Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abazange Bangidele

Abazange Bangidele

Ngangibuthanda utshwala nokulwa. Langa limbe ngathola izindaba ezibuhlungu ezangenza ngaphinde ngahlolisisa ukuphila kwami. Ake ngichaze.

NGAZALWA ngo-1943 eRubottom e-Oklahoma, e-U.S.A. Ekukhuleni kwami, ngangiwuphuma silwe. Ngaqala ukuphuza ngonyaka wami wokugcina esikoleni samabanga aphakeme. Njengoba nobaba ayeyisidakwa esiyisidlova, ukuphuza kwami kwaholela ekubeni nobungane obungavamile naye. Sasiya emidansweni nakweminye imibuthano ndawonye ukuze nje siyophuza futhi silwe.

Ngo-1966 ngashada, futhi mina nomkami uShirley, saba nezingane ezimbili, u-Angela noShawn. Noma kunjalo ngaqhubeka nokweqisa otshwaleni. Ukuze ngithole imali, ngaqala ukutshala nokuthengisa insangu. Ngangibuye ngisebenze njengomqaphi emashibhini endawo, okwanginika ithuba lokuzanelisa ngotshwala nangobudlova. Ngaleso sikhathi, ngangingesabi lutho futhi ngingesabi muntu, kanti ngangingenandaba nemizwa yabanye.

“Ungalethi Muntu Lapha Ozongifundekela!”

Umzala kaShirley wathuthela eCalifornia, okwathi ngemva kokufunda iBhayibheli, waba omunye woFakazi BakaJehova. Ekubuyeleni kwakhe e-Oklahoma, waxoxa noShirley ngalokho ayekufundile, ngokushesha uShirley walibona iqiniso. Ngemva kokulifunda ngokucophelela iBhayibheli, uShirley naye wanquma ukuba omunye woFakazi BakaJehova, futhi wabhapathizwa ngo-1976. Ngangingafune kuzwa lutho ngenkolo yakhe. Ngathi: “Ungalethi muntu lapha ozongifundekela! Ngeke kusebenze.”

UShirley akazange ayekethise ezimisweni zeBhayibheli futhi waqhubeka engibonisa uthando. Eqinisweni, ngaphambi kokuba ahambe nezingane baye emihlanganweni yobuKristu eHholo loMbuso, wayengimema ngomusa ukuthi ngihambe naye. Ngokufanayo, u-Angela wayethi, “Baba, ngifisa sengathi ungahamba nathi.”

Ngenxa yokuthi ngangiyisephula-mthetho, ngangihlale ngiphethe ivolovolo. Ngaphandle kwalokho, ngangibuye nginyamalale izinsuku eziningi, okwakudala ukungezwani emshadweni. Uma sengibuyile ngangizama ukulungisa izinto noShirley ngokuba ngiye emihlanganweni embalwa. OFakazi babehlale bengibonisa umusa, futhi izimfundiso zabo zaziqondakala.

Ngokuhamba kwesikhathi, umdala othile webandla wacela ukufunda nami iBhayibheli. Ngavuma. Ngeshwa, engangikufunda akungithintanga kangako—isizathu esiyinhloko ukuthi ngangiqhubeka ngizihlanganisa nabangane  bami bakudala. Ekuqaphela lokho, lo mdala wafunda nami izimiso zeBhayibheli mayelana nengozi yokuzihlanganisa nabangane ababi. (1 Korinte 15:33) Nakuba iseluleko sakhe sasingokomBhalo, ngacasuka, ngayeka ukufunda futhi ngagxila nakakhulu emikhubeni yami yangaphambili. Yeka indlela ubuwula bami obamzwisa ubuhlungu ngayo uShirley nezingane!

“Sisakuthanda”

Ngo-1983, ngathola izindaba ezibuhlungu. Umshana wami engangimthanda, wayeshonile. Lokho kwangizwisa ubuhlungu obukhulu, kwangishukumisela ukuba ngicabangisise ngokuphila kwami. Ngabona ukuthi ngidicilela phansi umshado nomkhaya wami—yebo, konke lokho okwakubalulekile kimi. Lokhu kucabanga ngezinto ezibalulekile kwangishintsha. Emngcwabeni kamshana wami, uJohn, uFakazi osekhulile wanganga ngomusa wathi, “Ngifuna nje wazi ukuthi sisakuthanda.” Leso kwakuyisikhuthazo engangisidinga! Ngashayela uJohn ucingo ngosuku olulandelayo ngamtshela ukuthi ngifuna ukuqhubeka nesifundo seBhayibheli, nginethemba lokuthi manje ngizokwenza izinguquko okufanele ngabe kade ngazenza.

