Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

Izinkolelo zoFakazi BakaJehova aziyona imfihlo, ngoba izincwadi zabo zitholakala kalula ngamakhulu ezilimi. Ngezansi kunokwaziswa okufingqiwe ngezinye zezinkolelo zabo eziyinhloko.

1. IBhayibheli

OFakazi bakholelwa ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) UJason D. BeDuhn, isekela likaprofesa wezifundo zezenkolo, wabhala: “[OFakazi BakaJehova basekela] izimfundiso nabakwenzayo kulokho okushiwo iBhayibheli ngaphandle kokuqagela ukuthi yini etholakala kulo.” Bavumelanisa izinkolelo zabo neBhayibheli; abalichazi ngendlela evumelana nabo. Ngesikhathi esifanayo, bayaqaphela ukuthi akuyona yonke into eseBhayibhelini okufanele ithathwe njengoba injalo. Ngokwesibonelo, izinsuku ezingu-7 zokudala ziwumfuziselo, zibhekisela enkathini yesikhathi ende.—Genesise 1:31; 2:4.

2. UMdali

UNkulunkulu weqiniso uzinike igama lakhe siqu—elithi Jehova (noma elithi Yahweh, elisetshenziswa yi-Jerusalem Bible yamaRoma Katolika nezinye izazi zanamuhla)—elimhlukanisa konkulunkulu bamanga. * (IHubo 83:18) Indlela igama likaNkulunkulu elibhalwa ngayo ngesiHebheru ivela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emiBhalweni yokuqala. Egcizelela ukubaluleka kwalelo gama, uJesu wathi emthandazweni wakhe oyisibonelo: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) UNkulunkulu ufuna ukuzinikela okukhethekile, futhi lokho kufanele. Ngakho, oFakazi abazisebenzisi izithombe noma imifanekiso ekukhulekeleni kwabo.—1 Johane 5:21.

“UBaba mkhulu kunami.”—Johane 14:28

3. UJesu Kristu

UnguMsindisi, “iNdodana kaNkulunkulu,” futhi “uyizibulo layo yonke indalo.” (Johane 1:34; Kolose 1:15; IzEnzo 5:31) Njengomuntu owadalwa, akayona ingxenye kaZiqu-zintathu. UJesu wathi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) UJesu wayehlala ezulwini ngaphambi kokuza emhlabeni, futhi ngemva kokufa njengomhlatshelo nokuvuswa kwakhe, waphindela  ezulwini. “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze [ngaye].”—Johane 14:6.

4. UMbuso kaNkulunkulu

Lona uhulumeni wasezulwini ongokoqobo oholwa yiNkosi—uJesu Kristu—kanye nabangu-144 000 ayobusa nabo, “abathengwé emhlabeni.” (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3, 4; Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Bayobusa umhlaba, okuyosuswa kuwo bonke ububi futhi kuhlale izigidi zabantu abesaba uNkulunkulu.—IzAga 2:21, 22.

5. Umhlaba

UmShumayeli 1:4 uthi: “Umhlaba umi kuze kube nini nanini.” Ngemva kokubhujiswa kwababi, umhlaba uyokwenziwa ipharadesi futhi kuhlale kuwo abantu abalungile kuze kube phakade. (IHubo 37:10, 11, 29) Amazwi uJesu awasho emthandazweni athi “intando yakho mayenzeke nasemhlabeni” ayogcwaliseka.—Mathewu 6:10.

6. Isiprofetho seBhayibheli

‘UNkulunkulu akanakuwaqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Ngakho, lokho akubikezelayo kuyagcwaliseka ngaso sonke isikhathi, kuhlanganise neziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nokuphela kwezwe lamanje. (Isaya 55:11; Mathewu 24:3-14) Obani abayosinda ekubhujisweni okuzayo? Eyoku-1 Johane 2:17 ithi: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”

7. Iziphathimandla zezwe

UJesu wathi: “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Marku 12:17) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova bayayilalela imithetho yezwe uma ingangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 5:29; Roma 13:1-3.

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14

8. Ukushumayela

UJesu wabikezela ukuthi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso” ziyomenyezelwa emhlabeni kabanzi ngaphambi kokuphela kwaleli zwe lamanje. (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova bakubheka njengelungelo ukuhlanganyela kulowo msebenzi osindisa ukuphila. Yiqiniso, ukuthi abantu bayalalela noma cha kuphuma kubo. IBhayibheli lithi: ‘Noma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.’—IsAmbulo 22:17.

9. Ubhapathizo

OFakazi BakaJehova babhapathiza kuphela labo abafuna ukukhonza uNkulunkulu njengoFakazi bakhe, ngemva kokufunda iBhayibheli ngokucophelela. (Hebheru 12:1) Babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngokubhapathizwa emanzini.—Mathewu 3:13, 16; 28:19.

10. Ukuhlukaniswa kwesigaba sabefundisi nabantu abavamile

UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi: “Ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) AmaKristu okuqala, kuhlanganise nabalobi beBhayibheli, babengenaso isigaba sabefundisi. OFakazi BakaJehova balandela lesi sibonelo esiseBhayibhelini.

^ isig. 4 Akubona oFakazi BakaJehova abasungula igama elithi “Jehova.” Emakhulwini amaningi eminyaka adlule, igama likaNkulunkulu lalihunyushwa ngokuthi “Jehova” ezilimini eziningi ezingezona ezeBhayibheli, kuhlanganise isiNgisi nesiJalimane. Ngokudabukisayo, abanye abahumushi beBhayibheli banamuhla baye bafaka iziqu ezinjengesithi “Nkulunkulu” nesithi “Nkosi” esikhundleni segama likaNkulunkulu, ngokwenza kanjalo bebonisa ukuthi abamhloniphi nhlobo uMlobi weBhayibheli.