Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Liphathelene Nani IBhayibheli?

Liphathelene Nani IBhayibheli?

Liphathelene Nani IBhayibheli?

ABANYE babheka iBhayibheli njengencwadi yomlando, ngoba lilandisa ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nesintu izinkulungwane zeminyaka. Abanye balibheka njengencwadi yezimiso zokuziphatha. Baveza imithetho nezimiso ezingaphezu kuka-600 zokwahlulela, zokuphila komkhaya, zezokuziphatha nezenkolo uNkulunkulu azinika isizwe sakwa-Israyeli. Kodwa abanye babheka iBhayibheli njengencwadi yesiqondiso esingokomoya eyembula imicabango kaNkulunkulu.

Empeleni, zonke lezi zincazelo zinembile. IBhayibheli liyazichaza: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:16, 17) Yebo, yonke into eseZwini likaNkulunkulu iyigugu—kuhlanganise nezenzakalo ezingokomlando, imithetho neseluleko esingokomoya.

Nokho, iBhayibheli alilona nje iqoqo lokwaziswa okuwusizo. Okulenza libe yingqayizivele ukuthi liyisambulo esivela kuJehova uNkulunkulu. Linikeza iseluleko sokuphila kwansuku zonke esiwusizo, esiphefumulelwe uNkulunkulu. Lembula nenjongo kaJehova ngomhlaba nangesintu, futhi libonisa indlela ayoziqeda ngayo izimbangela zokuhlupheka kwabantu. Okubaluleke nakakhulu, iBhayibheli lichaza ukuthi uNkulunkulu uye wanyundelwa ngamabomu futhi liveza nendlela ayoyixazulula ngayo le nselele yendawo yonke.

UNkulunkulu Kuthiwa Ungumqambimanga Nombusi Omubi

IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, benengqondo nomzimba ophelele wababeka endaweni enhle. Wabaphathisa umsebenzi wokunakekela umhlaba nezilwane. (Genesise 1:28) Njengabantwana bakaNkulunkulu, u-Adamu no-Eva babenethuba lokuphila phakade emhlabeni, uma belalela uYise wasezulwini. Wabenqabela into eyodwa kuphela. UJehova wathi: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla usuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.”—Genesise 2:16, 17.

Kodwa isidalwa somoya esichazwa eBhayibhelini ngokuthi uSathane uDeveli, sasho okuphambene nalokho: “Ngokuqinisekile ngeke nife.” (Genesise 3:1-5) Ngokuphikisa uNkulunkulu ngamabomu, uSathane akazange nje agcine ngokubiza uMdali ngomqambimanga kodwa waveza nokuthi indlela yaKhe yokubusa ayilungile—ukuthi umuntu angaphila kangcono ngaphandle kukaNkulunkulu. USathane watshela u-Eva ukuthi ukungalaleli uNkulunkulu kwakuyoletha inkululeko nokuzibusa ekuziphatheni. Wathi wayezoba “njengoNkulunkulu”! Ngakho uSathane wahlasela igama likaJehova elihle nenjongo yakhe.

Leyo ngxoxo yaba nemiphumela emikhulu. Empeleni, injongo kaJehova yokulwela igama nedumela lakhe iyisihloko esiyinhloko seBhayibheli. Lokhu kufingqwe kahle emthandazweni kaJesu oyisibonelo—ngokuvamile okuthiwa uMthandazo WeNkosi noma uBaba Wethu . UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni.”—Mathewu 6:9, 10.

Indlela UNkulunkulu Alilwela Ngayo Igama Lakhe

USathane waphakamisa izimpikiswano eziyisisekelo: Ubani owayekhuluma iqiniso—uJehova noma uSathane? Ingabe indlela uJehova abusa ngayo indalo yakhe inobulungisa futhi yinhle? Unalo yini ilungelo lokulindela ukuba abantu bamlalele? Ingabe abantu babeyophila kangcono ngempela uma bezibusa? Ukuze aphendule leyo mibuzo, uJehova uvumele abantu ukuba bazibuse okwesikhashana.

Ube yini umphumela? Selokhu kwakhulunywa lawo manga okuqala e-Edene, umlando wesintu uye wagcwala izinkinga nokuhlupheka, okufakazela ukuthi uSathane ungumqambimanga omubi nokuthi ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu kuholela nje enhlekeleleni. Nokho, ngenxa yothando lwakhe nokuhlakanipha okungenamkhawulo, uJehova unenjongo yokulwela igama lakhe ngokuqeda zonke izinkinga ezaqala e-Edene. Lokhu uyokwenza ngoMbuso KaMesiya. Uyini lowo Mbuso?

