Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Incwadi kaPapa Benedict XVI ebhalelwe wonke amabandla ithi: “Kunesidingo esikhulu . . . sokushintsha i-United Nations Organization, kanjalo nezinhlangano zezomnotho nezezimali zomhlaba wonke, ukuze umqondo wokwakha imbumba yamazwe omhlaba ube ngokoqobo.”—I-L’OSSERVATORE ROMANO; omalukeke ababo.

“Cishe umuntu oyedwa kwabathathu e-Ukraine ubhema iphakethe lonke likagwayi ngosuku.”—I-EXPRESS, E-UKRAINE.

E-United States, abafana abangamaphesenti angu-44 okwaxoxwa nabo bathi baye “babona okungenani isithombe esisodwa sentombazane abafunda nayo ingagqokile kuyi-Internet noma kumakhalekhukhwini.”—I-TIME, E-U.S.A.

“Ingqopha-mlando Embi”

Impi, isomiso, izibhelu zezombangazwe, ukuphakama kwamanani nobumpofu kwenze isintu safinyelela “ingqopha-mlando embi,” kusho i-Associated Press. Inani labantu ababulawa indlala emhlabeni wonke selingaphezu kwezigidi eziyinkulungwane. NgokukaJosette Sheeran we-UN World Food Program, “abantu abalambile bayingozi. . . . Uma abantu bengenakho ukudla, zintathu kuphela izinto abangazenza: Ukubhikisha, ukuthutha noma ukufa. Ayikho kulezi zinto efanele.” Ngaphezu kwalokho, inani labantu ababulawa indlala landa ngokushesha kunenani labantu abakhona emhlabeni. Ngisho nasemazweni asethuthukile, inani labantu abangondlekile kahle lenyuke ngamaphesenti angu-15,4.

Ukufunda Ngaphambi Kokulala Kuyinzuzo

Uma abazali befundela izingane zabo ngaphambi kokulala, benza okungaphezu nje kokuzishushuzela. Abacwaningi bathi ukwenza lokhu kuthuthukisa ikhono lezingane lokwazi ulimi, kusiza ekuthuthukiseni ukunyakaza komzimba ngokuzifundisa ukubamba nokuphenya amakhasi, futhi kulola inkumbulo yazo. Iphephandaba i-Guardian lithi: “Kodwa okubaluleke kakhulu, . . . ukuthi ukufunda ngokuzwakalayo kuyinkathi lapho umzali nengane benakana khona futhi basondelane ngokomzwelo. Lokhu kugcizelela ukuthi ukufunda kuyinto ejabulisayo.” NgokukaProfesa Barry Zuckerman, owayehola kulolu cwaningo, “ngokuhamba kwesikhathi izingane zifunda ukuthanda izincwadi ngoba zizifunda nothile ezimthandayo.”

Izinkomo Eziphethwe Kahle Zikhiqiza Ubisi Oluningi

Ososayensi baseNewcastle University, eNgilandi, bathi: “Inkomo enegama ikhiqiza ubisi oluningi kunenkomo engenalo.” Empeleni, ukuphatha izinkomo njengabantu kungandisa ubisi ezilukhiqizayo cishe ngamalitha angu-250 ngonyaka. Ngani? “Njengoba nje nabantu besabela kahle lapho benakwa, nezinkomo ziyajabula futhi ziyakhululeka uma zinakwa ngokuqondile,” kusho uDkt. Catherine Douglas weSchool of Agriculture, Food and Rural Development kule yunivesithi. Uyachaza: “Ucwaningo lwethu luveza lokho abafuyi abaningi abanekhono nabakhathalelayo asebenesikhathi eside bekukholelwa. Ngokunaka inkomo ngayinye, njengokuyibiza ngegama noma ukujwayelana nayo njengoba ikhula, asithuthukisi kuphela impilo yayo nendlela ebabheka ngayo abantu, kodwa nobisi elukhiqizayo.”