Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingakuthuthukisa Kanjani Ukuzethemba Kwami?

Ngingakuthuthukisa Kanjani Ukuzethemba Kwami?

Intsha Iyabuza

Ngingakuthuthukisa Kanjani Ukuzethemba Kwami?

YEBO | CHA

Uma uzibheka esibukweni, ingabe uyakuthanda lokho okubonayo?

Ingabe unomuzwa wokuthi unamakhono amahle?

Uyakwazi yini ukumelana nokucindezela kontanga?

Ungakwazi yini ukwamukela ukugxekwa okufanele?

Ungazibekezelela yini izinto abanye abazishoyo ngawe?

Ingabe unomuzwa wokuthi wokuthi uyathandwa?

Uyayinakekela yini impilo yakho?

Ingabe uyabajabulela abanye uma bephumelela?

Ingabe uzibheka njengomuntu ophumelelayo?

Uma uphendule ngocha emibuzweni embalwa kwengenhla, kungenzeka ukuzinyeza kwakho kukwenza ungaziboni izimfanelo zakho ezinhle. Lesi sihloko sizokusiza ukuba ubone lezo zimfanelo!

INTSHA eningi iyazinyeza ngokubukeka kwayo nangamakhono ayo, kanye nokuthi injani uma iqhathaniswa nabanye. Ingabe kunjalo nangawe? Uma kunjalo, baningi abanye abanjengawe!

“Amaphutha ami ayangidumaza. Ngokuvamile, ngizigxeka njalo.”—ULeticia. *

“Kungakhathaliseki ukuthi umuhle kangakanani, njalo uhlangana nabantu abahle kunawe.”—UHaley.

“Ngizinyeza kakhulu uma ngiphakathi kwabantu. Ngiba novalo lokuthi kuzoba sengathi ngiyisehluleki.”—URachel.

Uma uzizwa ngendlela echazwe ngenhla, ungalilahli ithemba. Ungaluthola usizo. Cabangela izinto ezintathu ezingathuthukisa ukuzethemba eziyokusiza ukuba ube nombono oqondile ngawe.

1. Zenzele Abangane

Umbhalo oyisihluthulelo. “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

Lokho okukushoyo. Umngane omuhle angaba usizo olukhulu ezikhathini zobunzima. (1 Samuweli 18:1; 19:2) Ngisho nakho nje ukuthi othile uyakukhathalela kungakukhuthaza. (1 Korinte 16:17, 18) Ngakho sondelana nabantu abayithonya elihle kuwe.

“Abangane beqiniso ngeke bakuyeke uhlale udikibele.”—UDonnell.

“Ngezinye izikhathi into ebaluleke kakhulu ukwazi ukuthi kunothile okukhathalela ngempela. Lokho kungakwenza uzizwe uyigugu.”—UHeather.

Isixwayiso: Qiniseka ukuthi unabangane abaveza lokho oyikho ngempela—hhayi umuntu ozenza yena ukuze nje ufanelane naye. (IzAga 13:20; 18:24; 1 Korinte 15:33) Ukwenza izenzo ezingahlakaniphile ukuze uhlabe abanye umxhwele kuyokushiya uzizwa ululazekile futhi uxhashaziwe.—Roma 6:21.

Ithuba lakho. Ngezansi, bhala igama lomngane ongakukhuthaza ukuba uzethembe.

․․․․․

Kungani ungenzi amalungiselelo okuchitha isikhathi esithile nomuntu ombhale ngenhla? Phawula: Lowo muntu akudingeki abe nguntanga yakho.

2. Zidele

Umbhalo oyisihluthulelo. “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Lokho okukushoyo. Uma usiza abanye, uzisiza wena. Kanjani? Isaga seBhayibheli sithi: “Ukupha kuyovuzwa. Yipha umuntu inkomishi yamanzi, futhi nawe uyothola inkomishi yamanzi.” (IzAga 11:25, Contemporary English Version) Akubuzwa—injabulo yakho iyanda lapho usiza abanye! *

“Ngicabanga ngalokho engingakwenzela abanye futhi nganelise isidingo sothile ebandleni. Ukuthanda abanye nokubanaka kungenza ngizizwe kangcono.”—UBreanna.

“Inkonzo yobuKristu inomvuzo ngenxa yokuthi ikuphoqa ukuba uyeke ukuzicabangela wena, uqale ukucabanga ngabanye abantu.”—UJavon.

