbulo 4:11) Uyabubona ubufakazi bokuklanywa kwezinto ngokuhlakanipha kuyo yonke indawo. Kodwa izincwadi zesikole zithi sazivelela, kanti nothisha wakho usho njalo. Ungubani-ke wena ukuba uphikise “ongoti”? Futhi bazothini ofunda nabo uma uqala ukukhuluma . . . ngoNkulunkulu?

Uma imibuzo efana nalena ikukhathaza, ungesabi! Akuwena wedwa okholelwa endalweni. Iqiniso liwukuthi, ngisho nososayensi abathile abakwamukeli ukuziphendukela kwemvelo. Othisha abaningi nabo abakukholelwa. E-United States, abafundi abane kwabahlanu bakholelwa kuMdali—naphezu kwalokho okushiwo yizincwadi!

Noma kunjalo, ungase ubuze, ‘Ngiyothini uma kudingeka ngivikele inkolelo yami endalweni?’ Qiniseka ukuthi ngisho noma unovalo, ungalumelela ukholo lwakho. Kodwa lokho kuzodinga ukulungiselele.

Zivivinye Izinkolelo Zakho!

Uma ukhuliswa abazali abangamaKristu, ungase ukholelwe endalweni ngenxa yokuthi yilokho abakufundisa khona. Nokho, njengoba ukhula, ufuna ukukhulekela uNkulunkulu ‘ngamandla akho okuqonda,’ ube nesisekelo esiqinile sezinkolelo zakho. (Roma 12:1) UPawulu wakhuthaza amaKristu ekhulu lokuqala ukuba ‘aqiniseke ngazo zonke izinto.’ (1 Thesalonika 5:21) Ungakwenza kanjani lokho mayelana nendaba yokudalwa?

Okokuqala, cabangela lokho uPawulu akuloba ngoNkulunkulu: “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.” (Roma 1:20) Ucabanga ngalawo mazwi, bhekisisa umzimba womuntu, umhlaba, indawo yonke nokujula kolwandle. Hlolisisa izinambuzane, izitshalo, nezilwane ezimangalisayo—noma yimuphi umkhakha okukhangayo. Khona-ke, usebenzisa “amandla akho okuqonda,” zibuze, ‘Yini engenza ngiqiniseke ukuthi ukhona uMdali?’

Ukuze aphendule lowo mbuzo, uSam oneminyaka engu-14 ubheka umzimba womuntu. Uthi: “Unemicikilisho futhi uyinkimbinkimbi, kanti zonke izingxenye zawo zisebenza ngokubambisana. Akunakwenzeka ukuthi umzimba womuntu wavele nje waba khona!” UHolly, oneminyaka engu-16, uyavuma. Uthi: “Kusukela kuhlonzwa ukuthi nginesifo sikashukela, ngiye ngafunda okuningi ngendlela umzimba osebenza ngayo. Ngokwesibonelo, iyamangaza indlela amanyikwe—isitho esincane esizifihla ngemva kwesisu—enza ngayo umsebenzi omkhulu wokugcina igazi kanye nezinye izitho zomzimba zisebenza.”

Enye intsha iyibheka ngakolunye uhlangothi le ndaba. UJared oneminyaka engu-19 uthi: “Kimi, ubufakazi obuqand’ ikhanda buwukuthi sonke sinesidingo sokukhulekela, kuhlanganise nokwazisa ubuhle nesifiso sokufunda. Lezi zinto asizidingi ukuze siphile, njengoba ukuziphendukela kwemvelo kufuna sicabange kanjalo. Okuwukuphela kwencazelo enengqondo kimi ukuthi sabekwa lapha othile owayefuna ukuba sijabulele ukuphila.” UTyler, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, naye ufinyelele isiphetho esifanayo. “Lapho ngicabanga ngendima efezwa yizitshalo ekusekeleni ukuphila kanye nendlela eyinkimbinkimbi ezakheke ngayo, ngiyaqiniseka ukuthi uMdali ukhona.”

Kulula ukukhuluma ngendalo uma ucabangisisé kahle ngayo futhi ukholelwa ngempela kuyo. Ngakho, njengoSam, uHolly, uJared noTyler, zinike isikhathi sokucabanga ngezimangaliso zomsebenzi kaNkulunkulu. Khona-ke “kulalele” lokho “okutshelwa” yilezi zinto. Ngokungangabazeki, uyofinyelela isiphetho esifanayo nesomphostoli uPawulu—sokuthi akukhona nje ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa nesokuthi zonke izimfanelo zakhe “zingabonakala ngezinto ezenziwe.” *

Yazi Ukuthi Lifundisani Ngempela IBhayibheli

Ngale nje kokuhlolisisa indalo kaNkulunkulu, ukuze uvikele inkolelo yakho endalweni kufanele wazi ukuthi iBhayibheli lifundisani ngempela mayelana nale ndaba. Asikho isidingo sokuzikhathaza ngezinto iBhayibheli elingasho lutho ngazo ngokuqondile. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.

