Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Ngokuhlakanipha?

Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Ngokuhlakanipha?

Umbono WeBhayibheli

Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Ngokuhlakanipha?

“Njengoba umholo wami uncipha, izikweleti zona ziyanda. Ngokuvamile ngiyaqwasha ngizibuza ukuthi ngizowondla kanjani umkhaya wami.”—UJames.

“Kwakusengathi ngivalelekile, angikwazi ukuphuma.”—USheri.

ABANTU bavamile ukusho lawo mazwi phakathi nezikhathi ezinzima zezomnotho. Lapho ekhuluma ngokuwohloka komnotho womhlaba wonke muva nje, uJuan Somavia, umqondisi-jikelele we-International Labour Office, wathi: “Lena akuyona nje inhlekelele yeZezimakethe,” wayesenezela: “Lena inhlekelele yomhlaba wonke.”

Ukulahlekelwa umsebenzi ngokungazelelwe noma ukungabi nemali yokunakekela izidingo zomkhaya wakho eziyisisekelo kungabangela ukukhathazeka okukhulu ngisho nokuphelelwa ithemba. Esikhathini esithile ekuphileni kwakhe, umlobi weBhayibheli uDavide wayezizwa ngaleyo ndlela. Wathandaza: “Izingcindezi zenhliziyo yami zandile; O ngikhiphe ekucindezelekeni okuphezu kwami.” (IHubo 25:17) IBhayibheli lithini ngezikhathi zethu, futhi ingabe ukuhlakanipha kwalo okuphefumulelwe kungasenza silondeke futhi sibe nokuthula okwengeziwe?

Ukuhlakanipha Okusebenza Ezikhathini Ezibucayi

IBhayibheli labikezela ukuthi “izinsuku zokugcina” zezwe lamanje ziyophawuleka ‘ngemihelo yokucindezeleka’ ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1; Mathewu 24:8) Ngokuqinisekile lawo mazwi ayiqiniso! Noma kunjalo, likhona ithemba, ngoba ngeBhayibheli Elingcwele, uNkulunkulu usinikeza khona kanye ukuhlakanipha esikudingayo ukuze sibhekane nezikhathi zokuntengantenga komnotho.

Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisisiza ukuba sibe nombono ofanele ngemali. UmShumayeli 7:12 ufundeka kanje: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nje nemali iyisivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha kona kuyabalonda abaninikho.” Yebo, imali ingaba isivikelo ngandlela-thile, kodwa ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuphela, okutholakala eBhayibhelini, okungasinika ukulondeka kwangempela ngaso sonke isikhathi. Cabangela izibonelo ezithile.

Ukubhekana Nezikhathi Ezinzima Zezomnotho

Khuthala. “Ivila liyafisa, kodwa umphefumulo walo awunalutho. Nokho, umphefumulo wabakhutheleyo uyokhuluphaliswa.” (IzAga 13:4) Sifundani kulokhu? Hlakulela idumela lokuba isisebenzi esithembekile nesikhuthele. Abaqashi abaningi bayazazisa izisebenzi ezikhuthele futhi yizo eziqashwa kuqala nezidilizwa ekugcineni.—Efesu 4:28.

Cabangela izindleko ngaphambi kokuba uthenge. UJesu wathi: “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) Nakuba uJesu ayekhuluma ngesidingo sokubala izindleko zokuba omunye wabalandeli bakhe, kusobala ukuthi amazwi akhe asebenza ngendlela engokoqobo. Ngakho yenza uhlelo lokusebenzisa imali, ube nohlu lwezidingo zangempela nezindleko zazo.

Ungachithi imali emikhubeni emibi. Imikhuba enjengokugembula, ukubhema, ukudla izidakamizwa nokuphuza ngokweqile mibi emehlweni kaNkulunkulu.—IzAga 23:20, 21; Isaya 65:11; 2 Korinte 7:1.

Gwema “uthando lwemali.” (Hebheru 13:5) Abantu abathanda imali bayophelelwa injabulo futhi badumale, empeleni, ‘bazigwaze yonke indawo ngeminjunju eminingi.’ (1 Thimothewu 6:9, 10) Ngaphezu kwalokho, baba izigqila zezifiso ezinganeliseki, ngoba kungakhathaliseki ukuthi banokuningi kangakanani, abaneliseki.—UmShumayeli 5:10.

Funda ukwaneliseka. “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:7, 8) Abantu abaneliswa okuncane bangakwazi ukugwema ukukhathazeka ngokweqile lapho kuntengantenga umnotho. Ngakho funda ukuphila ngokwalokho onakho, futhi waneliseke.—Bheka ibhokisi elingakwesokudla.

Akekho kithi owaziyo ukuthi ikusasa lisiphatheleni. UmShumayeli 9:11 uthi: “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile [sisehlela sonke].” Ngakho-ke, abahlakaniphile ‘ababeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu,’ othembisa abaqotho bakhe ukuthi: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”—1 Thimothewu 6:17; Hebheru 13:5.

WAKE WAZIBUZA?

● IBhayibheli lizichaza kanjani izikhathi zethu?—2 Thimothewu 3:1-5.

● Singatholakalaphi isiqondiso esinokwethenjelwa namuhla?—IHubo 19:7.

● Ngingawulungiselela kanjani ikusasa elilondekile umkhaya wami?—UmShumayeli 7:12.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 19]

IZINDLELA ZOKONGA

Ukuthenga: Bhala uhlu lwezinto ozidingayo. Gwema ukuthenga ngokubhuduzela. Funa amanani angcono. Sebenzisa amakhuphoni nemititilizo. Thenga izinto ezidingekayo uma zisendalini nalapho sekuncishiswe amanani. Uma kungenzeka, thenga izinto ngobuningi.

Izindleko zasekhaya: Khokha izikweleti ngesikhathi ukuze ugweme ukuhlawuliswa. Pheka ukudla futhi wenze iziphuzo ekhaya, ulinganisele ekudleni nasophuzweni. Cima izibani nemishini uma ungayisebenzisi. Uma kungenzeka, sebenzisa imishini eyonga ugesi. Cabangela ukuthuthela emzini omncane.

Imoto: Uma udinga imoto, thenga enokwethenjelwa futhi eyonga uphethiloli. Akudingeki ukuba ibe yintsha. Hlanganisa izindawo eziningana ngesikhathi, futhi uma kungenzeka, uhambe nabanye abantu emotweni. Noma-ke, sebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi, uhambe ngezinyawo, noma ugibele ibhayisekili. Thatha iholidi lapho amanani ezinto ephansi futhi ungayi kude kakhulu nasekhaya.

Izingcingo nezokuzijabulisa: Ingabe uyaludinga ucingo lwasendlini kanye nomakhalekhukhwini? Uma izingane zakho zinomakhalekhukhwini, zingayonga yini imali noma ziyeke ukubasebenzisa? Uma ninesikhokhelo sezinhlelo ze-TV, ningazinciphisa yini izindleko ngokunciphisa iziteshi enizikhokhelayo? * Boleka izincwadi emitatsheni nama-video ezitolo eziwaqashisayo esikhundleni sokuwathenga.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 26 Ukuze uthole ukusikisela okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Yisebenzise Ngokuhlakanipha Imali Yakho” kuyi-Phaphama! ka-March 2009 kanye nesithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?” kuyi-Phaphama! ka-June 2006.