Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okwenza Sikholelwe KuMdali

Okwenza Sikholelwe KuMdali

Okwenza Sikholelwe KuMdali

Izazi eziningi emikhakheni ehlukene kwezesayensi ziyayiqonda indlela ewukuhlakanipha okuklanywe ngayo indalo. Zikuthola kungenangqondo ukukholelwa ukuthi izinto eziphilayo eziyinkimbinkimbi emhlabeni zazivelela nje. Ngakho-ke, ososayensi nabacwaningi abaningi bayakholelwa kuMdali.

Abanye babo baye baba oFakazi BakaJehova. Bagculisekile ngokuthi uNkulunkulu weBhayibheli unguMklami noMakhi wendawo yonke ebonakalayo. Kungani befinyelele kuleso siphetho? I-Phaphama! yabuza abanye babo. Ungase ukuthole kuthakazelisa abakushoyo. *

‘Izinto Eziphilayo Ziyinkimbinkimbi Futhi Aziqondakali’

UWOLF-EKKEHARD LÖNNIG

UMLANDO: Sengineminyaka engu-28 ngenza umsebenzi wesayensi ophathelene nokuguquka kwezakhi zezitshalo. Iminyaka engu-21 kuleyo, bengiqashwe yi-Max Planck Institut for Plant Breeding Research, eCologne, eJalimane. Futhi sengineminyaka cishe engamashumi amathathu ngikhonza nanjengomdala ebandleni lamaKristu loFakazi BakaJehova.

Lokho engikubonile ekucwaningeni kwami izakhi, kuhlanganise nezifundo zami zesayensi yokusebenza kwezitho zomzimba nokwakheka kwezilwane nezitshalo, kungenza ngibone ukuthi izinto eziphilayo ziyinkimbinkimbi kakhulu futhi aziqondakali. Ukuhlola kwami lezi zinto kuye kwaqinisa ukukholelwa kwami ukuthi ukuphila, ngisho nezinto eziyisisekelo nje eziphilayo, kumelwe ukuba zinesiqalo esihlakaniphile.

Ososayensi bazi kahle ukuthi izinto eziphilayo ziyinkimbinkimbi. Kodwa la maqiniso amangalisayo ngokuvamile alethwa ngendlela esekela ngokuqinile ukuziphendukela kwemvelo. Nokho, owami umbono uwukuthi zonke izizathu eziphikisa umlando weBhayibheli mayelana nendalo zitholakala ziyiphutha uma sezicutshungulwa ngokwesayensi. Ngiye ngazihlola lezi zizathu amashumi eminyaka. Ngemva kokucubungula izinto eziphilayo ngokucophelela nokubheka indlela imithetho elawula yonke indalo ebonakala ihlelwe kahle kakhulu ngayo ukuze ukuphila emhlabeni kube khona, ngiyaphoqeleka ukuba ngikholelwe kuMdali.

“Yonke Into Engiyibonayo Inembangela”

UBYRON LEON MEADOWS

UMLANDO: Ngihlala e-United States futhi ngisebenza e-National Aeronautics and Space Administration emkhakheni we-laser physics. Njengamanje ngihileleke ekusungulweni kobuchwepheshe bokuthuthukisa ikhono lokubikezela isimo sezulu somhlaba wonke kanye nezinye izenzakalo zomhlaba. Ngingumdala ebandleni loFakazi BakaJehova endaweni yaseKilmarnock, eVirginia.

Ngokuvamile uma ngicwaninga ngisebenza ngezimiso zesayensi yemvelo. Ngiye ngifune ukuthola ukuthi izinto ezithile zenzeka kanjani nokuthi kungani zenzeka. Emkhakheni wami wokucwaninga, ngithola ubufakazi obucacile bokuthi yonke into engiyibonayo inembangela. Ngikholelwa ukuthi ngokwesayensi, kuwukuhlakanipha ukwamukela ukuthi uNkulunkulu ungumsunguli wazo zonke izinto eziyindalo. Imithetho yendalo izinze kangangokuba kufanele ngikholelwe ukuthi yasungulwa uMhleli, uMdali.

Uma lokhu kuyinto ecace kangaka, kungani ososayensi abaningi bekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo? Kungenzeka yini ukuthi labo abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo bafinyelela iziphetho ngaphambi kokuba bahlole ubufakazi? Lokhu akuyona into engavamile kososayensi. Kodwa lokho umuntu akubonayo, kungakhathaliseki ukuthi kukholisa kangakanani, akusenzi isiphetho sibe iqiniso. Ngokwesibonelo, umuntu ocwaninga nge-laser physics angase aphikelele ngokuthi ukukhanya kuhamba njengamaza afana nawomsindo, ngenxa yokuthi ukukhanya ngokuvamile kusebenza njengamaza. Kodwa uyobe efinyelele isiphetho esingaphelele ngenxa yokuthi ubufakazi bubonisa nokuthi ukukhanya kusebenza njengeqembu lezinhlayiya ezaziwa ngokuthi ama-photon. Ngokufanayo, labo abaphikelela ngokuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso basekela isiphetho sabo engxenyeni nje yobufakazi, futhi bavumela iziphetho zabo asebezifinyelele kakade ukuba zithonye indlela ababheka ngayo ubufakazi.

