Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kulungele Ukubhekana Nezinkinga

Kulungele Ukubhekana Nezinkinga

Kulungele Ukubhekana Nezinkinga

“Nganquma ukuyeka ukubhema ngenxa yempilo yosana lwethu olwalusanda kuzalwa. Ngakho endlini yethu ngafaka uphawu oluthi ‘Akubhenywa Lapha.’ Ngemva kwehora nje, ukuqaleka kwavele kwangishaya njenge-“tsunami,” futhi ngavele ngawokhela.”—UYoshimitsu waseJapane.

NJENGOBA okuhlangenwe nakho kukaYoshimitsu kubonisa, ukuyeka ukubhema kunezinkinga. Ngaphezu kwalokho, ucwaningo lwembula ukuthi amaphesenti angu-90 alabo abazama ukuyeka bayahluleka baphinde babuyele kulo mkhuba. Ngakho, uma uzama ukuyeka ukubhema, cishe uyophumelela uma ukulungele ukubhekana nezinkinga. Yiziphi izinkinga ezivamile?

Ukuqaleka: Ngokuvamile lokhu kuba namandla kakhulu phakathi nezinsuku ezintathu uyeke ugwayi bese kuyancipha cishe ngemva kwamasonto amabili. Phakathi naleso sikhathi “ukuqaleka kuba nezikhawu; akwenzeki njalo,” kusho othile owayebhema. Kodwa, ngisho nangemva kweminyaka, ungase uqaleke nje esithubeni. Uma lokho kwenzeka, ungaxhamazeli. Linda imizuzu engaba mihlanu, kuzodlula.

Ezinye izimpawu zokuqaleka: Ekuqaleni, abantu bakuthola kunzima ukuhlala bephapheme noma ukugxilisa ingqondo futhi bangase bakhuluphale ngokushesha kunangaphambili. Bangase bezwe izinhlungu, ukulunywa, ukujuluka, ukukhwehlela nokushintshashintsha kwemizwelo okubonakala ngokungabi nasineke, ulaka ngisho nokucindezeleka. Nokho, izimpawu eziningi ziyancipha ngemva kwezinyanga ezine kuya kweziyisithupha.

Phakathi nalesi sikhathi esinzima, zikhona ezinye izinto ongazenza ngokoqobo ukuze usizakale. Ngokwesibonelo:

● Zinike isikhathi esengeziwe sokulala.

● Phuza kakhulu amanzi noma isiphuzo sezithelo. Yidla ukudla okunempilo.

● Vocavoca umzimba ngokusesilinganisweni.

● Donsa umoya kakhulu, bese ucabanga ngomoya ohlanzekile ugcwala emaphashini.

Izinto ezibangela ukuqaleka: Lezi yizinto noma imizwa engabangela ukuba uqalekele ugwayi. Ngokwesibonelo, mhlawumbe ubuvame ukubhema lapho uphuza okuthile. Uma kunjalo, lapho uyeka ukubhema, ungachithi isikhathi eside uphuza okuthile. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi uyokwazi ukujabulela iziphuzo zakho ngokunethezeka.

Noma kunjalo, imikhuba ethile ingahlala engqondweni isikhathi eside nakuba ingasekho i-nicotine emzimbeni. UTorben, oke wacashunwa uyavuma, “Ngemva kweminyaka engu-19 ngayeka ukubhema, namanje sisafika isifiso sokuba ngibheme ngesikhathi setiye.” Kodwa ngokuvamile, ukuhlobanisa ukubhema nezimo ezithile kuyoncipha ngokuhamba kwesikhathi futhi liphele nethonya lakho.

Isimo sihlukile uma kuziwa otshwaleni. Iqiniso liwukuthi njengoba uzama ukuyeka ukubhema, kungase kudingeke ukuba ubugweme utshwala nezindawo obutholakala kuzo, ngoba makhulu amathuba okubuyela ekubhemeni lapho abantu bephuza utshwala. Kungani kunjalo?

● Ngisho notshwala obuncane nje bungabangela ukuqalekela i-nicotine.

