Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Engingayigqoka?

Yini Engingayigqoka?

Intsha Iyabuza

Yini Engingayigqoka?

UHeather uselungele ukuphuma ngomnyango, kodwa abazali bakhe abakukholwa abakubonayo. “Uzohamba ugqoke lezo zinto?” uyise ethetha. Emangele uHeather uyabuza: “Zinani? Ngiya ezitolo nje nabangane bami.” “Hhayi ugqoke lezo zingubo!” kusho unina. UHeather uyakhalaza, “Kodwa mama, zonke izingane zigqoka kanje, . . . futhi nje ziyilokho engikuthandayo!” Uyise uphendula ngokucasuka, “Thina-ke asiyithandi indlela ezibukeka ngayo! Ndodakazi yami, hamba uyoshintsha, kungenjalo awuyi ndawo!”

IZIMPIKISWANO eziphathelene nokugqoka aziyona into entsha. Abazali bakho kungenzeka babelwa impi efanayo nabazali babo lapho besengangawe. Futhi ngalezo zikhathi, kungenzeka ukuthi babezizwa ngendlela ozizwa ngayo namuhla! Kodwa manje sebeshintshile, futhi indaba yokuthi yini okufanele uyigqoke ibangela izimpikiswano ezingapheli.

Wena uthi: Ingenza ngikhululeke.

Bona bathi: Iwubudlaba.

Wena uthi: Yinhle!

Bona bathi: Ivusa inkanuko.

Wena uthi: Ishibhile.

Bona bathi: Kufanele vele ishibhe. . . . Kunengxenye yayo engekho!

Ingabe ikhona indlela yokuxazulula le mpikiswano? Yebo! UMegan, manje oneminyaka engu-23 uyayazi imfihlo. Uthi: “Akufanele kuze kube nempikiswano. Kungenziwa isivumelwano.” Isivumelwano? Ingabe lokho kusho ukuthi kufanele ugqoke njengomuntu oneminyaka engu-40? Ungakhathazeki! Ukuvumelana kusho ukuthi wena nabazali bakho nixoxa ngezinto eningavumelani ngazo bese nicabangela ezinye izindlela ezingajabulisa wena nabo ngokufanayo. Ziyini izinzuzo?

1. Uzobukeka kahle ngisho nakontanga yakho.

2. Cishe nabazali bakho ngeke besakugxeka okugqokayo.

3. Ngemva kokubona ukuthi uhluzekile kule ndaba, abazali bakho bangase bakunike ngisho nenkululeko eyengeziwe.

Ake siqale lapha. Ake ucabange ngengubo “oyifuna ngabomvu” oyibone kuyi-Internet noma esitolo. Into yokuqala oyenzayo  . . .

Cabangela Izimiso ZeBhayibheli

Kuyamangalisa ukuthi kuncane iBhayibheli elikushoyo ngokugqoka. Empeleni, ngemizuzwana nje ungafunda zonke izeluleko ezisemBhalweni ezithinta indaba yokugqoka ngokuqondile! Kodwa, ngaleso sikhathi, ungathola iziqondiso eziyisisekelo futhi ezibalulekile. Ngokwesibonelo:

◼ IBhayibheli leluleka abasifazane ukuba bazihlobise “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.” *1 Thimothewu 2:9, 10.

Igama elithi “isizotha” lingase likukhathaze. Ungase uzibuze: ‘Ingabe kufanele ngigqoke isaka?’ Lutho neze! Kule ndaba, isizotha sisho ukuthi izingubo zakho zibonisa ukuthi uyazihlonipha wena nemizwa yabanye. (2 Korinte 6:3) Izingubo eziningi ziyahambisana nesizotha. UDanielle, oneminyaka engu-23, uthi: “Kungase kube yinselele, kodwa ungayigqoka imfashini ngaphandle kokugqoka izitayela ezeqisayo.”

◼ IBhayibheli lithi uma kuziwa endabeni yokubukeka, kufanele ugxile “kumuntu ofihlekile wenhliziyo”—noma, njengoba i-Today’s English Version ilibeka leli vesi, “umuntu onguye ngempela ngaphakathi.”—1 Petru 3:4.

Ingubo engenasizotha ingase ibakhange abantu okwesikhashana, kodwa ubuhle bakho bangaphakathi yibona obuyokutholela inhlonipho ehlala njalo kubantu abadala nakontanga. Kontanga? Yebo—ngisho nabo bangase babubone ubuthutha bezitayela ezeqisayo. UBrittany, oneminyaka engu-16, uthi: “Kuyanyanyisa ukubona indlela abesifazane abavusa ngayo inkanuko emadodeni ngendlela abagqoka ngayo!” UKay uyavuma. Lapho echaza othile owayengumngane wakhe uthi: “Yonke into ayeyigqoka kwakufanele imenze “abukwe” ngaso sonke isikhathi. Wayefuna ukunakwa abafana, futhi ukuze bamnake wayegqoka izingubo ezidonsa amehlo ngangokunokwenzeka.”

