Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isinyathelo 5—Zikhuthaze Wena Nomkhaya Wakho

Isinyathelo 5—Zikhuthaze Wena Nomkhaya Wakho

“Wonke umuntu onokuqonda uyokwenza ngolwazi.” (IzAga 13:16) Ukuba nolwazi lwezempilo oluyisisekelo kungakuhlomisa futhi kukusize wenze izinguquko ezidingekayo ukuze uthuthukise impilo yakho neyomkhaya wakho.

Qhubeka ufunda. Emazweni amaningi izikhungo zikahulumeni nezizimele zinezinhlelo zemfundo nezincwadi ezinezihloko ezihlukahlukene ezikhuluma ngempilo. Zisebenzise, ufunde ngezindlela eziyisisekelo zokuthuthukisa impilo yakho futhi ugweme ukuyibeka engozini. Vula ingqondo, ukulungele ukwenza izinguquko ezilula.

Imikhuba emihle oyifundayo bese uyisebenzisa ingazuzisa izingane zakho kanye nabazukulu. Lapho abazali bebeka isibonelo esihle ngokuphathelene nendlela yokudla enempilo, inhlanzeko, imikhuba yokulala, ukuzivocavoca nokugwema izifo, cishe izingane zabo ziyozuza.—IzAga 22:6.

Yini enye edingekayo? Ukuhlakulela nokulondoloza indlela yokuphila enempilo kudinga okungaphezu nje kokuzithanda. Ukuyeka imikhuba emidala kungaba nzima, futhi ukwenza izinguquko ezilula ngokuvamile kudinga ukuzimisela okukhulu. Ngisho nokusongelwa ukugula noma ukufa kungase kungabashukumisi abanye ukuba benze lokho abaziyo ukuthi kubalungele. Yini eyobashukumisa? Njengathi sonke, kufanele bakhumbule injongo ephakeme yokuphila.

Abashadile kudingeka bazigcine bephilile futhi benamandla ukuze baqhubeke besizana. Abazali bafisa ukuqhubeka besekela futhi beqeqesha izingane zabo. Izingane esezikhulile kudingeka zinakekele izihlobo zazo esezigugile. Kulokhu singenezela isifiso esihle sokuba isibusiso emphakathini kunokuba umthwalo. Konke lokhu kuhilela uthando nokukhathalela abanye.

Isisusa esinamandla nakakhulu ukwazisa nokuzinikela kuMenzi wethu. Abakholelwa kuNkulunkulu bafisa ukusilonda isipho sakhe esiyigugu sokuphila. (IHubo 36:9) Uma sinempilo enhle, singamkhonza ngokuphumelela ngokwengeziwe uNkulunkulu. Asikho esinye isizathu esikhulu nesishukumisa njengalesi sokunakekela impilo yethu.

Jabulela izinzuzo zemikhuba emihle yokuphila