Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Beka Izindinganiso Ezinhle Zokuziphatha

Beka Izindinganiso Ezinhle Zokuziphatha

Abazali abahlakaniphile bafundisa abantwana babo izindinganiso zokuhle ezitholakala eBhayibhelini

“Ekuqaleni, ngangingaphili ngezindinganiso zeBhayibheli futhi ngikuthola kunzima ukuqeqesha abantwana bami. Kodwa manje sekulula kakhulu ngoba sengisizwa yiBhayibheli.”—U-ELIZABETH WASENINGIZIMU AFRIKA.

Inselele.

Ukucindezela kontanga esikoleni nokuwohloka kwesimilo ezweni kunethonya elinamandla emikhayeni. Ukuze abantwana bamelane naleli thonya elibi, badinga izindinganiso zokuhle. Ngaphandle kwalokho, ayoba mancane amathuba okuba babe nokwethenjelwa, baqondiswe izimiso futhi babe nemikhuba emihle lapho sebekhulile.

Ukusikisela.

Abazali abaningi abangabodwa, kuhlanganise nalabo abacashunwe kulolu chungechunge lwezihloko, bathembela eBhayibhelini ukuba libaqondise, beqaphela ukuthi liqukethe ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okungenakuqhathaniswa. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngesimiso esibaluleke kunazo zonke—ukubonisa uthando lwangempela.

“Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alunamagqubu. Alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabulela iqiniso. Lubekezelela zonke izinto, . . . luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto. Uthando alusoze lwaphela nanini.”—1 Korinte 13:4-8.

Lapho abazali bebonisa uthando olunjalo, abantwana babo bakhula kahle. UColette ohlala eFrance, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wabhala: “Ngangibatshela njalo abantwana bami ukuthi ngiyabathanda. Ngangibatshela nokuthi bayizipho ezivela kuNkulunkulu futhi lokho kubenza badinge ukunakekelwa kahle. Nabo ngokufanayo, kwakudingeka baziphathe kahle futhi bangihloniphe mina noyise [ongahlali nathi]. Lezi zimiso ziye zasiza ekwakheni umoya wokwethembana nokuhloniphana ekhaya.”—IHubo 127:3.

U-Anna ohlala ePoland, wabhala: “Lapho abantwana bami bephikisana ngokuthile, ngibakhumbuza amazwi kaJesu athi, lokho esifuna abanye bakwenze kithi, nathi kufanele sikwenze kubo.” (Mathewu 7:12) URoberto okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ubhekene nenkinga evamile kubazali abaningi abangabodwa. Uyaphawula: “Abantwana babhekene nesimo lapho kumelwe baphile ngezindinganiso ezingefani—ezakho nezomzali abangahlali naye. Lapho ngigcizelela izindinganiso zeBhayibheli, ngiyazi ukuthi ngeke ngibe umzali oyintandokazi ngalolo suku noma ngalelo sonto.” Ngaphezu kwalokho uthi, “Lo mzali ongahlali nabantwana angase abaphe izipho enethemba lokuthi bazothanda yena kakhulu. Kunzima ukumelana nokucindezelwa okunjalo, kodwa ukukhuluma kahle nabantwana kuyasiza.”

Akulula ngaso sonke isikhathi ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli, kodwa imiphumela yako iwufanele ngempela umzamo! USarah, umzali ongayedwa waseNingizimu Afrika, uthi: “Ngiyajabula ngokuthi abantwana bami baye bakhuliswa ngesiqondiso sikaJehova. Kuyiqiniso ukuthi siye sabhekana nezinselele, kodwa uNkulunkulu ubelokhu esisekela.”