Isixwayiso: Ungasizi abanye ukuze nje uthole okuthile. (Mathewu 6:2-4) Ukupha ngesisusa esingafanele akunalusizo. Ngokuvamile abanye bakubona njengoba kunjalo—kuwukuzenzisa!—1 Thesalonika 2:5, 6.

Ithuba lakho. Cabanga ngothile owamsiza esikhathini esidlule. Wayengubani lowo muntu, futhi yini owamenzela yona?

․․․․․

Wazizwa kanjani kamuva?

․․․․․

Cabanga ngothile futhi ongamsiza, ubhale phansi ukuthi ungamsiza kanjani.

․․․․․

3. Ungadikibali Ngenxa Yamaphutha Akho

Umbhalo oyisihluthulelo. “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.

Lokho okukushoyo. Akunakuphikwa ukuthi awuphelele. Lokho kusho ukuthi ngezinye izikhathi uyosho noma uze wenze okuthile okungafanele. (Roma 7:21-23; Jakobe 3:2) Nakuba ungenakukugwema ukwenza amaphutha, ungayilawula indlela osabela ngayo. IBhayibheli lithi: “Ngisho noma abantu abalungile bewa kasikhombisa, bayophinde basukume.”—IzAga 24:16, CEV.

“Ngezinye izikhathi siqala ukuzinyeza lapho siqhathanisa ubuthaka bethu nezimfanelo ezinhle zabanye.”—UKevin.

“Wonke umuntu unezimfanelo ezinhle nezimbi. Kufanele sijabule ngezimfanelo ezinhle kodwa sithuthukise ekulungiseni ezimbi.”—ULauren.

Isixwayiso: Ungasebenzisi ukungapheleli kwakho njengezaba zokwenza isono. (Galathiya 5:13) Ukwenza okubi ngamabomu kuyokulahlekisela ukwamukelwa uJehova uNkulunkulu, okuyinto ebaluleke kakhulu!—Roma 1:24, 28.

Ithuba lakho. Ngezansi, bhala imfanelo ongathanda ukuyithuthukisa.

․․․․․

Bhala usuku lwanamuhla eceleni kwemfanelo oyiphawulile. Cwaninga ukuthi ungathuthukisa kanjani, bese uhlola ukuthi isimo sihamba kanjani ngemva kwenyanga eyodwa.

Ukubaluleka Kwakho Kwangempela

IBhayibheli lithi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu.” (1 Johane 3:20) Lokhu kusho ukuthi angabona ubuhle kuwe ongabuboni wena. Kodwa ingabe ukungapheleli kwakho kuyakushintsha lokho? Ake sithi unemali yephepha engu-R100 edabukile kancane. Ingabe ubuyoyilahla noma uyibheke njengengelutho ngoba nje idabukile? Lutho neze! Isengu-R100—kungakhathaliseki ukuthi idabukile noma cha.

Kunjalo nangendlela uNkulunkulu abheka ngayo ukubaluleka kwakho. Uyayiqaphela futhi uyayazisa imizamo yakho yokumthokozisa, kungakhathaliseki ukuthi kuwe ibonakala iwubala kangakanani! Empeleni, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—Hebheru 6:10.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 15 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 30 Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, cabanga ngenjabulo enkulu ongayithola ngokutshela abanye isigijimi soMbuso.—Isaya 52:7.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

Uyokwenzani uma uqala ukuba nomuzwa wokuzinyeza ngenxa yokuthi

● Ontanga yakho bayakugxeka?

● Unomuzwa wokuthi awufanelani nabanye?

● Kubonakala sengathi okuwukuphela kwento oyibonayo amaphutha akho?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

“Umuntu angaba muhle kakhulu kodwa azizwe emubi. Noma umuntu angase angakhangi kangako kodwa acabange ukuthi muhle kunawo wonke umuntu. Konke kusengqondweni.”—U-Alyssa

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 27]

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Ngisho nesakhiwo esiqinile sidinga ukusekelwa nokulungiswa ngezinye izikhathi. Ngokuvamile, ngangisekelwa amazwi anothando ashiwo umngane noma ngisho nokumomotheka kwakhe noma ukunganga.”

“Kunokuba siphatheke kabi ngenxa yezimfanelo ezinhle abanye abanazo, singazuza kulezo zimfanelo zabo ezinhle—njengoba nabo bengazuza kithi.”

[Izithombe]

U-Aubrey

ULauren

[Isithombe ekhasini 28]

Inani lemali alinciphi ngenxa yokuthi idabukile. Ngokufanayo, ukubaluleka kwakho phambi kukaNkulunkulu akunciphi ngenxa yokungapheleli kwakho