Icebiso Ngemfashini: Gwema izitayela ezivusa inkanuko. Zikwenza ubonakale ungumuntu ofuna ukunakwa noma ozazisayo. Zingenza nokuba ube yisisulu sokuhlukunyezwa—noma okubi kunalokho. Ngokuphambene, izingubo ezinesizotha zikwenza ubukeke kahle futhi zigqamise nezimfanelo zakho ezinhle.

Thola Umbono Wabazali Bakho

Ukufihla ingubo engenasizotha esikhwameni sakho bese uyigqoka lapho ususesikoleni akuyona indlela yokwenza izinto. Uyothola ukwethenjwa ngokwengeziwe abazali bakho uma uxoxa nabo ngokukhululekile nangokwethembeka, ngisho nasezintweni ocabanga ukuthi ungazigqoka futhi bangaboni. Empeleni, kuyokusiza ukufuna uvo lwabo lapho ucabangela ukuthenga ingubo ethile.—IzAga 15:22.

Kungani ufuna ukwenza lokho? Kanti akuwona yini umthwalo wabazali bakho ukukucindezela ukuthi kufanele ugqokeni? Akunjalo ngempela. Yiqiniso, ubaba nomama wakho bangase babheke izinto ngelinye ihlo. Ngezinye izikhathi yikhona okudingayo. UNataleine oneminyaka engu-17 uthi, “Ngiyasazisa iseluleko sabazali bami ngenxa yokuthi angifuni ukuphuma endlini ngiyozenza inhlekisa noma kukhulunywe kabi ngami ngenxa yendlela engibukeka ngayo.”

Ngaphandle nje kwalokho, yiqiniso ukuthi: Uma usengaphansi kophahla lwabazali bakho ungaphansi kwegunya labo. (Kolose 3:20) Nokho, uma uyiqonda imibono yabo—nabo beyiqonda eyakho—ungase umangale ukuthi ningahlala nivumelana kanjani. Umphumela walokho ukuthi izimpi ngenxa yezinto zokugqoka zingaphela.

Icebiso Ngemfashini: Lapho ulinganisa ingubo, cabanga ngalokho okungale kwalokho okubona esibukweni. Ingubo engase ibonakale inesizotha ingase ishintshe lapho uhlala phansi noma ugoba ukuze ucoshe okuthile. Uma kungenzeka, thola umbono womzali noma umngane ovuthiwe.

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala eNgosini ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

^ Nakuba lesi seluleko seBhayibheli sibhekiswe kwabesifazane, izimiso zaso ziyasebenza nakwabesilisa. Bheka ibhokisi elithi,  “Kuthiwani Ngabafana?”

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

Cabanga ngengubo ofuna ukuyithenga. Khona-ke zibuze:

◼ Ingabe idlulisela muphi “umyalezo”?

◼ Ingase yenze abantu basabele kanjani?

◼ Ingabe ngifuna basabele ngaleyo ndlela kuhlanganise nemiphumela yakho?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]

Uhlu Lwezingubo Zakho

Iziqondiso: Kopisha leli khasi. Cela abazali bakho bagcwalise isikhala esingakwesokudla ngenkathi wena ugcwalisa esingakwesokunxele. Kamuva, shintshanani ngamashadi nabazali bakho bese nixoxa ngezimpendulo zenu. Ingabe kukhona okumangazayo? Yikuphi ngamunye wenu akufundile ngokuphathelene nendlela omunye abona ngayo izinto?

OKWAKHO OKWABAZALI BAKHO

Cabanga ngengubo ethile ofuna Cabanga ngengubo ethile

ukuyigqoka indodakazi yakho efuna

noma ukuyithenga. ukuyigqoka noma ukuyithenga.

◼ Kungani uthanda le ngubo ◼ Cabanga ukuthi kungani

ngokukhethekile? Bala izinto ingane yakho iyithanda le

ezingezansi uqale ngoyithandayo ngubo? Bala izinto ezingezansi

kwehle njalo. ngokwalokho ocabanga ukuthi

kuyizinto ezithandwa yingane yakho.

․․․․․ Igama lempahla ․․․․․ Igama lempahla

․․․․․ Indlela ekhanga ngayo ․․․․․ Indlela ekhanga ngayo

abobulili obuhlukile abobulili obuhlukile

․․․․․ Iyathandeka kontanga ․․․․․ Iyathandeka kontanga

․․․․․ Ingilingana kahle ․․․․․ Iyilingana kahle

․․․․․ Inani layo ․․․․․ Inani layo

․․․․․ Okunye ․․․․․ ․․․․․ Okunye ․․․․․

◼ Cishe lapho abazali bami ◼ Ngizosabela ngokuthi

beyibona le ngubo bayosabela

ngale ndlela

“Cha, hhayi le!” “Cha, hhayi le!”

