Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Okufanele Ukholelwe Kuye?

Ubani Okufanele Ukholelwe Kuye?

Ubani Okufanele Ukholelwe Kuye?

“Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.”—HEBHERU 3:4.

UYAVUMELANA yini nala mazwi anengqondo omlobi weBhayibheli? Sekuphele iminyaka engaba ngu-2 000 isintu sithuthuka kwezesayensi kusukela lelo vesi lalotshwa. Ingabe usekhona umuntu ocabanga ukuthi umklamo obonakala endalweni ubonisa ukuthi ukhona uMklami, uMdali—uNkulunkulu?

Ngisho nasemazweni athuthukile kwezezimboni, abantu abaningi bebeyothi yebo. Ngokwesibonelo, e-United States inhlolo-vo eyenziwa umagazini i-Newsweek ngo-2005 yathola ukuthi abantu abangamaphesenti angu-80 “bakholelwa ukuthi nguNkulunkulu owadala indawo yonke.” Ingabe le nkolelo ibangelwa ukuthi abafundile? Ingabe bakhona ososayensi abakholelwa kuNkulunkulu? Ngo-1997 iphephabhuku lesayensi i-Nature laxoxa nezazi zesayensi yemvelo, zezinto eziphilayo nezezibalo, futhi labika ukuthi cishe amaphesenti angu-40 alezi zazi ayengakholelwa nje ekutheni uNkulunkulu ukhona ngokoqobo kodwa futhi ulalela imithandazo futhi ayiphendule.

Nokho, abanye ososayensi abavumelani nakancane nalokhu. Engqungqutheleni yesayensi muva nje, uDkt. Herbert A. Hauptman, owathola umklomelo kaNobel, wathi ukukholelwa emandleni angaphezu kwawemvelo, ikakhulu kuNkulunkulu, akuvumelani nesayensi yangempela. Wathi: “Lolu hlobo lwenkolelo lonakalisa inhlalakahle yohlanga lwesintu.” Ngisho nososayensi abakholelwayo ukuthi ukhona uNkulunkulu bamanqikanqika ukufundisa ukuthi umklamo obonakala ezitshalweni nasezilwaneni ubonisa ukuthi ukhona uMklami. Kungani? Eveza esinye sezizathu, uDouglas H. Erwin, isazi semivubukulo yezinto eziphilayo e-Smithsonian Institute, uthi: “Omunye wemithetho yesayensi uthi, izimangaliso azamukelwa nhlobo.”

Ungase uvumele abanye bakutshele ukuthi yini ovumelekile ukuba uyicabange futhi uyikholelwe. Noma ungase ufise ukuzihlolela ngokwakho obunye bobufakazi bese uzenzela izinqumo. Njengoba ufunda ngezinto ezisanda kutholwa yisayensi ezivezwe emakhasini alandelayo kulo magazini, zibuze, ‘Ingabe kunengqondo ukuphetha ngokuthi ukhona uMdali?’

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

Zihlolele ubufakazi

[Ibhokisi ekhasini 3]

INGABE OFAKAZI BAKAJEHOVA BANGAMA-CREATIONIST?

OFakazi BakaJehova bayawukholelwa umlando weBhayibheli wendalo olotshwe encwadini kaGenesise. Kodwa abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala izinto ngezinsuku ezimbalwa nje zamahora angu-24 (creationism). Kungani? Okokuqala, abasekeli abaningi bale nkolelo bakholelwa ukuthi indawo yonke nomhlaba kanye nazo zonke izinto eziphila kuwo kwadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezinamahora angu-24 eminyakeni engu-10 000 edlule. Nokho, iBhayibheli alikufundisi lokhu. * Ngaphezu kwalokho, abasekeli bale nkolelo baye bamukela izimfundiso eziningi ezingasekelwa ndawo eBhayibhelini. OFakazi BakaJehova basekela izimfundiso zabo ezingokwenkolo ngokuphelele eZwini likaNkulunkulu.

Ngaphezu kwalokho, kwamanye amazwe abasekeli bale nkolelo bahlanganiswa namaqembu enkolo athatha iBhayibheli njengoba linjalo (ama-Fundamentalist) ahileleke kakhulu kwezombangazwe. La maqembu azama ukucindezela izazi zezombangazwe, abahluleli nabafundisi ukuba bamukele imithetho nezimfundiso ezivumelana nezinkolelo zawo ezingokwenkolo.

OFakazi BakaJehova abathathi hlangothi kwezombangazwe. Bayalihlonipha ilungelo lohulumeni lokushaya imithetho futhi baqikelele ukuthi iyagcinwa. (Roma 13:1-7) Noma kunjalo, bawalalela ngobuqotho amazwi kaJesu athi ‘abayona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:14-16) Enkonzweni yabo yasobala, banikeza abantu ithuba lokufunda ngezinzuzo zokuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Kodwa abasephuli isimiso sabo samaKristu sokungathathi-hlangothi ngokusekela imizamo yamaqembu athatha iBhayibheli njengoba linjalo azama ukumisa imithetho yomphakathi ephoqelela abanye ukuba bamukele imithetho yeBhayibheli.—Johane 18:36.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Sicela ubheke isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Isayensi Iyaphikisana Nomlando KaGenesise?” ekhasini 18 kulo magazini.