Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Unganqoba!

Unganqoba!

Unganqoba!

SEKUYISIKHATHI sokuba “nesibindi uthathe isinyathelo.” (1 IziKronike 28:10) Yiziphi izinyathelo eziwujuqu ongazithatha ukuze wandise amathuba akho okuphumelela?

Beka usuku. I-U.S. Department of Health and Human Services itusa ukuba lapho usunqumile ukuyeka ukubhema, usuku lokuqala ofuna ukuyeka ngalo kufanele lube phakathi namasonto amabili kusukela ngaleso sikhathi. Kanjalo uyohlala uzimisele. Phawula lolo suku ekhalendeni lakho, utshele abangane bese unamathela kulo ngisho noma izimo zakho zingase zishintshe.

Yenza “ikhadi lokuyeka.” Lingase libe nokwaziswa okulandelayo, kanye nanoma yini eyokusiza ukuba uhlale njalo uzimisele:

● Izizathu zokuyeka ukubhema

● Izinombolo zocingo zabantu ongabathinta uma uzizwa uphelelwa amandla

● Amaphuzu—mhlawumbe namavesi eBhayibheli anjengeyabaseGalathiya 5:22, 23—ayokusiza ukuba ufinyelele umgomo wakho

Liphathe njalo leli khadi lokuyeka, futhi ulifunde izikhathi eziningana ngosuku. Ngisho nangemva kokuyeka ukubhema, qhubeka ubukeza okukuleli khadi noma nini uma uzizwa uqalekela ugwayi.

Thatha isinyathelo sokuqeda lo mkhuba. Ngaphambi kosuku lwakho lokuyeka, qala ngokunqanda noma imiphi imikhuba ehlobene nokubhema. Ngokwesibonelo, uma ubhema ngokushesha nje lapho uvuka, zibambe isikhathi esingangehora. Uma ubhema ngesikhathi sokudla noma ngokushesha ngemva kwalokho, yilwa nalowo mkhuba. Gwema izindawo ezinabantu ababhemayo. Lapho uwedwa, prakthiza ukusho la mazwi ngokuzwakalayo: “Ngiyabonga. Angisabhemi.” Izinyathelo ezinjalo ziyokwenza okungaphezu nje kokukusiza ulungele usuku lokuyeka ukubhema. Ziyokukhumbuza nokuthi ngokushesha uzobe ungasabhemi.

Zilungiselele. Njengoba usuku lwakho lokuyeka ukubhema lusondela, thenga izinto ongazidla esikhundleni sokubhema: izaqathe, ushungamu, amantongomane nokunye. Khumbuza abangane nomkhaya wakho ngosuku ozoyeka ngalo nendlela abangakusekela ngayo. Ngaphambi nje kwalolo suku, lahla izitsha zomlotha kagwayi, umentshisi nanoma yiziphi izinto eziyisilingo—njengogwayi osendlini, emotweni, emakhukhwini, noma emsebenzini. Ngokuqinisekile, kunzima ukucela ugwayi kumngane noma ukuthenga iphakethe lawo kunokuwukhipha eshalofini! Qhubeka uthandazela nosizo lukaNkulunkulu, futhi wenze kanjalo ngobuqotho ngemva kokubhema okokugcina.—Luka 11:13.

Abantu abaningi baye “bahlukana” nomngane wabo wamanga futhi ononya, ongugwayi. Nawe ungakwenza. Uyothola impilo engcono nomuzwa omkhulu wenkululeko.

[Isithombe ekhasini 9]

Liphathe njalo ikhadi lokuyeka, futhi ulifunde njalo phakathi nosuku