Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inganekwane Noma Iqiniso?

Inganekwane Noma Iqiniso?

Inganekwane Noma Iqiniso?

Umdala ongumKristu uThimothewu wayala labo ababefuna ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso ukuba banganaki “imibono eyiphutha” kanye “nezinganekwane.” (1 Thimothewu 1:3, 4, Byington) Ingabe lesi sixwayiso siyadingeka namuhla? Yebo, ngenxa yokuthi imibono eyiphutha ngeBhayibheli nezimfundiso zalo yenza abantu bafulathele ukukhulekela kweqiniso. Ngezansi kuneminye yemibono evamile abantu abanayo ngeBhayibheli. Phawula amazwi aseBhayibhelini ngokwalo. Angakusiza ukuba uhlukanise izinganekwane eqinisweni.

Inganekwane: Izimangaliso zeBhayibheli azinakwenzeka.

Iqiniso: Kuningi abantu okusafanele bakufunde ngendalo kaNkulunkulu. Akekho usosayensi ongawachaza ngokuphelele amandla adonsela phansi, azichaze ngokunembile zonke izakhi ze-athomu, noma achaze ukuthi siyini ngempela isikhathi. “Ungazithola yini izinto ezijulile zikaNkulunkulu, noma ungathola yini kuze kube kuwo kanye umkhawulo woMninimandla onke?” (Jobe 11:7) Njengoba singenakuyiqonda ngokuphelele indalo, ososayensi abanekhono sebeyaqaphela ukuba bangagomeli ngokuthi into ethile ayinakwenzeka.

Inganekwane: Zonke izinkolo ziholela kuNkulunkulu.

Iqiniso: UJesu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:31, 32) Ukuba zonke izinkolo beziholela kuNkulunkulu, bekuyodingeka yini ukuba amalungu azo akhululwe? Empeleni, uJesu wafundisa ukuthi abantu abambalwa kakhulu ‘abasendleleni eholela ekuphileni.’—Mathewu 7:13, 14.

Inganekwane: Bonke abantu abalungile baya ezulwini lapho befa.

Iqiniso: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula. Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade. Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba.” (IHubo 37:11, 29, 34) Abantu abangu-144 000 abathembekile kuphela abaya ezulwini. Isabelo abasinikwe uNkulunkulu ukuba ‘babuse njengamakhosi phezu komhlaba.’—IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 4.

Inganekwane: “ITestamente Elidala” aliselona usizo kumaKristu.

Iqiniso: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16, 17) “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) “ITestamente Elidala,” imiBhalo YesiHebheru, liwumthombo obalulekile wemfundo engokomoya futhi lisinikeza isisekelo sokuba nokholo “eTestamenteni Elisha,” imiBhalo YamaKristu YesiGreki.

Inganekwane: Okuningi okushiwo yincwadi kaGenesise, kuhlanganise nokulandisa ngo-Adamu no-Eva, kuwumfuziselo.

Iqiniso: Uhlu lozalo lukaJesu kusukela ku-Adamu lwabhalwa umlobi weVangeli uLuka. (Luka 3:23-38) Ukuba uGenesise wayeyinganekwane, ayeyophelelaphi kulolu hlu lozalo amagama abantu bangempela bese eqalaphi awalabo abayinganekwane? UJesu, owaphila ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni, wayekukholelwa lokho okulotshwe kuGenesise, kuhlanganise nomlando ka-Adamu no-Eva. (Mathewu 19:4-6) Ngakho-ke, ukungabaza umlando kaGenesise kuwukungabaza ukuthembeka kukaJesu ngokwakhe, kanye nabalobi abaningi beBhayibheli.—1 IziKronike 1:1; 1 Korinte 15:22; Jude 14.