Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?

Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?

AMALUNGU esigungu sabefundisi athi ayayazi impendulo yombuzo ongakwesobunxele, ngokuvamile afundisa abantu ukuthi ukuhlupheka kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngemva kwezinsukwana kuzamazame umhlaba eHaiti, umpristi othile enhloko-dolobha watshela ibandla lakhe ukuthi le nhlekelele yayiwumyalezo ovela kuNkulunkulu. Abanye abayiphoqeleli imibono yabo. Omunye woprofesa bezenkolo eMelika uthi kubonakala sengathi abantu abaningi bakubheka ngale ndlela lokhu: “Akudokwe eligayelwe thina ukuthi kungani uNkulunkulu ebangela izinhlekelele ezinje. Umsebenzi wethu ukuba nokholo nje kuphela.”

Ingabe uNkulunkulu “ukubangela” ngempela ukuhlupheka kwabantu? IBhayibheli alivumelani nhlobo nalokhu! Ukuhlupheka kwakungeyona injongo kaJehova uNkulunkulu ngesintu. Kodwa, umbhangqwana wokuqala wavukela ukubusa kwakhe, wakhetha ukuzibekela ezawo izindinganiso zokulungile nokungalungile. Wamshiya uNkulunkulu futhi wabhekana nemiphumela yokwenza kanjalo. Namuhla sibhekana nemiphumela yesinqumo sawo esibi. Kodwa uNkulunkulu akawona nhlobo umthombo wokuhlupheka kwesintu. IBhayibheli lithi: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ukuhlupheka kungehlela noma ubani—ngisho nalabo uNkulunkulu abathandayo. Cabanga ngalezi zibonelo:

  • Umprofethi u-Elisha wayenesifo esingalapheki.—2 AmaKhosi 13:14.

  • Umphostoli uPawulu waloba ukuthi waqhubeka ‘elamba futhi oma, egqoka ngokunganele, edukluzwa futhi engenakhaya.’—1 Korinte 4:11.

  • U-Ephafrodithu ongumKristu wayegula futhi “edangele.”—Filipi 2:25, 26.

Akukho lapho sifunda khona ukuthi la madoda amathathu ayejeziswa uNkulunkulu ngenxa yezono zawo. Kodwa, iBhayibheli lenza okungaphezu nje kokwembula ukuthi ngubani ongeyona imbangela yokuhlupheka. Lembula nezici ezintathu ngokuvamile eziyimbangela yokuhlupheka.

 Ukuzikhethela

“Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Ngokuqinisekile, umuntu okhetha ukubhema, ukushayela kabi noma ukusaphaza imali yakhe, kufanele athwale umphumela wokuhlupheka okungase kubangelwe izinqumo zakhe.

Singase sihlupheke nangenxa yezinqumo zobugovu zomunye umuntu. Ngempela, abantu baye babangela izinto eziningi ezimbi, kusukela ebudloveni bamaNazi kuya ekunukubezweni kwezingane. Besebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzikhethela, abanye benza izinqumo ezibangela inhlupheko kwabanye.

Izenzakalo Ezingahleliwe

Ngekhulu lokuqala C.E., kwawa umbhoshongo omkhulu eJerusalema, wabulala abantu abangu-18. Ekhuluma ngalabo ababa yizisulu kuleso senzakalo, uJesu wathi: “Ingabe nicabanga ukuthi babenecala kakhulu kunabo bonke abanye abantu abahlala eJerusalema? Ngokuqinisekile akunjalo!” (Luka 13:4, 5, The New American Bible) UJesu wayazi ukuthi lezi zisulu azijeziswanga uNkulunkulu. Wayazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lalithe: “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Izinhlekelele eziningi zenzeka ngoba isisulu sisuke sisendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele noma ngenxa yamaphutha abantu. Ngokwesibonelo, imibiko ibonisa ukuthi kuba nokuhlupheka okukhulu lapho abantu bengazinaki izixwayiso nalapho izakhiwo zingakhiwa ngendlela yokuba zikwazi ukumelana nezivunguvungu noma ukuzamazama komhlaba. Ezimweni ezinjalo, izenzakalo ezingahleliwe zithinta abantu abaningi futhi ngaleyo ndlela zibangele ukuhlupheka.

“UMbusi Waleli Zwe”

IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (Johane 12:31; 1 Johane 5:19) “Omubi” uSathane uDeveli, isidalwa somoya esinamandla esichazwa ngokuthi ‘umbusi wegunya lomoya.’ USathane ubhebhezela ‘umoya osebenza emadodaneni okungalaleli.’ (Efesu 2:2) Obunye ubugebengu, njengokuqothulwa kohlanga nokunukubezwa kwezingane, kuye kwaba kubi kakhulu kangangokuba abaningi bakuthola kunzima ukuba bathi bubangelwa abantu nje.

Kodwa, ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwethu? Kukhona yini angakwenza ukuze akuqede—ingabe uzokuqeda?