Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sekufanele Kuphele Ukuhlupheka!

Sekufanele Kuphele Ukuhlupheka!

UKhieu waqala ukuhlupheka lapho uyise ebulawa ngenxa yokuthi wayeyeke izinkomo zayongena ensimini yombila. Kamuva, unina nodadewabo ababili banqunywa—baba yizisulu ze-Khmer Rouge yaseCambodia. Ngemva kwalokho uKhieu walimala lapho kuqhuma ibhomu eligqitshwayo. Walinda izinsuku ezingu-16 ehlathini ngaphambi kokuba athole usizo. Umlenze wakhe wanqunywa. Uthi: “Ngangingasakufuni ukuphila.”

CISHE uphawulile ukuthi ukuhlupheka akukhethi. Izinhlekelele zemvelo, ukugula nokukhubazeka, ubugebengu obunobudlova, nezinye izinhlekelele kungehlela noma ubani, noma kuphi nanoma nini. Izinhlangano zosizo ziye zasebenza kanzima ukuze zivimbele noma zinciphise ukuhlupheka kwabantu. Kodwa, yini eye yafezwa yimizamo yazo?

Cabangela isibonelo esisodwa—umzamo wokulwa nendlala. Ngokwephephandaba i-Toronto Star, izinhlekelele zemvelo ziye zashiya abaningi bengenamakhaya nakudla. Kodwa, leli phephandaba lithi, “imizamo yezinhlangano ezizama ukuqeda indlala ikhinyabezwa ukwanda kobudlova.”

Abaholi bezombangazwe, abezenhlalo nabezokwelapha bazame konke okusemandleni abo ukuqeda ukuhlupheka, kodwa imiphumela iyadumaza. Izinhlelo zokuthuthukisa ukukhula komnotho azibuqedanga ubumpofu. Imithi yokugoma, eyokwelapha nezindlela ezithuthukile zokuhlinza azikwazi ukuqeda konke ukugula. Amaphoyisa namasosha agcina ukuthula ayabukela engenamandla njengoba ubudlova buphikelela noma budlondlobala nokudlondlobala.

Kungani kunokuhlupheka okungaka? Ingabe uNkulunkulu unendaba nalokho abantu ababhekene nakho? Izigidi ziye zathola izimpendulo eziduduzayo zale mibuzo eBhayibhelini, njengoba sizobona.