● Ukuphuza njengeqembu ngokuvamile kuhambisana nokubhema.

● Utshwala bukhinyabeza ikhono lokwahlulela futhi buqede namahloni. IBhayibheli lisho kufanele ukuthi: ‘Iwayini lisusa isisusa esihle.’—Hoseya 4:11.

Abangane: Khetha. Ngokwesibonelo, gwema ukuzibandakanya ngokungadingekile nabantu ababhemayo noma abangase bakukhuthaze ukuba ubheme. Gwema nabantu abazama ukululaza imizamo yakho yokuyeka ukubhema, mhlawumbe ngokukugcona.

Imizwelo: Ocwaningweni oluthile kwatholakala ukuthi cishe abayizingxenye ezimbili kwezintathu ababuyela ekubhemeni babecindezelekile noma bethukuthele ngaphambi nje kokuba babheme. Uma umuzwa othile ukwenza ufune ukubhema, unqande—mhlawumbe ngokuphuza amanzi, ukuhlafuna ushungamu, noma ngokushaywa umoya. Zama ukugcwalisa ingqondo yakho ngemicabango emihle, mhlawumbe ngokusondela kuNkulunkulu ngomthandazo noma ngokufunda amakhasi ambalwa eBhayibhelini.—IHubo 19:14.

Izaba Okufanele Uzigweme

Ngizodonsa kanye nje.

Iqiniso: Ukudonsa kanye nje kunganelisa cishe isigamu sezinzwa ze-nicotine ezisebuchosheni bakho amahora amathathu. Ngokuvamile umphumela uba ukubuyela ngokuphelele ekubhemeni.

Ukubhema kungisiza ukuba ngilwe nokucindezeleka.

Iqiniso: Ucwaningo lubonisa ukuthi empeleni i-nicotine ikhuphula izinga lama-hormone abangela ukucindezeleka. Noma yini umuntu acabanga ukuthi iwukuncipha kokucindezeleka kungenzeka ibangelwa kakhulu umphumela wokudamba kwesikhashana kwezimpawu zokuqaleka.

Ngeke ngisakwazi ukuyeka.

Iqiniso: Ukuba nombono ophambene kuqeda amandla. IBhayibheli lithi: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” (IzAga 24:10) Ngakho gwema ukucabanga ngendlela ethena amandla. Noma ubani ofuna ukuyeka ukubhema futhi osebenzisa izimiso eziwusizo, njengalezo ezishiwo kulo magazini, angaphumelela.

Zibuhlungu kakhulu izimpawu zokuqaleka.

Iqiniso: Kuyiqiniso ukuthi izimpawu zokuqaleka zinamandla, kodwa zizodamba ngemva kwamasonto nje ambalwa. Ngakho yiba nombono oqondile! Uma uqaleka ngemva kwezinyanga noma iminyaka, nakho kuzodlula, cishe ngemva nje kwemizuzu embalwa—uma ungawokheli ugwayi.

Nginesifo esithile sengqondo.

Iqiniso: Uma kunesifo sengqondo owelashelwa sona, njengokucindezeleka noma ukusangana, cela udokotela akusize ukuba uyeke ukubhema. Angakusekela, mhlawumbe ngokushintsha imithi oyiphuzayo ukuze kunqandwe umphumela isinqumo sakho esingaba nawo ngokuphathelene nokugula kwakho noma imithi oyiphuzayo.

Uma ngibuyela kuwo, ngizozizwa ngiyisehluleki.

Iqiniso: Uma ukhubeka bese uyabhema—njengoba kwenzeka kwabaningi abazama ukuyeka ukubhema—lokho akusho ukuthi alisekho ithemba. Mane uvuke uyibambe. Ukuwa akusho ukuthi uyisehluleki. Ukungasukumi yikona okukwenza isehluleki. Ngakho qhubeka uzama. Ekugcineni uzophumelela!

