Dlulela kokuphakathi

 Intsha Iyabuza

Ngingazitholaphi Ezokuzilibazisa Ezikahle?

Ngingazitholaphi Ezokuzilibazisa Ezikahle?

Uma ungumKristu, uyakhetha kwezokuzilibazisa. Awuvele nje ulandele noma yini abanye abathi kufanele uyibuke, uyifunde noma uyilalele. Kungani? Kungenxa yokuthi ezokuzilibazisa eziningi namuhla ziqhakambisa ubulili obungemthetho, ubudlova nokusebenzelana nemimoya—izinto okudingeka uzigweme. Noma kunjalo, zikhona ezokuzilibazisa ezikahle la ngaphandle. Ake sibone ukuthi ungazithola kanjani. *

AMABHAYISIKOBHO

Ngezansi, bhala u-✔ eduze kohlobo lwebhayisikobho oluthanda kakhulu.

  • Eyamahlaya

  • Idrama

  • Enempi noma ingozi

  • Insumansumane yesayensi

  • Olunye uhlobo

Ingabe bewazi . . . ? ElaseNdiya livame ukukhiqiza amabhayisikobho angaphezu kwenkulungwane ngonyaka—amaningi kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe.

Okufanele ukugweme. Amabhayisikobho amaningi akhuthaza ukuziphatha okungqubuzanayo nezimiso zeBhayibheli. Amanye abukisa ngobulili ingcaca kanye nobudlova kanti amanye aphathelene nezidalwa ezinamandla angaphezu kwavamile. Kodwa iBhayibheli lithi: “Kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo.” (Kolose 3:8) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzilahla zonke izenzo ezihlobene nokusebenzelana nemimoya.—Duteronomi 18:10-13.

Indlela yokukhetha. “Uma amazwibela ebhayisikobho ebonakala engafaneleki, angiyibuki.”—UJerrine. *

“Angilokothi ngikwethembe okushiwo omunye ngaphandle uma ngazi kahle ukuthi naye uphila ngezimiso ezifanayo nezami.”—UCaitlyn.

“Uma ngisebhayisikobho ngibukele bese ngiqala ukuzizwa ngingakhululekile ngalokho okudlalayo, ngivele ngiphume.”—UMarina.

“Ukuze ngazi okwengeziwe ngokuthi ibhayisikobho iquketheni, ngisebenzisa ingosi ye-Internet echazayo ukuthi ibhayisikobho ngayinye iyabubonisa yini ubulili, ubudlova nolimi olungcolile.”—UNatasha.

Icebiso: Funa amabhayisikobho okungabonakali engaba nezinto ezingabazekayo. “Ngiwathanda kakhulu amabhayisikobho aphathelene nezinto zasendulo—asekelwe ezincwadini ezikhuluma ngezinto zakudala,” kusho osemusha okuthiwa uMasami.

Zibuze,

‘Ingabe amabhayisikobho engiwabukelayo akwenza kube lula kimi—noma kube nzima ukulalela umyalo kaNkulunkulu ezindabeni zobulili, ubudlova nokusebenzelana nemimoya?’

 IZINCWADI

Ngezansi, bhala u-✔ eceleni kohlobo lwezincwadi ozithanda kakhulu.

  • Eyendaba eqanjiwe

  • Eyezenzakalo ezingokoqobo

  • Ekhuluma ngezenzakalo zasendulo

  • Olunye uhlobo

Ingabe bewazi . . . ? Kunyatheliswa izincwadi ezingaphezu kwenkulungwane isonto ngalinye e-United States nje kuphela.

Imboni yezokuzilibazisa ayilahlekelwa lutho, kepha izuza kakhulu uma ungawunaki unembeza wakho oqeqeshwe yiBhayibheli futhi umane nje ubukele, ufunde noma ulalele noma yini ethandwayo.

