Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Ebangela Ukushaya Kwenhliziyo?

Yini Ebangela Ukushaya Kwenhliziyo?

Yini Ebangela Ukushaya Kwenhliziyo?

● Inhliziyo yakho iwumgogodla wesimiso sokujikeleza kwegazi futhi isebenza ngokuzikhandla okukhulu. Uma ungumuntu omdala, cishe inhliziyo yakho ishaya izikhathi ezingaphezu kuka-100 000 ngosuku. Ngisho noma unganyakazi, izicubu zenhliziyo yakho zisebenza kanzima—empeleni, zisebenza ngokuphindwe kabili kunemisipha yomlenze wakho lapho ugijima. Futhi uma kudingeka, inhliziyo yakho ingashaya ngokuphindwe kabili kunalokho ingakapheli imizuzwana emihlanu. Kubantu abadala, igazi elimpontshwa inhliziyo lisukela emalitheni amahlanu ngomzuzu—okuyisilinganiso somthamo wegazi osemzimbeni—kuya kwangaba ngu-20 ngomzuzu lapho uvivinya umzimba.

Ukushaya kwenhliziyo yakho kulawulwa yilokho okuye kwabizwa ngokufanele ngokuthi isimiso sezinzwa esiklanywe ngobuchule. Lesi simiso siqinisekisa ukuthi imigudu engaphezulu (ama-atrium) ifinyela ngaphambi kwemigudu engaphansi (ama-ventricle) ngokubamba imigudu engaphansi ingafinyeli ngesigamu nje somzuzwana. Ngokuthakazelisayo, umsindo wokushaya kwenhliziyo odokotela abawuzwa ngezipopolo uvela ezivalweni zemithambo yenhliziyo ezivalekayo, hhayi ezicutshini zayo ezidikizayo.

Ukushaya Izikhathi Eziyizigidi Eziyinkulungwane

Ngokuvamile, ukushaya kwenhliziyo yesilwane kuphambana nobukhulu bomzimba waso—okusho ukuthi, uma isilwane sisikhulu, inhliziyo ishaya kancane. Ngokwesibonelo, inhliziyo yendlovu ishaya izikhathi ezingu-25 ngomzuzu, kanti eyomzwilili ishaya cishe izikhathi ezingu-1 000 ngomzuzu! Ukushaya kwenhliziyo yomuntu kuyancipha kusuka cishe ku-130 ngomzuzu lapho ezalwa kuya cishe ku-70 lapho esemdala.

Izilwane eziningi ezincelisayo kubonakala sengathi zinenhliziyo eshaya izikhathi eziyizigidi eziyinkulungwane uma zisaphila. Ngenxa yalokho, igundane, elinenhliziyo eshaya izikhathi ezingu-550 ngomzuzu, lingaphila iminyaka engaba mithathu; kanti umkhomo i-blue whale, onenhliziyo eshaya izikhathi ezingaba ngu-20 ngomzuzu, ungaphila iminyaka engaphezu kwengu-50. Abantu bahlukile. Uma kubhekwa ukushaya kwezinhliziyo zethu, ubude bokuphila kwethu bekufanele bube iminyaka engaba ngu-20. Nokho, inhliziyo yomuntu ephile kahle ingase ishaye izikhathi eziyizigidi eziyizinkulungwane ezintathu noma ngaphezulu okuyenza iphile iminyaka engaphezu kuka-70 noma kuka-80! *

Noma kunjalo, akekho kithi ongathanda ukulinganisela ubude bokuphila kwethu esibalweni esithile sokushaya kwenhliziyo, ngoba ekujuleni kwenhliziyo, abantu bafuna ukuphila phakade. Empeleni, lesi sifiso singokwemvelo, ngoba sifakwe uNkulunkulu kithi. Ngaphezu kwalokho, sisondela ngokushesha isikhathi lapho isono—esiyimbangela yokufa—siyosuswa khona ngokuphelele. (Roma 5:12) Ngenxa yalokho, isAmbulo 21:3, 4 sithi “ukufa ngeke kusaba khona.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Lezi zibalo ziwukulinganisela. Kokubili ukushaya kwenhliziyo nobude bokuphila kwesidalwa ngasinye kungase kuhluke kakhulu esilinganisweni esishiwo.

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 29]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

UMFANEKISO WENHLIZIYO

I-“atrium” engakwesokudla

I-“atrium” engakwe- sokunxele

I-“ventricle” engakwesokudla

I-“ventricle” engakwesokunxele