UMbuso—Ikhambi LikaNkulunkulu

Izigidi zabantu ziwusho njalo uMthandazo WeNkosi. Kungani ungaziniki ithuba lokucabanga ukuthi usho ukuthini? Cabangela la mazwi: “Umbuso wakho mawuze.” (Mathewu 6:10) Lowo Mbuso awusona nje isimo senhliziyo esingachazeki, njengoba abanye besho. Kunalokho, njengoba igama elithi “umbuso” libonisa, uwuhulumeni wasezulwini ophethwe uJesu Kristu, “iNkosi yamakhosi.” (IsAmbulo 19:13, 16; Daniyeli 2:44; 7:13, 14) IBhayibheli lifundisa ukuthi uyobusa wonke umhlaba, ulethe ukuthula okuhlala njalo nobunye phakathi kwabo bonke abantu, ususe bonke ububi emhlabeni. (Isaya 9:6, 7; 2 Thesalonika 1:6-10) Kanjalo-ke, uMbuso kaNkulunkulu—hhayi noma imuphi uhulumeni wabantu—uyogcwalisa amazwi kaJesu: “Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni.”

Ukuze aqinisekise ukuthi lawo mazwi ayagcwaliseka, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengesihlengo, ekukhulula inzalo ka-Adamu esonweni nasekufeni. (Johane 3:16; Roma 6:23) Ngakho, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, bonke ababonisa ukholo emhlatshelweni kaKristu bayobona ukususwa kwemiphumela yesono sika-Adamu nokupheleliswa kwesintu kancane kancane. (IHubo 37:11, 29) Kuyobe kungasekho ukukhubazeka okusihluphayo, ikakhulukazi lapho sesikhulile. Ngisho nobuhlungu obungokomzwelo obulethwa ukugula nokufa esintwini buyobe ‘sebudlulile.’—IsAmbulo 21:4.

Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyozifeza izithembiso zakhe? Phakathi kokunye, amakhulukhulu eziprofetho eziseBhayibhelini asegcwalisekile kakade. (Bheka ikhasi 9.) Kusobala-ke ukuthi ukholo eBhayibhelini alukona nje ukuthatheka noma ukuzikhohlisa kodwa lusekelwe ezizathwini nasebufakazini obuningi.—Hebheru 11:1.

Iseluleko Esisebenzayo Osukwini Lwethu

Ngaphandle nje kokusinika isisekelo esiqinile sethemba lesikhathi esizayo, iBhayibheli lisisiza nokuba sijabulele ukuphila kakhudlwana namuhla. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu linikeza iseluleko esiwusizo esingeqhathaniswe ngomshado, ukuphila komkhaya, ukusebenzelana nabanye abantu, ukuthola injabulo nezinye izihloko eziningi. Cabangela izibonelo nje ezimbalwa.

Cabanga ngaphambi kokuba ukhulume. “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.”—IzAga 12:18.

Gwema umhawu oyize. “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba, kodwa umhawu ungukubola emathanjeni.”—IzAga 14:30.

Yala izingane zakho. “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.” “Umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.”—IzAga 22:6; 29:15.

Thethelela. UJesu wathi: “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Mathewu 5:7) Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Uthando luze lusibekele zonke izeqo.” (IzAga 10:12) Uma othile ekone kakhulu kangangokuba awukwazi ukumthethelela ukhohlwe, iBhayibheli liyeluka: “Hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa.”—Mathewu 18:15.

Gwema ukuthanda imali. “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Phawula ukuthi iBhayibheli lilahla “uthando lwemali,” hhayi imali ngokwayo.

“Incwadi” Evela KuBaba Wethu Wasezulwini

Ngakho, iBhayibheli liqukethe izinto eziningi. Njengoba sesibonile, liphathelene ngokuyinhloko noNkulunkulu nenjongo yakhe. Kodwa futhi liphathelene nathi—isintu—nendlela esingaphila ngayo ngenjabulo manje naphakade ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi alifane nencwadi evela ‘kuBaba wethu osemazulwini,’ uJehova. (Mathewu 6:9) Ngalo, uJehova usembulele imicabango yakhe eyigugu nentando yakhe kanye nobuntu bakhe obuhle.