Ngikuthola kumangalisa ukuthi bakhona abamukela imfundiso yokuziphendukela kwemvelo njengeyiqiniso kuyilapho “izazi” zayo ngokwazo ziphikisana ngendlela lokhu okwenzeka ngayo. Ngokwesibonelo, ungasamukela yini isibalo njengesiyiqiniso uma ezinye izazi zithi uma uhlanganisa u-2 no-2 kwenza u-4, kuyilapho ezinye zithi kwakukholelwa ukuthi ingqikithi yenza u-3 noma mhlawumbe u-6? Uma indima yesayensi iwukwamukela lokho okunobufakazi obuphathekayo, okuhloliwe kwaphinde kwakhiqizwa, khona-ke inkolelo yokuthi ukuphila kwaqala entweni eyodwa ayilona iqiniso.

“Ayikho Into Engavela Entweni Engekho”

UKENNETH LLOYD TANAKA

UMLANDO: Ngiyisazi sesayensi yokwakheka komhlaba, njengamanje ngiqashwe yi-U.S. Geological Survey eFlagstaff, e-Arizona. Cishe sekungamashumi amathathu eminyaka ngenza ucwaningo olungokwesayensi emikhakheni ehlukene yokwakheka komhlaba, kuhlanganise nokwakheka kwamaplanethi. Izihloko zami eziningi zemiphumela yocwaningo namabalazwe okwakheka kweplanethi i-Mars kuye kwanyatheliswa ezincwadini eziningi ezihlonishwayo zesayensi. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngichitha amahora angaba ngu-70 inyanga ngayinye ngikhuthaza abantu ukuba bafunde iBhayibheli.

Ngangifundiswe ukuba ngikholelwe ekuziphendukeleni kwemvelo, kodwa kwakunzima ukwamukela ukuthi amandla amakhulu ayedingeka ukuba kwakheke indawo yonke aba khona ngaphandle koMdali. Ayikho into engavela entweni engekho. Ngithola nesizathu esinamandla sokukholelwa kuMdali eBhayibhelini ngokwalo. Le ncwadi inikeza izibonelo eziningi zamaqiniso angokwesayensi emkhakheni wami, njengeqiniso lokuthi umhlaba uyimbulunga futhi ulenga “phezu kweze.” (Jobe 26:7; Isaya 40:22) La maqiniso alotshwa eBhayibhelini kudala ngaphambi kokuba atholwe abantu ngokucubungula.

Cabanga ngendlela esidalwe ngayo. Sinezinzwa, siyazazi ukuthi sikhona, sihlakaniphile, sinamakhono okukhulumisana kanye nemizwa. Siyakwazi ikakhulukazi ukubona ukwenzeka kwezinto, ukwazisa kanye nokubonisa uthando. Ukuziphendukela kwemvelo akukwazi ukuchaza ukuthi zaba khona kanjani lezi zimfanelo ezimangalisayo zabantu.

Zibuze, ‘Inokwethenjelwa kangakanani imithombo yokwaziswa okusetshenziswa ekusekeleni ukuziphendukela kwemvelo?’ Esikutholile ngokuma komhlaba akuphelele, kuyinkimbinkimbi futhi kuyindida. Izazi zokuziphendukela kwemvelo ziye zahluleka ukunikeza ubufakazi obuphathekayo benkolelo yazo ezindaweni zokucwaninga zisebenzisa izinqubo zesayensi. Nakuba ososayensi ngokuvamile besebenzisa izindlela ezinhle zokucwaninga ukuze bathole imininingwane, bavame ukuthonywa ubugovu lapho bechaza lokho abakutholile. Ososayensi bebelokhu baziwa ngokuphakamisa imibono yabo lapho imininingwane abanayo ingaphelele noma iphikisana. Imisebenzi nemizwa yabo yokuzazisa kufeza indima enkulu kulokhu.

Njengomfundi weBhayibheli nososayensi, ngiyalifuna lonke iqiniso, elivumelana nawo wonke amaqiniso aziwayo nezinto eziphawulekayo ukuze ngifinyelele ulwazi olunembile. Kimina, ukukholelwa kuMdali kunengqondo kakhulu.

“Umklamo Osobala Obonakala Engqamuzaneni”

UPAULA KINCHELOE

UMLANDO: Ngineminyaka eminingana ngingumcwaningi emkhakheni wamangqamuzana ezinto eziphilayo nasemkhakheni wezinto ezincane eziphilayo. Njengamanje ngisebenza e-Emory University, e-Atlanta, eGeorgia, e-U.S.A. Ngiphinde ngisebenze njengevolontiya elifundisa ngeBhayibheli emphakathini okhuluma isiRashiya.

