Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibusiso Noma Isiqalekiso?

Isibusiso Noma Isiqalekiso?

Isibusiso Noma Isiqalekiso?

Umshayeli uyahluleka ukulawula imoto bese iphuma emgwaqweni ishayise isigxobo, kulimale kabi umgibeli ahamba naye. Ngokushesha, usebenzisa umakhalekhukhwini ukuze acele usizo. Kodwa kungani ehlulekile ukulawula imoto? Ususe amehlo emgwaqweni okwesikhashana ukuze aphendule umakhalekhukhwini.

NJENGOBA lesi sibonelo sibonisa, imikhiqizo yanamuhla yobuchwepheshe ingaba usizo noma isiqalekiso—kukithi ukuthi sikhetha ukuyisebenzisa kanjani. Nokho, bambalwa abantu abebengakhetha ukubuyela ekusebenziseni izinto zakudala. Ngokwesibonelo, ama-computer asinciphisela imisebenzi enesidina, enze sikwazi ukuthenga nokusebenzisa izinkonzo zasemabhange nge-Internet, asisiza nokuba sixhumane nabanye nge-e-mail, umyalezo wamazwi noma nge-video link.

Esikhathini esingekude kakhulu, amalungu omkhaya abengavuka ekuseni aye ezindaweni ezihlukahlukene futhi angakwazi ukukhuluma kuze kube yilapho ebonana ntambama. Kodwa manje, ngokombiko we-USA Today, “imibhangqwana engamaphesenti angu-70 enomakhalekhukhwini iyakwazi ukuthintana nsuku zonke ukuze nje ibingelelane, engamaphesenti angu-64 iyathintana ukuze ihlanganise izinhlelo zayo, abazali abangamaphesenti angu-42 baxhumana nezingane zabo nsuku zonke besebenzisa umakhalekhukhwini.”

Ungavumeli Into Ewusizo Ibe Ugibe

Ingabe ukubusebenzisa ngokweqile noma kabi ubuchwepheshe kungaba ingozi engqondweni nasemzimbeni? Cabanga ngesibonelo sombhangqwana osanda kushada kwelinye lamazwe aseNtshonalanga. Ngokwemibiko yamaphephandaba, “wawuhlala ukhuluma ngocingo—lapho usemotweni, endaweni yokuzivocavoca, uze ushayelane ucingo ngisho noma usendlini.” Ngezinye izikhathi, wawusebenzisa imizuzu engaphezu kwengu-4 000 ukhuluma ngomakhalekhukhwini—okungamahora angaphezu kwangu-66 ngenyanga, futhi wathi awunakuphila ngaphandle komakhalekhukhwini bawo. UDkt. Harris Stratyner oyisazi sezifo zengqondo waphawula ukuthi lo mbhangqwana “unezimpawu zokuba imilutha. Kusengathi ubuhlobo bawo ubuqhuba ngomakhalekhukhwini.”

Lesi sibonelo singase sibonakale siwukweqisa, kodwa siveza umkhuba okhathazayo. Kubantu abaningi, ukucabanga ngokuthi awunakukwazi ukuxhumana nabantu ngisho nehora elilodwa nje akubekezeleleki. Owesifazane owevile eminyakeni engu-20 wathi: “Njalo kufanele sihlole ama-e-mail, kufanele sihlale sixhume i-Internet, kufanele ngaso sonke isikhathi sixoxe nabangane ngokubhalelana imiyalezo.”

Uma ukuxhumana nabantu ngobuchwepheshe “kudla isikhathi sakho esiningi futhi sekuyinto okhetha ukuyenza ekuphileni kwakho ezinye izinto uzibekele eceleni, lokho kuwuphawu oluyisixwayiso lokuthi kunokuthile okungahambi kahle,” kusho uDkt. Brian Yeo kuyi-Business Times of Singapore. Ngaphezu kwalokho, abantu abazivalela amahora amaningi besebenzisa izinto zabo zobuchwepheshe, ngokuvamile sincane isikhathi abasisebenzisela ukuvivinya umzimba uma kuwukuthi sikhona, okubenza babe sengcupheni yokuba nezifo zenhliziyo, ushukela noma ezinye izinkinga zempilo ezimbi.

Ezinye izingozi zishesha kakhulu ukubonakala. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene nomakhalekhukhwini, ukuhlola kwamuva kuphethe ngokuthi abashayeli bezimoto abashayela bebambe omakhalekhukhwini ngesandla noma bebaxhume ngentambo engena endlebeni bayafana nabashayeli abaphuzile! Ukubhala umyalezo lapho ushayela nakho kungaba yingozi ebulalayo, futhi enye inhlolo-vo yathola kuthi cishe amaphesenti angu-40 abaneminyaka ephakathi kwengu-16 nengu-27 babhala imiyalezo bebe beshayela. Ngaphezu kwalokho, uma ulingeka ukuba ukhulume ngomakhalekhukhwini noma ubhale umyalezo lapho ushayela, khumbula ukuthi uma kungenzeka uhileleke engozini, amaphoyisa nenkampani yakho yomshuwalense bangase bahlole isikhathi ogcine ngaso ukusebenzisa umakhalekhukhwini wakho ngaphambi kokuba uhileleke engozini. Ukushayela othile ucingo noma ukubhala umyalezo kungakufaka kwezinkulu izindleko! * Ucwaningo lwango-2008 lwengozi yesitimela eyabulala abantu abangu-25 eCalifornia, e-U.S.A., lwembula ukuthi umshayeli wayethumele umyalezo emizuzwaneni embalwa nje ngaphambi kwengozi. Wahluleka ngisho nokunyathela amabhuleki.

Ngenxa yokwanda kwenani lezingane ezisebenzisa omakhalekhukhwini nama-computer, kuhlanganise nemithombo yezokuzijabulisa, kufanele zifunde ukusebenzisa lobu buchwepheshe ngokuqonda nangokuhlakanipha. Zingasizwa kanjani? Sicela ufunde isihloko esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ Bonke abalwela ukuphila ngezimfundiso zeBhayibheli kufanele baqaphe ukuba bangaphazanyiswa yinoma yini kunoma yisiphi isimo esingase sibe yingozi.—Genesise 9:5, 6; Roma 13:1.

[Isithombe ekhasini 5]

Ingabe ubuchwepheshe budla isikhathi sakho esiningi?