Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sebenzisa Ubuchwepheshe Ngokucabangela Nangokonga

Sebenzisa Ubuchwepheshe Ngokucabangela Nangokonga

Sebenzisa Ubuchwepheshe Ngokucabangela Nangokonga

UKatherine, osevile eminyakeni engu-20, usebenza nge-computer emsebenzini. Kodwa nasekhaya uzithola ematasa engena ephuma ezingosini ze-Internet, ethenga, efunda futhi ephendula inqwaba yama-e-mail. Noma kunjalo, ukusebenzisa kwakhe ubuchwepheshe kusesilinganisweni esifanele uma kuqhathaniswa nenye intsha asebenza nayo. Uyabuza: “Kungani bengihlupha ngokungibhalela imiyalezo engenangqondo? Ngingumuntu! Kungani bengakhulumi nami ngocingo?”

LO MBUZO kaKatherine uyadida, ngoba nokukhuluma ngomakhalekhukhwini akufani nokukhuluma ubuso nobuso. Noma kunjalo, uKatherine uveza iphuzu: Izinto eziningi zobuchwepheshe ezaklanyelwa ukuxhumanisa abantu, empeleni zivula igebe elingokomzwelo phakathi kwabo. Ukuze uthole usizo lokusebenzisa kahle ubuchwepheshe, cabangela izimiso zeBhayibheli ezilandelayo.

“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lapho sisebenzisa lawo mazwi kaJesu Kristu endleleni esisebenzisa ngayo omakhalekhukhwini nama-computer, sibonisa inhlonipho ngabanye futhi siziphatha ngendlela efanele. Owesifazane okuthiwa ngu-Anne uthi: “Mina nomyeni wami sasisendaweni yokudla. Kwelinye lamatafula kwakunamadoda amabili edla. Kodwa, enye yawo yachitha sonke isikhathi ikhuluma ngomakhalekhukhwini njengoba idla. Samdabukela umngane wayo, ngoba wayedla ‘yedwa.’” Wawuyozizwa kanjani ukuba kwakunguwe lo mngane wayo? Ingabe kwakuyokuzwisa ubuhlungu? Noma kwakuyokukhuba? Yebo, iqiniso lokuthi singase sikwazi ukusebenzisa umakhalekhukhwini cishe noma kuphi nanganoma yisiphi isikhathi akusho ukuthi kufanele senze njalo. Amazwi kaJesu kufanele abe yisimiso esisiqondisayo.

“Ngakho qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba.” (Efesu 5:15, 16) Isikhathi siyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu futhi akufanele sisetshenziswe kabi. Kuyavunywa, ezobuchwepheshe zingasonga isikhathi. Ngokwesibonelo, i-Internet, ingenza kusheshe ukucwaninga ngokuthile, ukusebenzisa ibhange nokuthenga. Kodwa futhi ingasidla isikhathi uma uchitha amahora amaningi ungena uphuma ezingosini zayo ngokungenanjongo.

Enye into engadla isikhathi ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa—ukusebenzisa i-computer kuyilapho ubuka ithelevishini futhi ukhuluma ocingweni, noma ukuhlola ama-e-mail ngesikhathi esifanayo ube ubheke ezinye izinhlelo. Kungani ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa kungadla isikhathi?

UDkt. Jordan Grafman oyisazi sokusebenza kwezinzwa uthi: “Cishe akunakwenzeka ukuwazi kahle umsebenzi wanoma yiluphi uhlobo owenza ube umatasa ngokunye.” Kusobala ukuthi asinakugxila ezintweni eziningi ngesikhathi esisodwa; kukhona okuzosilela. Ngakho, ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa kungabangela ukuba umuntu abambe ayeke. Ukungagxili entweni eyodwa ngesikhathi kubangela nokuba abantu benze amaphutha amaningi futhi “bephuze ukuqeda abakwenzayo—bathathe isikhathi esiphindwe kabili noma ngaphezulu, ngemisebenzi obekungathi uma yenziwa ngokulandelana kwayo isheshe iqedwe,” ngokusho kukamagazini i-Time. Ngakho cabangisisa ngaphambi kokwenza yonke into kanyekanye; kungenzeka ungafezi lutho!

