Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho Okushiwo Abanye

Lokho Okushiwo Abanye

EFrance

“OFakazi BakaJehova bayizakhamuzi ezihlonipha umthetho weZwe. . . . Abalona usongo ekuhlelekeni komphakathi. Bayasebenza, bakhokha intela, babamba iqhaza ekuthuthukisweni komnotho wezwe lakithi futhi bapha izinhlangano zosizo izipho. Kuyinjabulo ukubona laba bantu bazo zonke izinhlanga nezizinda, behlangene ndawonye ngokuthula. . . . Ukube bonke abantu bebengoFakazi BakaJehova, thina maphoyisa besiyophelelwa umsebenzi.”—Umkhulumeli wenyunyana yamaphoyisa aseFrance.

E-Ukraine

“OFakazi BakaJehova bagxilisa izimiso eziphakeme zokuziphatha ezinganeni zabo. Bazifundisa ukuba zigweme indlela yokuziphatha, izenzo ngisho nezimo zengqondo ezingaba yingozi ezinganeni ngokwazo nakwabanye, nakuba kubhekwa njengento evamile kuleli zwe lanamuhla. Ngakho-ke, baxwayisa izingane zabo ngezingozi zokusebenzisa izidakamizwa, ukubhema nokuphuza ngokweqile. Bayakuqaphela ukubaluleka kokuthembeka nokuzikhandla. . . . OFakazi BakaJehova bafundisa izingane zabo izindlela zokuziphatha okuhle, ukuhlonipha iziphathimandla, abanye abantu nempahla yabo kanye nokuba izakhamuzi ezigcina umthetho.”—I-History of Religion in Ukraine, eyahlelwa uProfesa Petro Yarotskyi.

E-Italy

“Bekunezinkulungwane ezingamashumi amathathu e-Olympic Stadium zihlangene ngokuthula . . . Bekungekho doti, kungekho msindo, kungekho kuklabalasa. Bekunjalo-ke izolo e-Olympic Stadium . . . Bekungekho muntu othuka inhlamba, engekho obhemayo, engekho ophuzayo. Abantu bebevule amaBhayibheli, bebhala amaphuzu nezingane zihleli zithule.”—I-L’Unità, ibika ngomhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova eRome.

“OFakazi BakaJehova bafundisa izingane zabo izindlela zokuziphatha okuhle . . . nokuba izakhamuzi ezigcina umthetho”

EBrithani

“IDiyakoni Elikhulu laseCheltenham lathi [iSonto LaseSheshi] lidinga abantu abazinikezele abahambela abanye njengoFakazi BakaJehova.”—I-Gazette yaseGloucester Diocese.

 ENetherlands

Omakhelwane abaseduze kweHholo LoMbuso edolobheni laseLeeuwarden bathumela incwadi koFakazi eyayithi: “Sifisa ukunincoma ngethonya lenu elihle endleleni uMgwaqo uNoorder obukeka ngayo. Amalungu enkolo yenu ahlale egqoke kahle, futhi anemikhuba emihle. Izingane ziziphatha kahle nabantu abadala abazipaki izimoto endaweni engafanele, abawulahli udoti emgwaqweni kanti indawo ezungeze iHholo LoMbuso ihlale ihlanzekile futhi icocekile. Sithemba ukuthi niyoqhubeka ningomakhelwane bethu isikhathi eside, ngoba siyajabula kakhulu ngokuba nani.”

EMexico

U-Elio Masferrer, onguprofesa nomcwaningi eNational School of Anthropology and History, wathi oFakazi basiza abantu “abavelelwe izinhlekelele emkhayeni njengokudlwengulwa, ukuhlukunyezwa, ukuluthwa utshwala nezidakamizwa.” Wathi izimfundiso zoFakazi “zibanika isithunzi abantu abazinyezayo” futhi zibenza “baphile ngaphandle kwezinkinga ezinkulu ngokwenza izinto ezithokozisa uNkulunkulu.”—Iphephandaba i-Excélsior.

“. . . [Abantu] bazo zonke izinhlanga nezizinda, behlangene ndawonye ngokuthula . . . ”

EBrazil

Iphephandaba elithile labika: “Inhlangano yoFakazi BakaJehova iyamangalisa ngempela. Izindawo abahlangana kuzo zihlale zihlanzekile. Yonke into ihlelwe kahle kakhulu . . . Uma imihlangano yabo iphela, indawo isala ihlanzeke ngaphezu kwalokho abayithole iyikho. Phakathi nezinkulumo kuthula kuthi cwaka. Abekho abadudula abanye. Wonke umuntu uziphatha kahle. . . . Bayinkolo ehleleke ngempela. Bayazi ukuthi kusho ukuthini ukukhonza uNkulunkulu.”—I-Comércio da Franca.

OFakazi BakaJehova bakholelwa ngempela ukuthi uMdali uzazi kangcono izimiso abantu abadalile okufanele baphile ngazo kunanoma ubani omunye. (Isaya 48:17, 18) Ngakho, oFakazi badumisa uMdali lapho abanye bebancoma ngokuziphatha kwabo. UJesu wathi: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”Mathewu 5:16.