Njengengxenye yemfundo yami emkhakheni wezinto eziphilayo, ngachitha iminyaka emine ngigxile nje engqamuzaneni kanye nezakhi zalo. Njengoba ngangifunda okwengeziwe nge-DNA, RNA, amaprotheni nama-metabolic pathways, babungimangaza nakakhulu ubunkimbinkimbi, ukuhleleka nokunemba okuhilelekile. Nakuba kwakungihlaba umxhwele lokho umuntu asekufundile ngengqamuzana, ngangimangazwa kakhulu ukuthi kusekuningi umuntu angakufunda. Umklamo osobala obonakala engqamuzaneni ungesinye sezizathu ezingenza ngikholelwe kuNkulunkulu.

Ukufunda kwami iBhayibheli kuye kwangembulela ukuthi ungubani uMdali—uJehova uNkulunkulu. Ngiyaqiniseka ukuthi akayena nje uMklami ohlakaniphile kodwa unguBaba onomusa nonothando, ongikhathalelayo. IBhayibheli lichaza injongo yokuphila futhi linikeza ithemba ngekusasa lesintu elijabulisayo.

Intsha esesikoleni efundiswa ukuziphendukela kwemvelo ingase ingaqiniseki ukuthi yini okufanele iyikholelwe. Lesi kungaba isikhathi esiyindida kuyo. Uma ikholelwa kuNkulunkulu, lokhu kuwukuvivinywa kokholo lwayo. Kodwa ingabhekana nale nselele ngendlela ephumelelayo ngokuhlola izinto eziningi ezimangalisayo ezisendalweni esizungezile nangokuqhubeka ikhula olwazini ngoMdali nezimfanelo zakhe. Mina ngiye ngakwenza lokhu futhi ngaphetha ngokuthi umlando weBhayibheli ngendalo unembile futhi awuphikisani nhlobo nesayensi yangempela.

‘Imithetho Elula Engeyona Inkimbinkimbi’

U-ENRIQUE HERNÁNDEZ LEMUS

UMLANDO: Ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Futhi ngiyisazi semithetho yesayensi yemvelo esisebenza eNational University yaseMexico. Umsebenzi engiwenzayo manje uhlanganisa ukuthola incazelo ezwakalayo ngokuhlobana phakathi kokushisa namandla aqukethwe yizinto enqubweni yokwakhekha kwezinkanyezi ebizwa ngokuthi i-gravothermal catastrophe. Ngiye ngenza nomsebenzi ophathelene nezakhi eziyinkimbinkimbi ze-DNA.

Ukuphila kuyinkimbinkimbi kakhulu ukuba singathi kwavele kwenzeka. Ngokwesibonelo, cabanga ngemininingwane eminingi equkethwe yi-molecule ye-DNA. Amathuba okuba kwakheke i-chromosome eyodwa ngokuzenzekelayo angaphansi kwelilodwa ezigidini eziyizigidi ezingu-9, into enzima kangangokuba ingabhekwa njengento engenakwenzeka. Ngicabanga ukuthi akunangqondo ukukholelwa ukuthi amandla angahlakaniphile ayengadala hhayi nje i-chromosome eyodwa kuphela kodwa zonke izinto eziyinkimbinkimbi ezikhona ezintweni eziphilayo.

Ngaphezu kwalokho, lapho ngifunda ngezinto eziyinkimbinkimbi ezenzeka ezintweni eziphathekayo, kusukela kwezincane kakhulu kuya emithaleni emikhulu emkhathini, ngihlatshwa umxhwele yimithetho elula engeyona inkimbinkimbi ebusa ukunyakaza kwako. Kimina, le mithetho ibonisa okungaphezu nje komsebenzi weSazi Esihlakaniphile Sezibalo—ifana nesignesha yoMdwebi Oyingcweti.

Abantu bavame ukumangala lapho ngibatshela ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Bayangibuza ngezinye izikhathi ukuthi kwenzeka kanjani ngikholelwe kuNkulunkulu. Iyaqondakala indlela abasabela ngayo, njengoba izinkolo eziningi zingawakhuthazi amalungu azo ukuba afune ubufakazi balokho akufundiswayo noma enze ucwaningo ngezinkolelo zawo. Nokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sisebenzise “ikhono lokucabanga.” (IzAga 3:21) Bonke ubufakazi bokuthi indalo yaklanywa ngokuhlakanipha kanye nobufakazi obuvela eBhayibhelini, bungenza ngigculiseke ukuthi akukhona nje ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa unesithakazelo emithandazweni yethu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Imibono yalezi zazi kulesi sihloko ayiyona eyabaqashi bazo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]

Mars in background: Courtesy USGS Astrogeology Research Program, http://astrogeology.usgs.gov