Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Beka Imingcele Ecacile

Beka Imingcele Ecacile

Qina futhi ugcine izwi lakho

“Ukukhulisa abantwana uwedwa akulula—ikakhulu lapho befinyelela enkathini yokuthomba futhi bethonywa yizwe ukuba bavukele abazali babo.”—UDULCE WASENINGIZIMU AFRIKA.

Inselele.

IBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” abantwana ngokuvamile babeyoba ‘abangabalaleli abazali.’—2 Thimothewu 3:1, 2.

Ukusikisela.

Yazi ukuthi “abantwana bayakudinga ukwazi imithetho nalokho okulindelwe abazali ukuze benze kahle.” (Kusho uBrook Noel encwadini ethi The Single Parent Resource) Isazi sokusebenza kwengqondo esisiza abantwana nemikhaya uBarry G. Ginsberg sithi: “Ubuhlobo buba ngcono futhi abucindezeli kangako uma imingcele icacile.” Wanezela: “Lapho imingcele isobala nalapho ichazwe ngokucacile, yilapho kuba lula khona ngemikhaya ukuba ihlale ijabulile.” Ungayibeka kanjani imingcele ecacile?

Qina, futhi ugcine izwi lakho. (Mathewu 5:37) Ucwaningo olwenziwa e-Australia lwembula ukuthi abantwana bavame ukuba wuhlupho uma abazali bengovuma zonke futhi bebatotosa. Kunjengoba iBhayibheli lisho: “Umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.”—IzAga 29:15.

Ungayivumeli imizwa yecala ngesimo sakho njengomzali ongayedwa ikwenze ukuba ube ngumzali oyekelelayo. UYasmin ocashunwe ekuqaleni uthi, “Ngezinye izikhathi ngiqale ngiwadabukele amadodana ami amabili ngenxa yokuthi akhulela ekhaya elinomzali oyedwa.” Kodwa njengoba sizobona, akazange avumele imizwa yakhe, eyayingemibi yona ngokwayo, ukuba iphazamise ukwahlulela kwakhe okuhle.

Ungaguquguquki. I-American Journal of Orthopsychiatry ithi, “Kubalulekile ukuba abantwana bahlale beqiniseka ukuthi kunesiyalo esingaguquguquki ngoba lokho kungase kugweme ukuba babe nezinkinga zokuziphatha nezingokomzwelo.” UYasmin uthi: “Ngahlala phansi nabafana bami, saxoxa ngesiyalo. Lapho benza okungalungile, ngizama ukungaguquguquki. Nakuba kunjalo, ngiye ngafunda ukulalela kuqala bese ngichaza ngomoya ozolile ukuthi kungani leso senzo sabo singafaneleki emkhayeni.” Yilapho-ke lapho ngibe sengikhipha khona isiyalo engisuke ngibaxwayisile ngaso.”

Yiba obonelelayo; ungasikhiphi isiyalo uthukuthele. Nakuba kudingeka uqine kokulungile, kuyadingeka nokuba uvumelane nezimo uma kufaneleka. UJakobe 3:17 uthi, “ukuhlakanipha kwaphezulu”—okuvela kuNkulunkulu—“kuyabonelela.” Abantu ababonelelayo abenzi izinto ngamawala noma bevutha ngentukuthelo. Abahlali bencike ‘emthethweni olotshiwe’ lapho bekhipa isiyalo. Kunalokho, bayacabanga kuqala, mhlawumbe baze ngisho bathandaze ngendaba bese-ke bekwazi ukwenza izinto ngokuzola kakhudlwana nangendlela efanele.

Ukungaguquguquki, ukuqina nokubonelela—okuhambisana nesibonelo sakho esihle—kuyokusiza ukwazi ukubeka imingcele eyokwenza ikhaya lakho libe isiphephelo sangempela ezinganeni zakho.