Cabangela indaba kaRomualdo, okwase kuphele iminyaka engu-26 ebhema futhi oseneminyaka engaphezu kwengu-30 eyekile. Uyabhala: “Ngahluleka izikhathi eziningi. Isikhathi ngasinye ngangiphatheka kabi njengokungathi ngiyisehluleki. Nokho, lapho sengenze isinqumo esiwujuqu sokuba nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu futhi ngicela usizo lwakhe ngokuphindaphindiwe ngomthandazo, ekugcineni ngakwazi ukuyeka ukubhema unomphela.”

Esihlokweni sokugcina salolu chungechunge, sizocabangela ukusikisela okumbalwa okuwusizo okungakusiza ukuba ujabule ngokuyeka ukubhema.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

ZONKE IZINHLOBO ZAWO ZINOBUTHI

Ugwayi usetshenziswa ngezindlela eziningi. Eminye imikhiqizo yawo idayiswa ngisho nasezitolo zokudla okunempilo nezamakhambi. Noma kunjalo, “zonke izinhlobo zikagwayi zinobuthi,” kusho i-World Health Organization. Abantu bangase babulawe yizifo eziningi ezihlobene nogwayi, njengomdlavuza nesifo senhliziyo. Omama ababhemayo nabo bangalimaza abantwana babo abangakazalwa. Imiphi imikhiqizo kagwayi evame ukusetshenziswa?

I-bidis: Lo sikilidi omncane ogoqwa ngesandla usetshenziswa kakhulu emazweni ase-Asia. I-bidis inetiyela, i-nicotine nentuthu ephindwe izikhathi ezimbalwa kunosikilidi ovamile.

Izigazu: Lo gwayi usongwa ngeqabunga likagwayi noma ngephepha elenziwe ngogwayi. Izigazu azibukhali kakhulu uma ziqhathaniswa nosikilidi, okwenza i-nicotine yazo imunceke ngomlomo ngisho noma zingokhelwe.

Ama-kretek, noma ugwayi we-clove: Ngokuvamile lolu hlobo lunamaphesenti angu-60 kagwayi nangu-40 e-clove. Lunetiyela, i-nicotine nentuthu eningi kunosikilidi ovamile.

Inqawe: Ukubhema inqawe akuphephile kunokubhema usikilidi, ngoba kokubili lokhu kungabangela uhlobo olufanayo lomdlavuza nezinye izifo.

Ugwayi ongenantuthu: Lokhu kuhlanganisa ugwayi ohlafunwayo, isinemfu kanye ne-gutkha enongiwe esetshenziswa eNingizimu-mpumalanga ye-Asia. I-nicotine imuncwa ngomlomo ingene egazini. Ukubhema ugwayi ongenantuthu kuyingozi njengokubhema ezinye izinhlobo zikagwayi.

Amapayipi okubhema (ama-bong, ama-hookah, ama-narghile nama-shisha): Intuthu kagwayi idlula emanzini ngaphambi kokuba imuncwe ngepayipi. Noma kunjalo, lokhu kungase kungabunciphisi ubuthi, kuhlanganise nezithako ezibangela umdlavuza, ezingena emaphashini.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

UKUSIZA OTHILE UKUBA AYEKE UKUBHEMA

Yiba ngowakhayo. Ukuncoma nokutusa kusebenza kangcono kunokufundekela umuntu njalo. Ukutshela umuntu ukuthi “Ngicabanga ukuthi ungakwenza uma uzama futhi” kungcono kunokuthi “Uphinde wahluleka!”

Thethelela. Zama ngazo zonke izindlela ukungayinaki intukuthelo noma ukukhungatheka komuntu ozama ukuyeka ukubhema. Sebenzisa amazwi anomusa anjengokuthi: “Ngiyazi ukuthi lokhu kunzima, kodwa ngiyaziqhenya ngawe ngokuthi uyakwenza.” Ungalokothi uthi: “Wawungcono ngesikhathi usabhema!”

Yiba umngane weqiniso. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Yebo, zama ukuba nesineke nothando “ngaso sonke isikhathi” kothile ozama ukuyeka ukubhema—kungakhathaliseki isikhathi sosuku noma indlela lowo muntu azizwa ngayo.