Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thembela Osizweni LukaNkulunkulu

Thembela Osizweni LukaNkulunkulu

Uyathembela yini osizweni lukaNkulunkulu ekukhuliseni abantwana?

“Lapho umyeni wami engilahla nabantwana, nganxusa uNkulunkulu ukuba asisekele. Wawuphendula umthandazo wami. Asikaze siswele lutho esiludingayo. Uye wasisiza futhi wasiqondisa.”—UMAKI WASEJAPANE.

EZWENI lanamuhla eliya lithanda izinto ezibonakalayo, abantu ngokuvamile abacabangi kangako ngoNkulunkulu. Nokho, uMdali wethu unesithakazelo kithi futhi ufuna siphumelele ekuphileni. Indlela azizwa ngayo ivezwe kahle encwadini ka-Isaya 41:10: “Ungesabi, ngoba nginawe. . . . Impela ngizokusiza.”

Esihlokweni esandulele, sixoxe ngendlela uNkulunkulu asisiza ngayo esebenzisa izindinganiso zokuhle ezitholakala eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:16) Kodwa iBhayibheli lenza okungaphezulu kakhulu kokusiqondisa. Lembula izimfanelo zikaNkulunkulu ezimangalisayo nothando lwakhe ngathi. Ngakho, njengoba nje abazali abaningi abangamaKristu—abangabodwa nabashadile—beye bazibonela, lapho sisebenzisa izimfundiso zeBhayibheli, siyabubona ngempela ubuhle bukaNkulunkulu.

URobert wase-Austria uthi: “UJehova uNkulunkulu ungubaba noma umama ongcono kunanoma ubani kithi. Uyakwazi okudingwa abantwana bethu futhi uyayazi nendlela yokubavikela. Ngakho, mina nendodakazi yami sihlale sithandaza kuye.”

U-Ayusa waseJapane uthi: “Kuyangijabulisa ukubona ukuthi indodana yami yethembele ekusekeleni kukaJehova lapho ithi, ‘UJehova unathi, konke kuzolunga.’”

UCristina wase-Italy uthi: “Lapho inkinga ibonakala ingaphezu kwamandla ami, ngithandaza kuJehova, ngiyishiyele kuye. Ngokushesha, ngiba nokuthula kwangaphakathi, ngazi ukuthi leyo nkinga izoxazululeka ngendlela engcono kunazo zonke.”

ULaurentine waseFrance uthi: “Ngingakuqinisekisa ukuthi uJehova uye wangibusisa njengomzali ongayedwa. Ngempela, uyamkhulula ohluphekile nentandane.”

UKeiko waseJapane uthi: “UNkulunkulu akakhethi. Ufuna ukubonisa ububele besisa kuyo yonke imikhaya, kungakhathaliseki ukuthi inabazali ababili noma inoyedwa nje.”—IzEnzo 10:34.

Ebonisa isihe nokusikhathalela kukaNkulunkulu, uJesu Kristu wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke . . . , ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” (Mathewu 11:28-30) Ngokuqinisekile, uJesu noYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, bafuna sizizwe silondekile ngaphansi kokunakekela kwabo kothando. Incwadi yeHubo 34:8, ithi: “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle.” Yebo, uNkulunkulu ufuna uzibonele mathupha ukuthi iseluleko sakhe siyasebenza nokuthi ukufunela okungcono kakhulu. Uyosamukela yini isimemo sakhe sothando?