Incwadi yami yesayensi ithi umhlaba kanye nesimiso sonozungezilanga bekulokhu kukhona izinkulungwane zezigidi zeminyaka. IBhayibheli alisho ukuthi umhlaba noma isimiso sonozungezilanga kunesikhathi esingakanani kukhona. Lokho elikushoyo kuvumelana nombono wokuthi indawo yonke kungenzeka ukuthi ibilokhu ikhona izigidi zezigidi zeminyaka ngaphambi kokuqala kosuku lokuqala “lokudala.”—Genesise 1:1, 2.

◼ Uthisha wami uthi akunakwenzeka ukuthi umhlaba wadalwa ngezinsuku eziyisithupha nje. IBhayibheli alisho ukuthi ngalunye lwezinsuku eziyisithupha “zokudala” lwalungamahora angokoqobo angu-24. Ukuze uthole okwengeziwe, bheka amakhasi 18-20 alo magazini.

Ikilasi lethu laxoxa ngezibonelo ezikholisa ngempela zendlela izilwane nabantu okuye kwashintsha ngayo njengoba isikhathi siqhubeka. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala izinto eziphilayo “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:20, 21) Aliwusekeli umqondo wokuthi ukuphila kwaqala entweni engaphili noma ukuthi uNkulunkulu waqala inqubo yokuziphendukela kwemvelo ngengqamuzana elilodwa. Noma kunjalo, “uhlobo” ngalunye lungakhiqiza izinhlobo ezihlukahlukene. Ngakho-ke iBhayibheli livumela ukuba lwenzeke ushintsho ngaphakathi “ohlotsheni” ngalunye.

Qiniseka Ngezinkolelo Zakho!

Asikho isizathu sokuba namahloni noma uzizwe kabi ngenxa nje yokuthi ukholelwa endalweni. Uma sicabangela lobu bufakazi, kunengqondo ngempela—futhi kungokwesayensi—ukukholelwa ukuthi siwumkhiqizo womklamo ohlakaniphile. Ekugcineni empeleni ukuziphendukela kwemvelo—hhayi indalo—okudinga ukholo olukhulu nemilingo okungekho muntu oyenzayo. Eqinisweni, ngemva kokucabangela ezinye izihloko ezikule Phaphama! ngokungangabazeki uzogculiseka ukuthi ubufakazi busekela indalo. Uma usuyicabangisise kahle le ndaba usebenzisa amandla akho okuqonda, uyozethemba kakhulu lapho ulwela inkolelo yakho endalweni ekilasini.

Yilokho okwatholwa uRaquel, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Uthi: “Kwangithatha izinsukwana ukubona ukuthi akufanele ngingakhulumi ngezinkolelo zami. Nganika uthisha incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?, ngadwebela izingxenye ezithile zayo engangifuna ukuba azinake. Kamuva, wangitshela ukuthi le ncwadi yamenza waba nombono omusha ngokuziphendukela kwemvelo nokuthi ngesikhathi esizayo uzokucabangela ukwaziswa okukule ncwadi lapho efundisa lesi sifundo!”

Izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza . . .” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ypa

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Intsha eningi iye yazuza ekuhlaziyeni kabusha imininingwane equkethwe yizincwadi ezifana nethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? nethi Is There a Creator Who Cares About You? Zombili zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Yiziphi izindlela ongabonisa ngazo kalula ukukholelwa kwakho endalweni esikoleni?

◼ Ungakubonisa kanjani ukwazisa kwakho ngaLowo owadala zonke izinto?—IzEnzo 17:26, 27.

[Ibhokisi ekhasini 27]

“BUNINGI UBUFAKAZI”

“Ubungathini kumuntu osemusha owakhula efundiswa ukukholelwa kuMdali kodwa ofundiswa ukuziphendukela kwemvelo esikoleni?” Lo mbuzo wabuzwa esazini sezinto ezincane kakhulu eziphilayo esingomunye woFakazi BakaJehova. Saphendula kanjani? “Kufanele ukubheke njengethuba lokuziqinisekisa wena ukuthi uNkulunkulu ukhona—hhayi nje ngenxa yokuthi abazali bakho bakufundisa lokho kodwa ngenxa yokuthi wena uzihlolele ubufakazi futhi wafinyelela kuleso siphetho. Ngezinye izikhathi lapho othisha becelwa ukuba banikeze ‘ubufakazi’ bokuziphendukela kwemvelo, bakuthola kunzima ukwenza kanjalo, bese bebona ukuthi bamukela le mfundiso ngenxa nje yokuthi iyilokho abakufundisiwe. Nawe ungawela ogibeni olufanayo ngokuphathelene nenkolelo yakho kuMdali. Yingakho kukuzuzisa ukuzihlolela wena ukuthi ukhona yini ngempela uNkulunkulu. Buningi ubufakazi. Akunzima ukubuthola.”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28]

YINI EKUQINISEKISAYO?

Ngezansi, bhala izinto ezintathu ezikuqinisekisa ukuthi ukhona uMdali:

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․