Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Intsha Iyabuza

Kungani Abazali Bami Bengaqondi?

Kungani Abazali Bami Bengaqondi?

AKE UCABANGE NGALESI SIMO.

Yihora lesithupha ntambama ngoLwesihlanu futhi uJim oneminyaka engu-17 uphuthuma emnyango wendlu ongaphambili. “Ngizobuye nginibone!” usho ememeza abazali bakhe, enethemba lokuthi ngeke bambuze umbuzo abahlale bembuza wona.

Kodwa bekufanele ngabe uyazi ukuthi lokho ngeke kwenzeke.

“Uzobuya nini, Jimmy?” kubuza umama wakhe.

UJim uyama. “Eh . . . eh . . . ,” engingiza, “ningazihluphi ngokungilinda.” UJim uvula umnyango futhi uzitshela ukuthi usephunyukile. Kodwa uyise uyamemeza, “Yima lapho, James!”

UJim uphinde ame khimilili, abese ezwa izwi likayise eliqinile: “Uyawazi umthetho. Ngehora leshumi ube usubuyile—akujiki futhi!”

UJim uyakhononda njengoba eya kuyise, “Hawu Baba, uyazi ukuthi kuzongilulaza kanjani ukutshela abangane bami ukuthi kumelwe ngisheshe ngiphindele ekhaya?”

Uyise akayingeni leyo. Uyaphinda, “Ngehora leshumi ube usubuyile futhi akujiki!”

MHLAWUMBE uke waba sesimweni esifanayo. Kungakhathaliseki ukuthi indaba yayiphathelene nesikhathi sokubuya ekhaya, umculo, abangane noma izingubo, abazali bakho babebeke umthetho futhi babengazimisele nakancane ukuwushintsha. Ngokwesibonelo:

“Ngemva kokushada nomama, usingababa wamelana nawo wonke umculo engangiwuthanda. Ngagcina sengiwalahle wonke ama-CD ami!”UBrandon. *

“Umama uyangigxeka ngokuthi anginabangane. Kodwa uma ngicela ukuhamba nothile, uyenqaba ngoba ethi akamazi lowo muntu. Lokho kuyangikhungathekisa!”UCarol.

“Ubaba nosingamama abangivumeli ngigqoke isikibha esingimpintshayo. Kanti ubaba ungibelesela ngokuthi isikhindi sifushane kakhulu uma siphelela ngenhla kwamadolo!”USerena.

Ungenzenjani uma wena nabazali bakho ningaboni ngaso linye? Ungaxoxa yini nabo? “Abazali bami ngokuvamile abafuni ukungilalela,” kusho uJoanne oneminyaka engu-17. U-Amy, oneminyaka engu-15, uthi, “Uma nginomuzwa wokuthi abazali bami abangiqondi, ngivele ngizithulele.”

Kodwa ungasheshi uphonse ithawula! Kungenzeka abazali bakho bazimisele kakhudlwana ukulalela kunalokho okucabangayo.

Cabanga ngalokhu: Ngisho noNkulunkulu uyalalela lapho abantu bemchazela isimo esithile. Ngokwesibonelo, uJehova wamlalela uMose lapho ekhulumela ama-Israyeli angalaleli.—Eksodusi 32:7-14; Duteronomi 9:14, 19.

Ungase ube nomuzwa wokuthi abazali bakho abacabangeli ngendlela uNkulunkulu acabangela ngayo. Kuyavunywa nokuthi kunomehluko omkhulu phakathi kukaMose ekhuluma noJehova ngekusasa lesizwe sonke kanye nawe ukhuluma noBaba noMama ngokungasheshi ubuye ekhaya. Noma kunjalo, kunesimiso esisebenza kuzo zombili lezi zimo:

Uma kunephuzu elizwakalayo ofisa ukulivezela abasegunyeni—kule ndaba okungabazali bakho—bangase bakulungele ukukulalela.

Imfihlo yempumelelo iwukuthi uyiveza kanjani indaba yakho! Izinyathelo ezilandelayo zizokusiza wenze lokho ngempumelela eyengeziwe.

  1. Thola ukuthi iyini inkinga. Ngezansi, bhala into wena nabazali bakho okubonakala ningavumelani ngayo.

  2. Thola indlela ozizwa ngayo. Ngezansi, bhala igama elichaza indlela umbono wabazali bakho kuleyo ndaba okwenza uzizwe ngayo—kungaba ukuzwa ubuhlungu, ukudumala, ukululazeka, ukuzizwa ungethenjwa noma okunye. (Ngokwesibonelo: Endabeni esesethulweni salesi sihloko, uJim uphawule ukuthi isikhathi sokuba abe sekhaya esibekwe abazali bakhe simenza azizwe elulazeka kubangane bakhe.)

  3. Cabanga njengomzali. Ake sithi unengane ebhekene nesimo esifanayo naleso osibhale eSinyathelweni #1. Ukube ubungumzali, yini ebingakukhathaza kakhulu futhi ngani? (Isibonelo: Endabeni esiqale ngayo, abazali bakaJim bangase bakhathazeke ngokuphepha kukaJim.)

  4. Phinde uyihlole futhi indaba. Phendula le mibuzo elandelayo:

    Iyiphi inzuzo oyibonayo embonweni wabazali bakho?

    Yini ongayenza ukuze bayeke ukukhathazeka?

  5. Khuluma nabazali bakho ngale ndaba futhi nithole isixazululo. Ngokusebenzisa izinyathelo eziboniswe ngenhla, nangokucabangela ukusikisela okusebhokisini elithi “ Amacebiso Okukhulumisana”—ungase uthole ukuthi ungakhuluma nabazali bakho ngendlela ebonisa ukuvuthwa. UKellie usejabulela lobo buhlobo noyise nonina. Uthi, “Ukuqophisana akukuyisi ndawo, kanti vele uzohluleka. Into engisizayo mina ukubonisana nabazali bami. Ngokuvamile siyaye sifinyelele isiphetho esisanelisayo sonke.”

 

^  Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.