Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokubhekana Namalimi

Indlela Yokubhekana Namalimi

Indlela Yokubhekana Namalimi

“Uma ngingingiza, ngiba novalo bese ngingingiza nakakhulu. Ngizizwa sengathi ngisemgodini ojulile, angikwazi ukuphuma. Ngake ngaya kudokotela wengqondo ngiyofuna usizo. Wathi kufanele ngithole intombi—ngilale nayo ukuze ngizethembe kakhudlwana! Angiphindanga ngaya lapho. Ngifuna ukuba abantu bangamukele njengoba nginjalo.”—URafael oneminyaka engu-32.

AKE ucabange ukuthi bekuyoba njani ukube ukucela nje ithikithi lebhasi bekukwenza ujuluke ube manzi té, kuthi lapho ukhuluma, uphindaphinde igama elilodwa. Kunjalo ngabantu abangaba yizigidi ezingu-60 emhlabeni wonke—okuyisilinganiso somuntu oyedwa kwabayikhulu—abanamalimi. Bavame ukugconwa nokucwaswa. Bangase babhekwe njengabantu abangahlakaniphile ngoba esikhundleni sokusebenzisa amagama anzima, basebenzisa amagama abangawaphimisela kalula.

Abangelwa yini amalimi? Angelashwa? Kukhona yini umuntu onamalimi angakwenza ukuze akwazi ukukhuluma kahle? Yini abanye abangayenza ukuze basize?

Ingabe Siyazazi Izimbangela?

Abanye abantu basendulo babekholelwa ukuthi amalimi abangelwa imimoya emibi, okwakufanele ikhishwe. ENkathini Ephakathi, kwakucatshangwa ukuthi inkinga isolimini. Laliyini “ikhambi”? Izinsimbi ezishisayo nezinongo! Emakhulwini eminyaka kamuva odokotela babesika izinzwa nemisipha yolimi, baze bakhiphe ngisho namathansela ukuze belaphe amalimi. Kodwa zonke lezo zindlela ezinonya zazihluleka.

Ucwaningo lwanamuhla lubonisa ukuthi kungenzeka amalimi abangelwa yizinto eziningana, hhayi imbangela eyodwa nje. Enye imbangela kungase kube indlela umuntu akusingatha ngayo ukucindezeleka. Enye kungase kube ufuzo, ngoba cishe abantu abangamaphesenti angu-60 abanamalimi banezihlobo ezinale nkinga. Ngaphezu kwalokho, ucwaningo olusebenzisa izithombe zezinzwa lubonisa ukuthi ubuchopho bomuntu onamalimi buhlaziya inkulumo ngendlela ehlukile. Abanye “bangase baqale ukukhuluma ngaphambi kokuba ubuchopho busho ukuthi igama kufanele liphinyiselwe kanjani,” kusho uDkt. Nathan Lavid encwadini yakhe ethi Understanding Stuttering. *

Ngakho, imbangela eyinhloko yamalimi ingase ingabi sengqondweni ngempela, njengoba kwakucatshangwa ngaphambili. Incwadi ethi No Miracle Cures ithi: “Ngamanye amazwi, amalimi awahlobene nalokho umuntu akukholelwayo, futhi abanawo abanakwelashwa ‘ngokuluthwa ingqondo.’ Nokho, abantu abanamalimi bangase babe nezinkinga zengqondo ezibangelwa yiwo. Ngokwesibonelo, bangase besabe ukubhekana nezimo ezithile, njengokukhuluma phambi kwabantu noma ocingweni.

Usizo Kwabanamalimi

Kuyathakazelisa ukuthi ngokuvamile abantu abanamalimi bayakwazi ukucula, ukuhlebeza, ukukhuluma bodwa noma nezilwane abazifuyile, ukukhuluma kanyekanye neqembu, noma ukulingisa abanye abantu ngaphandle kokungingiza kakhulu noma bangangingizi nhlobo. Ngaphezu kwalokho, amalimi ayaziphelela ezinganeni ezingamaphesenti angu-80. Kodwa kuthiwani ngamanye amaphesenti angu-20?

Namuhla kunezinhlelo zokwelapha amalimi ezingathuthukisa ikhono lokukhuluma. Ezinye izindlela zihilela ukungayiqinisi imihlathi, izindebe nolimi kanye nokudonsa umoya esiswini lapho uphefumula. Iziguli zingafundiswa nokudonsa umoya kancane esiswini nokuwudedela kancane kancane lapho umuntu eqala ukukhuluma. Ngaphezu kwalokho, zingase zikhuthazwe ukuba zidonse onkamisa nongwaqa abathile. Izinga lokukhuluma liyakhula kancane kancane njengoba ikhono lokukhuluma lithuthuka.

Ukuba nala makhono kungathatha amahora nje ambalwa. Kodwa ukusebenzisa lezo zindlela ngokuphumelelayo lapho umuntu ecindezeleke kakhulu kungase kudinge ukuba aprakthize izinkulungwane zamahora.