“Mhlawumbe.” “Mhlawumbe.”

“Iyafaneleka.” “Iyafaneleka.”

◼ Isizathu esikhulu sokuba ◼ Isizathu esikhulu sokuba

bayihlabe singaba ukuthi ngiyihlabe singaba ukuthi

“Ivusa inkanuko.” “Ivusa inkanuko.”

“Iwubudlabha.” “Iwubudlabha.”

“Ihambisana kakhulu “Ihambisana kakhulu

nesitayela.” nesitayela.”

“Iveza isithombe esibi “Iveza isithombe esibi

ngabazali bakho.” kithi njengabazali bakho.”

“Ibiza kakhulu.” “Ibiza kakhulu.”

Okunye ․․․․․ Okunye ․․․․․

SINGABAMBISANA KULOKHU?

◼ Uwusizo kanjani umbono ◼ Ingabe le ngubo siyihlaba ngenxa

wabazali bami? nje yokuthi asiyithandi?

․․․․․ Yebo Mhlawumbe Cha

◼ Kuthiwani uma kukhona ◼ Kuthiwani uma kukhona

okungase kwenziwe ukuze ingubo okungase kwenziwe ukuze ingubo

ifaneleke? ifaneleke?

ISINQUMO

․․․․․

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 20]

OKUSHIWO ONTANGA

“Kulungile ukugqoka into ‘esesitayeleni,’ uma nje ingangqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Ziningi izingubo ongazithenga ezinhle futhi ezifanelekayo.”—UDerrick.

“Lapho ngisanda kweva eshumini nambili, ngangifuna ukuzimela. Ngangingathandi ukutshelwa ukuthi yini engingayigqoka. Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi angiyitholi inhlonipho engangiyifuna—kwaze kwaba yilapho ngiqala ukucabangela imibono yabazali bami neyabanye abantu abadala.”—UMegan.

“Lapho ngibona amantombazane egqoke izingubo eziveza umzimba, iyancipha inhlonipho yami ngawo. Ngakolunye uhlangothi, lapho ngibona abantu begqoke ngesizotha kodwa bebahle, ngiye ngicabange, ‘Yile ndlela engifuna abantu bangibheke ngayo.’”—UNataleine.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]

KUTHIWANI NGABAFANA?

  Izimiso zeBhayibheli okuxoxwe ngazo kulesi sihloko ziyasebenza nakubafana. Yiba nesizotha. Vumela umuntu ofihlekile wenhliziyo—umuntu onguye ngempela ngaphakathi—abonakale. Uma ucabangela uhlobo oluthile lwezingubo, zibuze: ‘Luzobatshelani abantu ngami? Ingabe lokho “engikugqokile” kuveza lokho engiyikho ngempela?’ Khumbula, indlela ogqoka ngayo iveza lokho oyikho. Qiniseka ukuthi izingubo zakho zibonisa izimiso ophila ngazo!

[Ibhokisi ekhasini 21]

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

Cabangela isimo esisekuqaleni kwalesi sihloko, bese umbona uHeather eyindodakazi yakho. Uyaphawula ukuthi ugqoke ingubo eveza umzimba—empeleni unqunu, ngokombono wakho. Usabela ngokushesha uthi: “Ndodakazi yami, hamba uyoshintsha, kungenjalo awuyi ndawo!” Ukusabela ngale ndlela kungase kuyifeze injongo. Futhi-ke nje ayikho into indodakazi yakho engayenza ngaphandle kwalokho okushoyo. Kodwa ungayifundisa kanjani ukuba ishintshe indlela ecabanga ngayo hhayi nje izingubo zayo kuphela?

◼ Okokuqala, khumbula ukuthi imiphumela yokungabi nasizotha kufanele ibaluleke kakhulu enganeni yakho kunakuwe. Phakathi enhliziyweni, ingane yakho ayifuni ukubukeka njengesilima noma izidonsele amehlo ngokungadingekile. Ngesineke yibonise ukuthi izitayela ezingenasizotha azikhangi neze. * Sikisela ezinye izitayela.

◼ Okwesibili, ‘ukucabangela kwakho makwaziwe yibo bonke.’ (Filipi 4:5) Zibuze, ‘Ingabe le ngubo iphula isimiso seBhayibheli, noma ukuthi nje mina angiyithandi?’ (2 Korinte 1:24) Uma kuwukuthi umane nje awuyithandi, ingabe ungayivumela ukuba iyigqoke?

◼ Okwesithathu, ungavele nje utshele ingane ukuthi yini engemukeleki. Yisize ukuba ithole izingubo ezifanelekayo. Imizamo yakho iyoba nomvuzo omuhle.

[Umbhalo waphansi]

^ Cishe ingane yakho iyakhathazeka kakhulu ngomzimba wayo, ngakho qaphela ukuba ungadluliseli umbono wokuthi umzimba wayo unezici.