Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

◼ Ocwaningweni olwenziwa kubantu abangaba ngu-2 000 eJalimane, cishe intsha engamaphesenti angu-40 ephakathi kweminyaka engu-14 kuya ku-19 yayinomuzwa wokuthi akunankinga ukunqamula ubuhlobo ngokuthumela umyalezo noma nge-e-mail. Amaphesenti angaphezu kuka-80 abantu abaneminyaka engu-50 nangaphezulu ayekubheka njengokungamukeleki neze.I-FRANKFURTER NEUE PRESSE, EJALIMANE.

◼ Kulinganiselwa ukuthi ngo-2008 kwathunyelwa imiyalezo ngomakhalekhukhwini engaphezu kwezigidi ezingu-2,5 emhlabeni wonke.I-HITU NEWS, ETAHITI.

◼ “Ukubhema kukunciphisa ngezinga elingakanani ukuphila komuntu? Ngeminyaka emihlanu kuya kweyishumi, ngokwesilinganiso.”—I-UC BERKELEY WELLNESS LETTER, E-U.S.A.

◼ Kulinganiselwa ukuthi cishe amaphesenti angu-60 ama-computer asetshenziswa emahhovisi e-United States ashiywa engacinyiwe ubusuku bonke. Ngenxa yalokho, cishe kuphuma amathani e-carbon dioxide angaba yizigidi ezingu-14,4 ngokungadingekile ezindaweni zokuphehla ugesi unyaka ngamunye.—I-WORLD WATCH, E-U.S.A.

Amabhasi Akhuthaza Inkolelo Yokungabikhona KukaNkulunkulu

“Mhlawumbe akekho uNkulunkulu. Ngakho ungakhathazeki jabulela ukuphila.” Lesi siqubulo sibhalwe emabhasini angu-200 eLondon, eNgilandi; nakwamanye angu-600 kulo lonke elaseNgilandi; nasemabhodini amabili amakhulu aku-Oxford Street eLondon, kubika iphephandaba i-Guardian. Abasunguli balezi zikhangiso bathi umkhankaso wabo ulwa nezikhangiso zenkolo ezithi abangakholwa baya esihogweni somlilo. Igama elithi “mhlawumbe” lisetshenziswe ngenxa yemithetho ebekwe yi-Britain’s Advertising Standards Authority, ngenxa yokuthi kunzima ukuveza ubufakazi bokuthi akekho uNkulunkulu. Injongo yalo mkhankaso ukukhuthaza abantu abakholelwa ukuthi akekho uNkulunkulu ukuba “baphumele obala,” baveze imibono yabo.

Izingozi Zokuhlela Ukubeletha Ngaphambi Kwesikhathi

E-United States, ziya ngokwanda izingane ezizalwa ngaphambi kwesikhathi—ngendlela yokusheshisa imihelo noma ukuhlinzwa—ukuze nje abesifazane basheshe bakhululeke. Kodwa, “amasonto okugcina enkathi yokukhulelwa abaluleke kakhulu ngaphezu kwalokho obekucatshangwa,” kusho i-Wall Street Journal. Ucwaningo olwenziwa ezinsaneni ezingaba ngu-15 000 lwabonisa ukuthi isonto ngalinye usana lusesibelethweni sikanina phakathi namasonto angu-32 nangu-39, izinga lokuquleka, isifo se-jaundice, izinkinga zokuphefumula nokopha ebuchosheni kwehla ngamaphesenti angu-23. Izinsana ezizalwa ngemva kwamasonto angu-32 kuya ku-36 zazisengozini enkulu yokuba nezifo ezithinta ingqondo. Ngakho i-American College of Obstetricians and Gynecologists isikisela ukuthi izingane zingazalwa “ngaphambi kwamasonto angu-39 ngaphandle kwalapho kunesizathu sempilo,” kusho le Journal.

Ukusebenzisa Izitebhisi Kuthuthukisa Impilo

“Ukusebenzisa izitebhisi njalo kuyindlela elula futhi esebenzayo yokuthuthukisa impilo,” kubika umagazini wezempilo waseBrithani i-Lancet. Abacwaningi bacela izisebenzi ezingu-69 ezisebenza emahhovisi ukuba zisebenzise izitebhisi kunamakheshi. Ngemva kwamasonto angu-12, amandla alezi zisebenzi akhuphuka ngamaphesenti angu-8,4, “okwanciphisa izimbangela zokufa ngamaphesenti angu-15.” Lezi zisebenzi zabona umehluko “emfuthweni wegazi, amafutha amaningi egazini (cholesterol), isisindo somzimba, ukukhuluphala nobukhulu bokhalo.”