Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho Izingane Ezikudinga Kubazali

Lokho Izingane Ezikudinga Kubazali

Izingane namuhla zichayeke ebudloveni bezinga elingakaze libonwe nasekuziphatheni okuyichilo. Ngakho, abantabethu badinga imithetho yokuziphatha nesiqondiso esingokomoya kunanini ngaphambili. Abazali bangalutholaphi usizo lokuqeqesha izingane zabo? Abazali abaningi abaphumelele basebenzise iBhayibheli, beqaphela ukuthi iziqondiso zalo mayelana nokuphila nezimiso zokuziphatha azinakuqhathaniswa.

Ukuze kusizwe abazali bafundise izingane zabo, oFakazi BakaJehova balungiselele incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Izahluko ezingu-48 zale ncwadi zihlanganisa ezithi: “Ukulalela Kuvikela Wena,” “Isizathu Sokuba Sixolele Abanye,” “Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga,” “Izinto Ezingasisiza Sinqobe Ukwesaba,” nesithi “Isizathu Sokuba Sisebenze.”