Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngakhala Lapho Ngiyifunda”

“Ngakhala Lapho Ngiyifunda”

“Ngakhala Lapho Ngiyifunda”

● Amazwi angenhla abhalwa owesifazane wase-Illinois, e-U.S.A., mayelana nokufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Encwadini ayibhalela abanyathelisi bale ncwadi wachaza: “Ngiyethemba futhi ngithandazela ukuba abantu abengeziwe bathole injabulo ngokufunda ngoJesu njengoba nje nami ngikujabulela.”

Incwadi ethi Umuntu Omkhulu inikeza ukulandisa okuphathelene nokuphila kukaJesu okusekelwe ezincwadini eziphefumulelwe ezalotshwa abantu abane ababephila ngesikhathi sakhe, okunguMathewu, uMarku, uLuka noJohane. UMathewu noJohane babengabaphostoli futhi babehambe noJesu enkonzweni yakhe. UMarku wayengumngane omkhulu kaPetru, omunye wabaphostoli bakaJesu. Kanti udokotela uLuka wayehamba nomphostoli uPawulu emsebenzini wezithunywa zevangeli.

Ungathola ikhophi yale ncwadi enezithombe ezinhle mahhala. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.