Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabula Ngebala Lesikhumba Sakho

Jabula Ngebala Lesikhumba Sakho

Jabula Ngebala Lesikhumba Sakho

● Abantu abathile e-Afrika, eNingizimu ye-Asia, eCaribbean naseMpumalanga Ephakathi bahlobanisa ibala lesikhumba elimpofu nokuchuma nemfashini. Ngenxa yalokho, abesilisa nabesifazane abaningi kulezi zindawo basebenzisa imikhiqizo ekhanyisa ibala lesikhumba—kodwa ngezinye izikhathi eyingozi empilweni yabo.

Abanye okhilimu abakhanyisa ibala lesikhumba bane-hydroquinone, isithako esikhanyisa ibala esivimbela ukwakheka kwe-melanin, kanjalo sinciphise amandla esikhumba angokwemvelo okuzivikela emisebeni e-ultraviolet (UV). I-hydroquinone ingena esikhunjeni futhi ingase idale umonakalo ongalungiseki ezicutshini. Umphumela uba ukuguga ngaphambi kwesikhathi. Le khemikhali ingabangela nomdlavuza. Abanye okhilimu banesigidi, naso esiwubuthi.

Ngaphezu kwalokho, ukusebenzisa le mikhiqizo njalo kungabangela ukuqubuka okulimaza isikhumba, amabala amabi futhi kwenze isikhumba sithambe kangangokuba singathungeki lapho silimala. Kanti uma amakhemikhali akwezinye zalezi zimonyo engena egazini, angalimaza isibindi, izinso noma ubuchopho—aze azibulale nokuzibulala lezo zitho zomzimba.

Kuyindida ukuthi nakuba abanye abantu abanebala elinsundu befuna ukulenza likhanye, abaningi abanebala elimhlophe benza konke okusemandleni ukuze libe nsundu. Kuyiqiniso ukuthi ukuba selangeni ngezinga elilinganiselwe kungaba nempilo. Ngokwesibonelo, kungasiza ekwakhekeni kukavithamini D. Kodwa ukuhlala elangeni isikhathi eside, ikakhulukazi uma seliphakeme, kungaba ingozi. Empeleni, ukushintsha kwebala lesikhumba libe nsundu kubonisa ukuthi kakade isikhumba sesilimele futhi sizama ukuzivikela emisebeni eyengeziwe ye-UV eyingozi. Kodwa leso sivikelo silinganiselwe. Ngokwesibonelo, ukushintsha kwesikhumba sibe nsundu uma unebala elimpofu kunikeza isivikelo esingaba ngu-4 (spf) elangeni. Nakuba ukusebenzisa okhilimu bokuvikela isikhumba kungase kube usizo, akukuvikeli ngokuphelele ekulimaleni kwesikhumba nakweminye imidlavuza, ehlanganisa i-melanoma.

Yingakho i-World Health Organization itusa ukuba “kusakazwe umyalezo wokuthi bonke abantu kufanele bajabule ngebala labo lesikhumba elingokwemvelo, okuyisinyathelo esibalulekile sokukhuthaza umbono ofanele ngokuzivikela elangeni.” Nokho, labo abahlakaniphe ngempela bagxila kulokho iBhayibheli elikubiza ‘ngomuntu osithekile wenhliziyo,’ ongathuthuka njengoba isikhathi siqhubeka, ngokungafani nesikhumba esigugayo!—1 Petru 3:3, 4; IzAga 16:31.