Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngijabule Nakuba Ngikhubazeke Kakhulu

Ngijabule Nakuba Ngikhubazeke Kakhulu

Ngijabule Nakuba Ngikhubazeke Kakhulu

NJENGOBA Ilandiswa NguJosé Godofredo Várguez

Ngazalwa ngingumqemane futhi ngakhula kahle. Lapho sengineminyaka engu-17 ubudala, ngaqala ukusebenza njengomshiseli. Ngemva kweminyaka emibili, ngangishisela epulatifomu eduze kwezintambo zikagesi ezinamandla lapho liqala ukuna. Kungazelelwe ngabanjwa ugesi owangiphonsa phansi ebangeni elingamamitha angu-14, ngaquleka. Ngaba kuleso simo ngaze ngaphaphama ngemva kwezinyanga ezintathu. Okuwukuphela kwento engangikwazi ukuyinyakazisa kwakuyikhanda. Ngangikhubazeke wonke umzimba, futhi ngakhungatheka!

EKUQALENI, ngangimthukuthelele uNkulunkulu futhi ngambuza ukuthi uvume kanjani ukuba ngiphile. Ngangicabanga nokuzibulala. Ngaya ezinkolweni eziningi ngifuna isiphephelo, kodwa ayikho kuzo eyanginika induduzo yangempela noma eyanelisa isidingo sami esingokomoya. Empeleni, zazingabakhuthazi ngisho nokubakhuthaza abantu ukuba baphile ngezimfundiso nezindinganiso zeBhayibheli! Lapho umama eshona ngo-1981, ngaqala ukuphuza nokugembula. Ngangicabanga ukuthi ngenxa yesimo sami, uNkulunkulu wayezongizwela futhi angixolele noma ngidakwa. Ngaqala nokuphila ukuphila kokuziphatha okubi ngokuhlala nowesifazane singashadile.

Ushintsho Olukhulu Engqondweni

Lapho sengineminyaka engu-37, ngahlangana noFakazi BakaJehova ngokokuqala ngqá. Umama, ethonywe amahlebezi, wayethe bayinkolo embi kunazo zonke. Noma kunjalo, ngabangenisa kwami—ngifuna nje ukubabonisa ukuthi basephutheni, ngoba ngangicabanga ukuthi kuningi engikwaziyo ngeBhayibheli. Kodwa ngamangala lapho ngithola ukuthi ngangazi okuncane kangakanani! Ngaphezu kwalokho, lezi zivakashi zami zangimangaza ngokusebenzisa iBhayibheli ekuphenduleni yonke imibuzo yami. Ngokushesha ngabona ukuthi ngangithole iqiniso.

Ngokudabukisayo, owesifazane engangihlala naye akazamukelanga izinkolelo zami ezintsha, ngakho sahlukana. Ngaqhubeka ngihlanza ukuphila kwami futhi ngashintsha nesimo sengqondo nokucabanga ngakuvumelanisa nezimfundiso zeBhayibheli. Ngosizo lukaNkulunkulu ngiye ngakwazi ukwamukela imiphumela emibi yengozi ngokwengqondo nangokomzwelo—kangangokuthi kule minyaka engu-20 edlule, ngiye ngathola ukwaneliseka okukhulu ngokukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngenxa yokukhubazeka kwami, abantu abaningi bayazibuza ukuthi ngiphila kanjani. Iqiniso liwukuthi angingedwa. Ngihlala nomfowethu omncane, u-Ubaldo, one-Down’s syndrome. U-Ubaldo naye ulamukele iqiniso leBhayibheli, futhi ukhonza uJehova kanye nami.

Siyabambisana futhi siyanakekelana. Lapho sisenkonzweni, u-Ubaldo ungisunduza ngesihlalo sabakhubazekile angqongqoze naseminyango, futhi lapho ngixoxa nabaninikhaya, uyangisiza ngokuvula iBhayibheli nokukhipha izincwadi ezifanele. Ungisiza nangezinye izidingo zami ezingokwenyama. Mina-ke, ngidayisa izimonyo ukuze sizondle sobabili. Ngaphezu kwalokho, amalungu ebandla lakithi loFakazi BakaJehova asiza ngokupheka, ngemisebenzi yasendlini nangokusiyisa kudokotela—okuyizinto esizazisa ngempela mina no-Ubaldo!

Ebandleni lobuKristu, nginelungelo lokukhonza njengomdala, futhi abafowethu abangokomoya bahlale bekulungele ukungisiza ngokucwaninga izihloko zeBhayibheli. Ngiyakwazi ukudwebela amaphuzu abalulekile ezincwadini engizifundayo ngokubamba ipensela ngomlomo.

Uma abantu bengibuza ukuthi ngijabule yini, njalo ngiphendula ngoyebo osuka enhliziyweni! Ayikho enye indlela ebengingazizwa ngayo. Ngithole injongo yangempela ekuphileni, futhi ngibheke phambili ethembeni elimangalisayo uNkulunkulu alibeke phambi kwabakhulekeli bakhe abathembekile—ukuba umqemane ePharadesi elizayo emhlabeni.—Isaya 35:5, 6; Luka 23:43.

[Isithombe ekhasini 24]

UJosé eseneminyaka engu-18, ngonyaka owandulela ingozi

[Isithombe ekhasini 25]

Omunye uFakazi ungiphenyela iBhayibheli lapho nginikeza inkulumo eHholo LoMbuso

[Isithombe ekhasini 25]

Mina nomfowethu u-Ubaldo sibambisene kahle kakhulu enkonzweni eMexico

[Isithombe ekhasini 25]

Amalungu ebandla lakithi asiza ngokupheka nangemisebenzi yasendlini