Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuntuleka Kobulungisa Kuyalimaza!

Ukuntuleka Kobulungisa Kuyalimaza!

Ukuntuleka Kobulungisa Kuyalimaza!

NGO-2010, uMichael wakhululwa ejele laseTexas, e-U.S.A., ngemva kokudonsa iminyaka engu-27 ngecala lokudlwengula—nakuba ayengalenzanga. Wakhululwa ngemva kokuba ucwaningo lwe-DNA—olwalungakabi khona ngesikhathi egwetshwa—lwembula ukuthi akanacala. Kamuva iziphathimandla zabathola abantu ababenze leli cala, kodwa ukubashushisa kwakungenakwenzeka, ngoba umthetho uthi leli cala lase lidlulelwe isikhathi.

Izigebengu eziningi azibhekani namacala azo. Ngokwesibonelo, eBrithani, “sesiphindeke kabili isibalo samacala okubulala angaxazululiwe eminyakeni eyishumi edlule, okubangela ukwesaba kokuthi amaphoyisa nezinkantolo kuyahluleka ukulwa nobugebengu,” kusho umbiko we-Telegraph.

Ngo-August 2011, amaphoyisa aseBrithani ahluleka ukulawula olunye uhlobo lobugebengu—imibhikisho enobudlova eBirmingham, eLiverpool, eLondon nakwezinye izindawo. Amaqembu anobudlova athungela imililo, aphihliza amawindi ezitolo, antshontsha, ngaleyo ndlela angagcina nje ngokonakalisa amabhizinisi, izindlu nezimoto kuphela kodwa nendlela yokuziphilisa. Yini eyawashukumisela kulezi zenzo? Abaningi babeshukunyiswa ubugovu nje kuphela. Kodwa kwabanye, lezi zenzo zazibonakala ziwukusabela ekuntulekeni kobulungisa. Kuthiwa labo ababebhikisha kungenzeka ukuthi kwakuyintsha ecindezelekile, ekhulela emiphakathini empofu enomuzwa wokuthi “ivalelwe amathuba” futhi ayinalo ikusasa.

Umlingiswa waseBhayibhelini uJobe wathi: “Ngilokhu ngikhale njalo ngicela usizo, kodwa abukho ubulungisa.” (Jobe 19:7) Ngokufanayo namuhla, abantu abaningi bakhalela ubulungisa, kodwa ngokuvamile, ukukhala kwabo akuzwakali. Empeleni, ingabe ukhona umuntu ongaqeda ukungabi nabulungisa? Noma, ingabe ithemba lokuthi kuyoba nobulungisa esikhathini esizayo limane nje liyisifiso sabantu abantula ukuhlakanipha? Ukuze sithole impendulo eyanelisayo, kufanele sihlole ezinye zezimbangela zokungabi nabulungisa.