◼ “Niqaphe yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Izinto ezibonakalayo, kungakhathaliseki ukuthi zibiza kangakanani noma zinhle kangakanani, ngeke zisinike ukuphila noma injabulo yangempela. UNkulunkulu kuphela ongasinika. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Ngakolunye uhlangothi, izwe lezentengiselwano lilinganisa injabulo ngezinto ezibonakalayo. Lithi: ‘Thenga, thenga, thenga. Kufanele uthole okwamuva.’ Ungakhohliswa. Kunalokho, hlakanipha. Hlaziya izisusa kanye nezidingo zakho ngaphambi kokuhlukana nemali oyisebenzele kanzima. Khumbula nokuthi, imikhiqizo eminingi yobuchwepheshe iyashesha ukuphelelwa isikhathi. Ngakho uma udinga izinto ezithile zobuchwepheshe, zibuze: ‘Ingabe kufanele ngithenge eyamuva impela? Futhi ingabe ngidinga enazo zonke izinto zobuchwepheshe obubizayo okungenzeka ngingabusebenzisi nhlobo?’

Isibusiso Noma Isiqalekiso —Kukuwe Ukuzikhethela

UKatherine ocashunwe ekuqaleni, wayekhathazeke kakhulu lapho ethola ukuthi i-computer yakubo ayisebenzi. Uthi: “Ngaqale ngakhungatheka, kodwa nganquma ukungayithengi enye ngokushesha. Ngemva kwenyanga ngazizwa ngikhululeke kakhudlwana futhi nginesikhathi esiningi sokufunda. I-computer ngiyayisebenzisa emsebenzini, ngakho ngisakwazi ukuxhumana nabangane bami nangemva komsebenzi. Kodwa angisenawo umuzwa wokuthi kufanele ngihlale ngixhumana nabathile. Ukuphila kwami akusabuswa ezobuchwepheshe.”

Empeleni, imikhiqizo eminingi yobuchwepheshe mihle kakhulu futhi ingonga isikhathi esiningi namandla. Ngakho-ke, uma kudingeka yisebenzise, kodwa yisebenzise ngendlela efanele nenokucabangela. Kanjani? Abantu abeze kuqala kunobuchwepheshe. Gwema ukuchitha isikhathi esiyigugu nemali ezintweni zobuchwepheshe ongazidingi. Ungayisebenzisi i-Internet nobunye ubuchwepheshe ukuze ubuke izinto ezingcolile nezinobudlova. Futhi ungabi “umlutha” wezobuchwepheshe. Kafushane nje, hlakanipha—sebenzisa izimiso zaphezulu ezinokwethenjelwa ezitholakala eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli Elingcwele. Yebo, “uJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.”—IzAga 2:6.

[Ibhokisi ekhasini 9]

OMAKHALEKHUKHWINI, AMA-COMPUTER NENHLONIPHO

Ungawusebenzisa kanjani umakhalekhukhwini ne-computer yakho ngokucabangela? Cabangela ukusikisela okulandelayo.

◼ Gwema ukuphendula umakhalekhukhwini uma ungase uphazamise abanye. Uvale uma kudingeka.

◼ Ungavumeli umakhalekhukhwini uphazamise izingxoxo ezibalulekile nalabo okhuluma nabo ubuso nobuso ngaphandle kwalapho kudingeka ngempela.

◼ Uma ukhuluma nomuntu othile ocingweni, mlalelisise.

◼ Ungathwebuli isithombe somuntu ngomakhalekhukhwini uma lokho kungase kube ukudelela noma kungambangela amahloni.

◼ Yilwa nesilingo sokuthumelela abanye wonke ama-e-mail anezinto “ezithakazelisayo” owatholayo. Lowo omthumelelayo angase angawajabuleli.