Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Induduzo kwabasosizini

Induduzo kwabasosizini

 Induduzo kwabasosizini

▪ Incwajana enezithombe enamakhasi angu-32, ethi Lapho Ufelwa Othandekayo inikeza induduzo. Ingabasiza labo abasosizini ukuba baqonde futhi bakwazi ukubhekana nemizwelo eba khona ngemva kokufa kothandekayo. Ingxenye ethile yale ncwajana ikhuluma ngendlela abanye abangabasiza ngayo labo abasosizini.

Le ncwajana iphendula imibuzo enjengethi: Ngingaphila kanjani nosizi engikulo? Yiliphi ithemba elikhona ngabafileyo? Iveza incazelo yeBhayibheli ephathelene nokufa nesimo sabafileyo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi, ikhuluma ngesithembiso sikaNkulunkulu asenza ngoJesu Kristu, sokuvuka kwabafileyo baphile emhlabeni ohlanziwe oyipharadesi.

Mhlawumbe wena noma othile omaziyo uyothola induduzo ngokufunda le ncwajana. Ungazicelela ikhophi yakho.

Ungacela ikhophi yale ncwadi ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.