Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

“Indawo enkulu kunazo zonke enezinto eziphilayo kule planethi isekujuleni kolwandle. Futhi kunzima kakhulu ukuphila kuyo . . . Noma kunjalo sithola izinto eziphilayo kuyo yonke le ndawo, ngezinye izikhathi ngobuningi obumangalisayo.”—I-NEW SCIENTIST, EBRITHANI.

Ecaleni eliwumhlahla-ndlela muva nje, ijaji lenkantolo kahulumeni eHarrisburg, ePennsylvania, e-U.S.A., linqumé ukuthi “kungqubuzana nomthetho-sisekelo ukufundisa [ukuthi izinto zaklanywa ngokuhlakanipha] esikhundleni sokuziphendukela kwemvelo ekilasini lesayensi esikoleni somphakathi.”—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.

Ngokwenhlolo-vo yabezindaba ka-2005, “amaphesenti angu-51 abantu baseMelika awakwamukeli ukuziphendukela kwemvelo.”—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.

UHarriet, ufudu olukhulu lwaseGalápagos olunesisindo esingamakhilogremu ang-150, oluhlala esiqiwini saseBrisbane, e-Australia, uneminyaka engu-175, futhi “uyisilwane esiphilayo esidala kunazo zonke ezaziwayo emhlabeni.”—I-AUSTRALIAN BROADCASTING CORPORATION.

Abacwaningi baseSwitzerland baye bathola ukuthi ezinye izinhlobo zommbila zizivikela kanjani ukuba zingadliwa umswenya. Zikhiphela iphunga emhlabathini. Leli phunga lidonsa izibungu ezidla amaqhimiza alo mswenya.—I-WELT, EJALIMANE.

Kuthwetshulwe Isithombe Sengwane Enkulu

Eduze kwaseBonin Islands, eningizimu yeJapane, ososayensi baye bathwebula isithombe sokuqala ngqa sengwane (i-squid) enkulu ephilayo. Bafaka izingwane ezincane nezimfanzi emahhukwini base bebeka amakhamera ngaphezu kwawo. Ingwane enkulu eyaqhamuka, eyakhuphuka ekujuleni okungaba amamitha angu-900, kulinganiselwa ukuthi yayingaba amamitha angu-8 ubude.

“Izibankwakazi Zazidla Utshani”

Umbiko we-Associated Press uthi “ososayensi baye bamangala kakhulu” lapho bethola ukuthi “izibankwakazi zazidla utshani.” Lokhu kwatholakala lapho kuhlolisiswa ubulongwe obomile bezibankwakazi obatholakala eNdiya. Bamangaliswa yini? Lo mbiko uthi kwakucatshangwa ukuthi “utshani babungekho kwaze kwaba ngemva kwesikhathi eside izibankwakazi sezafa.” Kwakukholelwa nawukuthi izibankwakazi “zazingenawo amazinyo akhethekile okuhlafuna utshani obumaholo.” Isazi sezinsalela zezitshalo uCaroline Stromberg, esasihola iqembu elathola lolu daba, sithi: “Abantu abaningi bebengacabangi ukuthi [izibankwakazi] zazingadla utshani.”

Zindiza Kanjani Izinyosi?

Bekulokhu kunehlaya elithi onjiniyela sebebonisile ukuthi izinyosi azikwazi ukundiza. Kwakubonakala sengathi izinambuzane “ezisinda” kangaka ezinamaphiko amafushane azikwazi ukuwashaya ngamandla ngokwanele ukuba zingandiza. Ukuze yembule imfihlo yalezi zinambuzane, i-New Scientist ithi onjiniyela “bathwebula izinyosi ezindizayo ngefilimu elithwebula izithombe ezingu-6 000 ngomzuzwana.” Ikhono lezinyosi lichazwa ngokuthi “alivamile.” “Iphiko lima nge-engela elingama-degree angu-90, bese liyaphenduka njengoba lehla—izikhathi ezingu-230 ngomzuzwana. . . . Linjengophephela onensimbi ephenduphendukayo,” kuchaza ilungu leqembu labacwaningi. Abakutholile lab’ onjiniyela kungase kubasize baklame ophephela kabusha futhi bakhe izindiza ezikwazi ukuphenduphenduka.

Amagundane Aculayo

“Amagundane ayakwazi ukucula, futhi . . . acula izingoma eziyinkimbinkimbi njengezezinyoni lapho eshela,” kubika i-New Scientist. Izingoma zamagundane zinomsindo ophakeme kakhulu ongezwakali endlebeni yomuntu—okungenzeka yisona sizathu ebesenza zingaqapheleki ngaphambili. Abacwaningi eSt. Louis, eMissouri, e-U.S.A., bathola ukuthi amagundane angamaduna ayecula ngendlela “ehlelwe ngemisho nangamavesi aphindaphindwayo, okwenza kufaneleke ukukubiza ‘ngengoma.’” Lokhu kufaka amagundane esigabeni sekhethelo. Ezinye izilwane ezincelisayo okwaziwayo ukuthi ziyacula yimikhomo, amalulwane athile, kanye nabantu-ke.