Ukuqeqeshwa kufanele kuqale nini? Ingabe kuwukuhlakanipha ukumane ulinde ubone ukuthi amalimi engane ayaziphelela yini noma cha? Izibalo zibonisa ukuthi ngemva kweminyaka emihlanu ayaziphelela amalimi ezinganeni ezingaphansi kwamaphesenti angu-20. Incwadi ethi No Miracle Cures ithi: “Lapho ingane isineminyaka eyisithupha ubudala, amalimi cishe ngeke aziphelele ngaphandle kokwelashwa.” Ngakho, “izingane ezinamalimi kufanele zibone udokotela owelapha amalimi ngokushesha ngangokunokwenzeka.” Ezinganeni ezingamaphesenti angu-20 ezikhula zinamalimi, ezingaba ngamaphesenti angu-60 kuya kwangu-80 ziyelapheka. *

Bhekana Namaqiniso

Ngokusho kukadokotela owelapha amalimi uRobert Quesal, naye onamalimi, ikhono lokukhuluma kahle ngaphansi kwazo zonke izimo aliyona into engafinyelelwa ngokoqobo yibo bonke abanamalimi. URafael, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, akayinqobanga ngokuphelele le nkinga, nakuba selingcono kakhulu ikhono lakhe lokukhuluma. Uthi: “Inkinga yami iba sobala uma ngifunda noma ngikhuluma phambi kwabantu noma lapho nginothile omuhle wobulili obuhlukile. Ngangizinyeza kakhulu ngoba abantu babengigcona. Kodwa manje sengizama ukuzamukela njengoba nginjalo futhi angikhathazeki kakhulu. Ngakho manje uma kunegama elingenza ngingingize, ngivele ngihleke, kodwa bese ngizama ukwehlisa umoya ngiqhubeke.”

Okushiwo uRafael kuvumelana nalokho okushiwo i-Stuttering Foundation of America, ethi “ukunqoba amalimi ngokuvamile kuyindaba yokuyeka ukwesaba ukungingiza, hhayi ukuzama ngokuzikhandla.”

Abaningi abanale nkinga abayivumelanga ukuba ibaphuce ithuba lokuphila okunenjongo. Abanye baye baba nodumo, kuhlanganise nesazi se-physics uSir Isaac Newton, ilungu lesigele eliyiNgisi uWinston Churchill kanye nomdlali wamabhayisikobho waseMelika uJames Stewart. Abanye baye bahlakulela amakhono angahlobene nokukhuluma, njengokudlala insimbi yomculo, ukudweba noma ukufunda ulimi lwezandla. Labo kithi abangenawo amalimi kufanele bawazise umzamo omkhulu owenziwa yilabo abanawo. Ngakho masibakhuthaze futhi sibasekele ngakho konke esingakwenza.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Imibono ekhona njengamanje mayelana nezimbangela zamalimi nezindlela ezifanele zokuwelapha, nakuba ivumelana ezicini ezithile, ingase ingavumelani ngaso sonke isikhathi. I-Phaphama! ayitusi umbono noma indlela ethile yokwelapha.

^ par. 13 Ezimweni ezithile odokotela bangase batuse imishini edambisa amalimi eyenza lingasheshi liphume izwi noma imithi enciphisa ukukhathazeka okuphazamisa ikhono lokukhuluma.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 13]

UNGAMSIZA KANJANI UMUNTU ONAMALIMI?

● Qiniseka ukuthi usesimweni esikhululekile nesizolile. Ukuphila kwanamuhla okusheshayo nokugcwele izingcindezi kuvame ukuyibhebhethekisa le nkinga.

● Esikhundleni sokutshela onamalimi ukuthi angakhulumi asheshe, beka isibonelo ngokukhuluma ungasheshi. Lalela ngesineke. Ungamphazamisi. Ungawaqedeli amagama awashoyo. Hlaba ikhefu ngaphambi kokuba uphendule.

● Gwema ukumgxeka nokulungisa amaphutha akhe. Ngokumbuka emehlweni, ngokubukeka kobuso, ukunyakaza komzimba nalokho okushoyo, bonisa isithakazelo kulokho akushoyo, hhayi indlela akusho ngayo.

● Akufanele kubangele amahloni ukuxoxa ngamalimi. Ukumomotheka ngendlela enobungane kanye nokuphawula okuthile ngale nkinga kungenza lowo onamalimi akhululeke kakhudlwana. Mhlawumbe ungasho okuthile okunjengalokhu: “Ngezinye izikhathi akulula ukusho lokho esifuna ukukusho.”

● Ngaphezu kwakho konke, mqinisekise ukuthi umamukela njengoba enjalo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 14]

“KANCANE KANCANE ANCIPHA AMALIMI”

UVíctor, owayenamalimi iminyaka ethile phakathi nokucindezeleka okukhulu ekhaya, wakwazi ukunqoba inkinga yakhe yokukhuluma ngaphandle kokwelashwa. Njengoba engomunye woFakazi BakaJehova, wabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, esiqhutshwa masonto onke kuwo wonke amabandla. Nakuba lesi sikole singaklanyelwe ukwelapha amalimi, sisiza abafundi ukuba bathuthukise ikhono labo lokukhuluma futhi bazethembe.

Kusetshenziswa incwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ukubhekana Nokungingiza,” le ncwadi ithi: “Kubalulekile ukuba uqhubeke uzama. . . . Uma uzonikeza inkulumo, lungiselela kahle. Yizwe egazini inkulumo yakho. . . . Uma ubanjwa amalimi lapho usakhuluma, zama ngawo wonke amandla ukwehlisa umoya. Khulula imisipha yomhlathi. Sebenzisa imisho emifushane. Nciphisa izejwayezi ezinjengokuthi ‘eh.’”

Ingabe lesi sikole samsiza uVíctor? Uyakhumbula: “Ngangigxila kakhulu kulokho engizokusho, hhayi endleleni engizokusho ngayo, futhi ngangikhohlwa ukuthi nginenkinga. Futhi, ngangiprakthiza njalo. Kancane kancane ancipha amalimi.”