Okufanele ukugweme. Njengoba kunjalo ngamabhayisikobho, izincwadi eziningi zikhuthaza ukuziphatha okuphambene nezindinganiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ezinye zikhuluma ngobulili ingcaca noma ziphathelene nemimoya. Kodwa iBhayibheli lithi: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu.” (Efesu 5:3) Libuye lithi ukusebenzelana nemimoya ‘kubi emehlweni kaJehova.’—2 AmaKhosi 17:17.

Indlela yokukhetha. “Lapho ngifuna incwadi ekahle, ngifunda isembozo esingemuva bese ngibhekabheka izahluko. Uma ngibona noma yini engabazisayo, angiyithengi.”—UMarie.

“Njengoba ngangikhula futhi ngiqala ukuzenzela izinqumo, ngakuqaphela ukubaluleka kokulalela unembeza wami. Uma senginqumile ukuthi incwadi ethile ayilungile, ngangiyeka ukuyifunda. Ngangibona ukuthi ayihambisani nombono kaNkulunkulu.”—UCorinne.

Icebiso: Khetha nakwezinye izinto. ULara, oneminyaka engu-17 uthi, “Ngithola ukuthi ngithatheka kakhulu lapho ngifunda incwadi ekhuluma ngezenzakalo zasendulo kunalapho ngifunda indaba yesimanje eqanjiwe. Indlela indaba ebekwe ngayo, abalingiswa, izigameko—konke kumnandi!”

Zibuze,

‘Ingabe izincwadi engizifundayo zingijabulisa ngokuziphatha okungemukeleki kuNkulunkulu?’

 UMCULO

Ngezansi, bhala u-✔ eceleni kohlobo lomculo oluthanda kakhulu.

  • I-rock

  • Umculo we-classic

  • I-jazz

  • I-R&B

  • I-hip-hop

  • Olunye uhlobo

Ingabe bewazi . . . ? Izinkampani zokuqopha ezine ezinkulu zikhipha ama-albhamu angu-30 000 unyaka ngamunye.

Okufanele ukugweme. Njengoba kunjalo ngamabhayisikobho nangezincwadi, umculo omningi wanamuhla ukhuluma ngokuziphatha okubi. Izosha zomculo ezikhuluma ngobulili nama-video abubonisa ingcaca kungenza kube nzima ngawe ukulawula inkanuko yobulili. (1 Korinte 6:18) Umculo omningi wanamuhla ukhuthaza ukuziphatha okumelene nezindinganiso zeBhayibheli, kanti isigqi senza abantu bafune ukudansa ngendlela evusa inkanuko,” kusho uLeigh, oneminyaka engu-21.

Indlela yokukhetha. “Ngiyazibuza, ‘Ukube bengingavumela abantu abadala abangamaKristu bahlole ukuthi nginamuphi umculo, bengingaba namahloni yini ngalokho abebeyokuthola?’ Lokho kuyangisiza ngibe nombono wokuthi hlobo luni lomculo okufanele ngabe ngiyalulalela.”—ULeanne.

Icebiso. Kulungele ukuzama izinhlobo ezihlukahlukene zomculo. “Ubaba uyawuthanda umculo we-classic, ngakho ngangihlale ngiwuzwa lapho ngisakhula,” kusho osemusha okuthiwa uRoberto. “Ukufunda ngomculo we-classic, ngibe ngifunda ukudlala upiyano ngakolunye uhlangothi, kwangibonisa olunye uhlangothi kwezomculo!”

Zibuze,

‘Ingabe umculo engiwulalelayo ukwenza kube lula—noma kube nzima ukulawula izinkanuko zobulili?’

FUNDA OKWENGEZIWE NGALE NDABA!

Bheka incwadi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2, Izahluko 31 no-32, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 3 I-Phaphama! ayitusi noma igxeke ngokugagula ngegama noma iyiphi ibhayisikobho, incwadi noma ingoma. Injongo yalesi sihloko ukukusiza uhlakulele futhi ulandele unembeza oqeqeshwe yiBhayibheli ozwelayo ezindinganisweni zikaNkulunkulu.—IHubo 119:104; Roma 12:9.

^ isig. 13 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.