Phakathi nesifundo sethu sokuqala, saxoxa ngomthandazo futhi ngamtshela uJohn ukuthi ngizoke ngizame ukuthandaza. Ngosuku olulandelayo ngaqala ukufuna umsebenzi okahle, kodwa angiwutholanga. Njengoba ngangilokhu ngihamba ngeveni yami, ngathandaza ngokuzwakalayo, “Jehova, uma ufuna ngihlale kule ndawo kufanele ungitholele umsebenzi.” Emva kwalokho ngacabanga, ‘Ubuwula phela lobu—ukuhamba ngikhuluma ngedwa.’ Kwakusobala ukuthi ukholo lwami kuNkulunkulu “njengoMuzwi wemithandazo” kwakusadingeka lukhule—njengoba kwakunjalo nangezinga lemithandazo yami! (IHubo 65:2) Kodwa okumangazayo ukuthi ngawuthola umsebenzi ngosuku olulandelayo!

Ukuqaphela amandla omthandazo kwakhulisa uthando lwami ngoJehova futhi kwangenza ngasethemba nakakhulu isiqondiso sakhe

Ngemva kwalokho, ngaqala ukuthandaza njalo nangobuqotho. Njalo nje ngangibona izibusiso zikaJehova. Ngangilokhu ngikholelwa kuNkulunkulu, kodwa lokhu okuhlangenwe nakho kwangisiza ngabona ukuba yiqiniso kwamazwi akweyoku-1 Johane 5:14, athi: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” Ukuqaphela amandla omthandazo kwakhulisa uthando lwami ngoJehova futhi kwangenza ngasethemba nakakhulu isiqondiso sakhe.—IzAga 3:5, 6.

Uma sengiqala futhi ukuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu, oFakazi bangamukela ngemfudumalo. Ngaphezu kwalokho, ngaqala ukuqaphela ukuthi ngempela ‘bathandana kakhulu  ngokusuka enhliziyweni’ futhi lokhu kwangithinta ngokujulile. (1 Petru 1:22) Ngaqala nokuqonda iqiniso elisencwadini yezAga 13:20 elithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”

Kwase kuyiminyaka ngibanga inkathazo nobuhlungu emndenini wami, kodwa manje ngase ngizama ukuba nokuthula nokuba umyeni nobaba ongcono, okhulumisana kahle nomkhaya. Ngaqala ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli esithi: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu,” nesithi obaba kufanele ‘bangabathukuthelisi abantwana babo, ukuze bangadangali.’—Efesu 5:28; Kolose 3:21.

Kuyaqondakala ukuthi izinguquko engangizenza zaba nomphumela omuhle emkhayeni wami. Ngenxa yalokho, amazwi kaJesu akuMathewu 5:3 akhanya bha: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” Ekugcineni, ngase ngithole injabulo yangempela!

Ngo-June 1984, indodakazi yami u-Angela, kwaxoxwa nayo emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Wachaza indlela engangiphila ngayo ngaphambili wabe esekhuluma ngezinguquko engase ngizenzile. Waphetha ngokuthi wayejabule kakhulu ngokungibona ngihleli ezihlalweni ezingaphambili ngikanye nalabo ababezobhapathizwa ngalolo suku.

Nginomkami uShirley

Yeka indlela engibonga ngayo ngokuthi uJehova akabadeli abantu abanjengami! Ngiyambonga uShirley nezingane zethu ngokungakhathali yimina. UmKristu weqiniso, uShirley wawusebenzisa ngokwethembeka umyalo okweyoku-1 Petru 3:1: “Bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo.” Ukwethembeka, ukubekezela nokuziphatha kahle kwakhe kuyo yonke le minyaka ngiwuhlupho kwangivulela ithuba lokusanguluka ekugcineni.

Selokhu ngabhapathizwa, bengilokhu ngisebenzisa isibonelo sakhe ukukhuthaza abanye abashade nabangakholwa ukuba bangaliphonsi ithawula. Ngiyabatshela ukuthi: “Ngesikhathi esifanele, uJehova angasebenzisa amandla eZwi lakhe iBhayibheli nokuziphatha kwenu okuhle ukusiza enishade nabo bashintshe—ngisho noma ekuqaleni kungase kubonakale sengathi ngeke kwenzeke.”