Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwanda Kwezobuchwepheshe

Ukwanda Kwezobuchwepheshe

Ukwanda Kwezobuchwepheshe

AKUYONA into engavamile e-Albania ukubona umuntu osekhulile ogibele imbongolo kodwa ebe ekhuluma ngomakhalekhukhwini. ENdiya isinxibi singase sithi ukuhlaba ikhefu ukuze sishaye ucingo noma siphendule umakhalekhukhwini waso. Yebo, kusukela komakhalekhukhwini kuya kuma-computer namathelevishini, ubuchwepheshe buye bafinyelela zonke izingxenye zomhlaba—beqa ngisho nomngcele ophakathi kwabacebile nabampofu—futhi sebuyingxenye yokuphila kwabaningi.

Mhlawumbe ukwanda kobuchwepheshe kubonakala kakhulu ngokwanda komakhalekhukhwini, iningi labo abangasasetshenziselwa nje ukushaya ucingo kuphela. Izinhlobo eziphambili zomakhalekhukhwini zenza ababasebenzisayo bakwazi ukungena kuyi-Internet, ukuthumela ama-e-mail nemiyalezo, ukubuka ithelevishini, ukulalela umculo, ukuthwebula izithombe, ukufuna indlela nge-Global Positioning System (GPS), nokushayela othile ucingo!

Ngokombiko wephephandaba i-Washington Post, uhlobo oluthile lukamakhalekhukhwini okuthiwa i-smartphone “manje selukwazi ukwenza izinto ukwedlula ama-computer ayesetshenziswa yi-North American Air Defense Command ngo-1965.” Iphephandaba i-Post liphinde lithi: “Emhlabeni namuhla sekunomakhalekhukhwini owodwa kubantu ababili,” futhi cishe amazwe angu-30 anomakhalekhukhwini abaningi kunabantu. Ngempela, manje sibona “ukwanda okusheshayo kobuchwepheshe embulungeni yonke emlandweni wesintu,” ngokusho kwaleli phephandaba.

Emhlabeni wonke, cishe amaphesenti angu-60 abantu abasebenzisa omakhalekhukhwini bahlala emazweni asathuthuka, okwenza umakhalekhukhwini ube yinto yokuqala yobuchwepheshe bokuxhumana esetshenziswa iningi labantu bakulawo mazwe. Ngokwesibonelo, ngo-2008 e-Afghanistan kwakwenezelwa amakhasimende amasha athenga omakhalekhukhwini angaba ngu-140 000 nyanga zonke, kuyilapho eminyakeni yamuva e-Afrika inani lokusetshenziswa komakhalekhukhwini lenyuka cishe ngamaphesenti angu-50 ngonyaka.

Kodwa intuthuko kwezokuxhumana inezinkinga zayo. Omakhalekhukhwini, ama-pager, nama-computer aphathwayo kwenza abantu bakwazi ukutholakala cishe nganoma yisiphi isikhathi, noma kuphi, okubangela ukuba abantu abathile bazithole bebambeke ogibeni lwezobuchwepheshe. Ngakolunye uhlangothi lwezobuchwepheshe “kunemilutha,” ehlala inesifiso esingalawuleki sokwazi okwenzekayo.

“Ukulutheka,” nokuphazamiseka—cishe lezi zinto ziyizinkinga eziphawuleka kakhulu ezihlobene nokusetshenziswa kakhulu kobuchwepheshe bezokuxhumana. * Kodwa zona lezi zinto zobuchwepheshe ziwusizo kakhulu. Khona-ke, ungazisebenzisa kanjani ngokulinganisela, ngokuhlakanipha nangokucabangela? Izihloko ezilandelayo zizophendula lo mbuzo.

[Umbhalo waphansi]

^ Lolu chungechunge lwezihloko lugxile ezintweni zobuchwepheshe ezinjengomakhalekhukhwini, ama-computer, ithelevishini kanye ne-Internet. Ngaphandle kwalapho kuboniswe khona ngenye indlela, elithi “ubuchwepheshe” lizobhekisela kulezi zinto.