Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izihluthulelo Zokuba Nobulungisa

Izihluthulelo Zokuba Nobulungisa

Izihluthulelo Zokuba Nobulungisa

UMDALI wethu ufuna sijabule, sibe nokuthula kwangaphakathi futhi sibangele injabulo nakwabanye. Ngakho, usinxusa ukuba ‘sibonise ubulungisa, sithande umusa.’ (Mika 6:8) Singakwenza kanjani lokho? Kufanele sihlakulele izimfanelo eziyovimba imikhuba ebangela ukungabi nabulungisa. Cabanga ngendlela iBhayibheli elingasisiza ngayo ukwenza lokhu.

UKUNQOBA UBUGOVU. Isikhali esinamandla kunazo zonke ekulweni nobugovu uthando—hhayi nje umuzwa wesikhashana noma wokuthatheka—kodwa uthando lokuzidela ngenxa yabanye abantu. Lolo hlobo ‘lothando lunomusa,’ futhi “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu,” kusho eyoku-1 Korinte 13:4. Ngaphezu kwalokho, lolu thando alugcini nje kumalungu omkhaya nabangane. UJesu wabuza, “Uma nithanda labo abanithandayo, ninamvuzo muni na?” Wanezela nokuthi ngisho nalabo abangamazi uNkulunkulu bayabathanda abantu ababathandayo.—Mathewu 5:46.

UKUNQOBA UKUCWASA. IzEnzo 10:34, 35 zithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” UNkulunkulu akabasindisi abantu ngenxa yohlanga lwabo, isimo sabo emphakathini noma ubulili. Emehlweni akhe “akekho umJuda noma umGreki, akekho oyisigqila noma okhululekile, akekho owesilisa noma owesifazane.” (Galathiya 3:28) Uma silingisa uNkulunkulu, sinqoba ukucwasa. Cabanga ngesibonelo sikaDorothy, owayehlala e-United States.

UDorothy kwakumcasula kakhulu ukucwaswa kangangokuba wafuna ukuba nengxenye ekuvukeleni ukuze akhulule abantu abansundu ekucindezelweni. Nokho, phakathi naleso sikhathi, waya emhlanganweni wamaKristu woFakazi BakaJehova futhi wahlatshwa umxhwele ukwamukelwa ngemfudumalo akuthola kwabamhlophe nabansundu. Kungakabiphi, wabona ukuthi uNkulunkulu kuphela ongashintsha ingaphakathi labantu. Lapho ethola uthando oluqotho loFakazi abamhlophe—abantu ayethe “angababulala ngaphandle kokuthandabuza ukuze afeze injongo yokuvukela”—inhliziyo yakhe “yajabula” kangangokuba wadinda isililo.

UKUNQOBA IZIMO ZENGQONDO ZOKUNGABATHANDI ABANTU. Ngaphambi kokuba babe amaKristu, abanye babalandeli bakaJesu bokuqala babekade beyizidakwa, abaphangi, bethanda imibuthano exokozelayo futhi beyizithuki. Kodwa, ngosizo lukaNkulunkulu leyo mikhuba emibi yathathelwa indawo uthando, umusa nobuhle. (1 Korinte 5:11; 6:9-11; Galathiya 5:22) Ngokufanayo nanamuhla, izigidi zabantu zenzé ushintsho oluhle ekuphileni kwazo ngokukhulekela uNkulunkulu. Isibonelo salokhu uFiruddin, ohlala e-Azerbaijan.

UFiruddin wakhulela ekhaya lezintandane, lapho ayevame ukulwa khona nabanye abafana. Lapho esekhulile, wafundisa abantu ukulwa ngenqindi. Uthi, “Ngangiluhlaza, nginonya nobudlova. Lapho sidla, uma kwenzekile umkami uZahra wakhohlwa okuthile—ngisho nothi lokuvungula imbala—ngangimshaya. Uma othile embuka njengoba ngihamba naye, nalowo muntu ngangimshaya!”

Ngelinye ilanga, uFiruddin wathinteka enhliziyweni lapho efunda ukuthi uJesu wacela uNkulunkulu ukuba awaxolele amasosha ayembethele. (Luka 23:34) Wacabanga, ‘INdodana kaNkulunkulu kuphela eyayingenza lokhu.’ Ngemva kwalokho, waqala ukufuna uNkulunkulu. Lapho oFakazi BakaJehova bethi bangamsiza, wasamukela ngokukhululekile isifundo seBhayibheli. Kungakabiphi, ubuntu bakhe baqala ukuthuthuka. Empeleni, waba nomusa kuZahra kangangokuba naye waqala ukufunda iBhayibheli. Namuhla bobabili bamunye ekukhulekeleni kweqiniso ngokuthula.

Kuyiqiniso ukuthi izinguquko esingase sizenze ekuphileni kwethu ngeke zishintshe umhlaba wonke! Kodwa, kuthiwani uma injongo kaNkulunkulu iwukuletha umhlaba omusha onobulungisa beqiniso? Empeleni, unawo amandla okukwenza lokhu! Cabanga ngalokhu: Kweyesi-2 Thimothewu 3:1-4, ecashunwe ekuqaleni kwesihloko esandulele, sibonile ukuthi iBhayibheli labikezela ngokucacile ukuthi abantu babeyoba njani esikhathini sethu. Lokhu kuye kwagcwaliseka njengoba kunjalo—njengoba kunjalo nangezinye iziprofetho zeBhayibheli eziningi. Ngakho, asizona iziwula uma sethemba isithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda ukungabikhona kobulungisa. Ngempela, uNkulunkulu uzoyifeza leyo njongo. Kanjani?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

UKUFUNA KUKAHEIDE UBULUNGISA

“Lwalungithukuthelisa ubandlululo, izimpi, ububha nezinye izinto ezingebona ubulungisa, futhi ngangifuna isixazululo,” kukhumbula uHeide, ohlala e-United States. “Ngazama ukusebenzisana nenhlangano elwela amalungelo abantu futhi ekugcineni ngazihlanganisa nenhlangano yezombangazwe, kodwa konke lokhu akuzange kululethe ushintsho lwangempela.

“Ngaba nomuzwa wokuthi ushintsho lwaludingeka ngokushesha ngempela, futhi inhlangano yama-hippie yayibonakala iletha ithemba. Kodwa nayo ayiphumelelanga. Ngaphawula ukuthi abangane bami abangama-hippie babezithandela ubulili, izidakamizwa nomculo we-rock and roll kunokushintsha isimo—lokhu kwangenza ngaba nokucindezeleka okukhulu. Ngabe sengihlangana nomunye woFakazi BakaJehova. Wangibonisa eBhayibhelini ushintsho uNkulunkulu ahlose ukulwenza. Ngokwesibonelo, wangibonisa imiBhalo enjengesAmbulo 21:3, 4, esithi uNkulunkulu uyosula izinyembezi ebusweni babo bonke abantu aqede ukulila, ukukhala nobuhlungu—ngokuvamile okuba umphumela wokungabi nabulungisa. Ngazibuza, ‘Ingabe lezi zithembiso ziyiqiniso?’

“Ukungabaza kwami kwaphela lapho ngifunda lokho okushiwo yimiBhalo ngamandla nothando lukaNkulunkulu, nalapho sengiluzwa lolu thando phakathi koFakazi BakaJehova. Manje ngikulindele ngabovu ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu.”

[Isithombe ekhasini 6]

Kuyanqotshwa ukucwasa uma silingisa uthando lukaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 6]

UFiruddin nomkakhe uZahra