Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

IBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Ingabe ucabanga ukuthi abantu bangaba nobuhlobo obuhle nobuseduze noMdali? Kodwa ngaphambi kokuba uphendule lowo mbuzo, kudingeka uthole izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo eyisisekelo. Ngokwesibonelo:

Ingabe uNkulunkulu ukhona?

Uma kunjalo, ingabe ubekhuluma nesintu? Kanjani?

Ingabe iBhayibheli liwubufakazi balokho kukhulumisana? Singaqiniseka kanjani?

Cishe lena imibuzo ebaluleke kakhulu esingayibuza, futhi iyophendulwa enkulumweni yeningi enesihloko esithi “Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?” Iyonikezwa eMihlanganweni Yesigodi yoFakazi BakaJehova enesihloko esithi “Hlala Useduze NoJehova!” eyoba semhlabeni wonke futhi eyoqala ngo-August eNingizimu Afrika.

Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona emhlanganweni ozoba seduze nawe. Ukuze uthole imininingwane ephelele, ucelwa ukuba uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele abashicileli balo magazini. www.watchtower.org