Ngokufunda iBhayibheli bese sizindla ngalo, siqala “ukubona” uNkulunkulu njengoba enjalo. Izinhliziyo ezimamukelayo zidonsekela ebuhlotsheni bothando naye. (Jakobe 4:8) Ngokuqinisekile, iBhayibheli aliphathelene nje nomlando, iziprofetho nemithetho kuphela. Liphathelene futhi nobuhlobo bethu noNkulunkulu. Lokhu kwenza le ncwadi ibe yikhethelo futhi ibe yigugu ngempela.—1 Johane 4:8, 16.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Isihloko seBhayibheli sifingqwe kahle emazwini ambalwa omthandazo kaJesu oyisibonelo

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]

INDLELA YOKUFUNDA IBHAYIBHELI

IBhayibheli liyincwadi ethakazelisayo ukuyifunda. Empeleni, ukulandisa kwalo nezifundo zalo zokuziphatha zaziwa kakhulu kangangokuba zifeza indima enkulu ezincwadini ezitholakala ngezilimi eziningi. IBhayibheli lisisiza ukuba sazi uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Libuye libe umthombo omkhulu wokuhlakanipha okusebenzayo. Isaga seBhayibheli sithi: “Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko. Zuza ukuhlakanipha; kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda.” (IzAga 4:7) Ungazuza kanjani kakhulu ekufundeni kwakho iBhayibheli?

Zama ukuhlela isikhathi sokufunda lapho uphapheme kahle. Ungashwampuluzi lapho ufunda. Umgomo wakho uwukugcwalisa ingqondo yakho ngemicabango kaNkulunkulu futhi uyimunce. Isikhathi ngasinye lapho uqeda ukufunda, zindla ngalokho okufundile, ukuqhathanise nalokho osukwazi kakade. Lokhu kuyojulisa ukuqonda nokwazisa kwakho.—IHubo 143:5.

Abanye bangase bazibuze, ‘Kufanele ngiqale kuphi ukufunda iBhayibheli?’ Ungaqala ekuqaleni. Nokho, abanye abantu abaqalayo ukulifunda bakuthola kulula ukuqala ngamaVangeli—uMathewu, uMarku, uLuka noJohane—ukulandisa okuphathelene nokuphila nenkonzo kaJesu. Abanye babe sebedlulela ezincwadini ezibhalwe ngokusankondlo futhi ezinokuhlakanipha—amaHubo, izAga nomShumayeli. Ngemva kwalokho, uyobe usukulangazela ukufunda ezinye izingxenye zeBhayibheli. (Bheka ngezansi.) Ungabi nombono oyiphutha wokuthi kudingeka ufunde kuphela lokho ngokuvamile okuthiwa iTestamente Elisha. Khumbula, “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”—2 Thimothewu 3:16.

Indlela ephumelela kakhulu yokutadisha iBhayibheli ukulifunda ngokwezihloko. Ngokwesibonelo, insiza-kufundisa ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? esetshenziswa oFakazi BakaJehova enkonzweni yabo yasobala, ihlanganisa nezihloko ezifike ngesikhathi ezinjengesithi “Indlela Yokwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise,” “Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu” nesithi “Bakuphi Abafileyo?”—Bheka ibhokisi elisekhasini 18.

[Ibhokisi ekhasini 21]

UKUFUNDA IBHAYIBHELI NGOKWEZIHLOKO

[Amazwi ahambisana nesithombe ekhasini 21]

Umsuka wokuphila nokuwela kwesintu esonweni UGenesise

Ukumiswa kwesizwe sakwa-Israyeli wasendulo U-Eksodusi kuya kuDuteronomi

Ukulandisa okushukumisayo UJoshuwa kuya ku-Esteri

Izinkondlo nezingoma ezishukumisayo UJobe, AmaHubo, IsiHlabelelo Sezihlabelelo

Ukuhlakanipha okusebenziseka ekuphileni IzAga, UmShumayeli

Isiprofetho nesiqondiso sokuziphatha U-Isaya kuya kuMalaki kanye nesAmbulo

Ukuphila nezimfundiso zikaJesu UMathewu kuya kuJohane

Ukusungulwa nokwanda kobuKristu IzEnzo

Izincwadi eziya emabandleni EyabaseRoma kuya kuJude