Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inqubo Emangalisayo Yokuzalwa Komntwana

Inqubo Emangalisayo Yokuzalwa Komntwana

Inqubo Emangalisayo Yokuzalwa Komntwana

IZINYANGA ezingu-9 ebezilindelwe seziphelile, futhi umntwana obelokhu ebhekwe ngabomvu usezozalwa. * Umlomo wesibeletho sikamama okhulelwe ubulokhu uvaleke ngcí ukuze umbungu uhlale uphephile esibelethweni. Kodwa manje lo mlomo wesibeletho uyathamba bese uvuleka. Isimangaliso sokuzalwa komntwana siyaqala.

Yini ebangela le nqubo emangalisayo yokuzalwa komntwana? Phakathi kwezici eziningana ezihilelekile, kunezimbili ezimangalisa kakhulu. Esokuqala, ubuchopho bukhipha i-hormone okuthiwa i-oxytocin. Le hormone ikhona kwabesilisa nabesifazane, kodwa iphuma ngobuningi komama abakhulelwe lapho kuqala imihelo, okubangela ukuba umlomo wesibeletho uvuleke bese isibeletho sifinyela.

Ukuthi ubuchopho bowesifazane okhulelwe bazi kanjani ukuthi sekufanele bukhiphe le hormone, kuyimpicabadala. Incwadi ethi Incredible Voyage—Exploring the Human Body ithi: “Ngandlela-thile ubuchopho bakhe buyaqonda ukuthi isikhathi sokukhulelwa sesiphelile futhi sekuyisikhathi sokuba imisipha enamandla yesibeletho . . . ilungele ukwenza umsebenzi wayo othatha isikhashana kodwa obalulekile.”

Isici sesibili esihilelekile kule nqubo, indima yomzanyana oyekayo ukukhipha i-hormone okuthiwa i-progesterone. Phakathi nenkathi yokukhulelwa, le hormone ivimbela ukufinyela okunamandla kwesibeletho. Kodwa manje, njengoba ingasekho le progesterone evimbelayo, isibeletho siqala ukufinyela. Ngokuvamile phakathi kwamahora angu-8 nangu-13 imihelo iqalile, umntwana uyaphuma emlonyeni wesibeletho osuke usuvulekile. Ngemva kwalokho, nomzanyana uyaphuma.

Manje umntwana osanda kuzalwa kufanele azivumelanise nezimo ezintsha zokuphila, ezihluke kakhulu kunokuba sesibelethweni sikanina. Ngokwesibonelo, lapho umbungu usesesibelethweni, amaphaphu awo asuke egcwele uketshezi okuthiwa yi-amniotic, oluphumayo lapho usana luzalwa. Manje amaphaphu sekufanele abe nomoya ukuze luqale ukuphefumula, okuvame ukuqala ngokuba lukhale. Ezinye izinguquko ezinkulu zenzeka enhliziyweni nasesimisweni sokuhamba kwegazi. Imbobo ehlanganisa imithambo emibili yenhliziyo nomthambo wegazi owenza igazi lingayi emaphashini iyavaleka, ukuze liqale ukudlula emaphashini, ngaleyo ndlela likwazi ukuthola umoya-mpilo. Iyamangalisa indlela lokhu kuzivumelanisa nendawo entsha okwenzeka ngokushesha ngayo.

Yonke inqubo yokusikwa nokuzala isikhumbuza amazwi aseBhayibhelini: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, yebo isikhathi sazo zonke izindaba phansi kwamazulu.” Lokhu kuhlanganisa ‘nesikhathi sokuzalwa.’ (UmShumayeli 3:1, 2) Ngokuqinisekile uzovuma ukuthi le nqubo yokushintsha kwama-hormone nomzimba, konke okwenzeka ngamahora ambalwa nje, kufakazela ukuthi yaklanywa uMdali, lowo iBhayibheli elimbiza ngokuthi “umthombo wokuphila.”—IHubo 36:9; UmShumayeli 11:5.

[Umbhalo waphansi]

^ Ukukhulelwa kuvame ukuthatha amasonto angu-37 kuya kwangu-42.

[Umdwebo/Izithombe emakhasini 16, 17]

Inqubo Yokuzalwa Komntwana

1 Indawo umbungu oba kuyo ngaphambi kwemihelo

2 Umbungu usondela emgudwini wokuzala

3 Ukuvuleka komlomo wesibeletho

4 Ukuphuma kombungu

[Umdwebo]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

1

umzanyana

imomozi

isibeletho

2

3

4